Ingabe ama-Israyeli ayebulala izelelesi ngokuzilengisa esigxotsheni?

Ezikhathini zasendulo izizwe eziningi zazibulala izelelesi ezithile ngokuziphanyeka esigxotsheni. AmaRoma ayebophela noma abethele iselelesi esigxotsheni, lapho esasingase siqhubeke khona siphila izinsuku eziningana ngaphambi kokuba siphelelwe amandla ngenxa yezinhlungu, ukoma, indlala nokuchayeka elangeni nasemakhazeni. AmaRoma ayebheka ukulengiswa njengesijeziso esiyihlazo esasigcinelwe izelelesi ezimbi kakhulu.

Kuthiwani ngesizwe sakwa-Israyeli wasendulo? Ingabe ama-Israyeli ayebulala izelelesi ngokuzilengisa esigxotsheni? UMthetho KaMose wawuthi: “Uma kwenzeka umuntu eba nesono esithile esifanelwe yisigwebo sokufa, wayesebulawa, umlengisé esigxotsheni, isidumbu sakhe akufanele sihlale ubusuku bonke esigxotsheni; kodwa kufanele nakanjani umngcwabe ngalo lolo suku.” (Dut. 21:22, 23) Ngakho-ke, kusobala ukuthi ngesikhathi semiBhalo YesiHebheru umuntu owayefanelwe ukufa wayebulawa kuqala abese elengiswa esigxotsheni noma emthini.

Ngokuphathelene nalokho, uLevitikusi 20:2 uthi: “Noma yimuphi umuntu wabantwana bakwa-Israyeli, nanoma yimuphi umfokazi ogogobele kwa-Israyeli, onikela nganoma iyiphi inzalo yakhe kuMoloki, kufanele abulawe nakanjani. Abantu bezwe kufanele bamshaye ngamatshe aze afe.” Labo ‘ababenomoya osebenza ngabantu noma umoya wokubikezela’ nabo babebulawa. Kanjani? ‘Babeshaywa ngamatshe.’—Lev. 20:27.

KuDuteronomi 22:23, 24, siyafunda: “Uma kwenzeka kuba khona intombi eyingoduso yomuntu, futhi enye indoda empeleni iyithole emzini futhi ilale nayo, kumelwe bobabili nibakhiphele esangweni lalowo muzi nibashaye ngamatshe, bafe, intombazane ngesizathu sokuthi ayizange imemeze emzini, nendoda ngesizathu sokuthi ilulaze umfazi womuntu wakubo. Kanjalo kumelwe ususe okubi phakathi kwakho.” Ngakho kuma-Israyeli okuqala ukukhanda ngamatshe kwakuyindlela eyinhloko yokubulala abantu abalahlwe icala elibi kakhulu. *

Ngokusobala, umuntu owayefanelwe ukufa wayebulawa kuqala bese elengiswa esigxotsheni noma emthini

UDuteronomi 21:23 uthi “umuntu olengisiwe uyinto eqalekiswe uNkulunkulu.” Ukuchaya obala isidumbu somuntu omubi ‘oqalekiswe uNkulunkulu’ ngokuqinisekile kwakuyowathinta ama-Israyeli. Ngempela, ukulengisa esigxotsheni noma emthini isidumbu salowo muntu obulewe kwakuyisixwayiso kwabanye.

^ isig. 6 Izazi eziningi ziyavuma ukuthi ngaphansi ko-Mthetho, iselelesi sasibulawa ngaphambi kokuba isidumbu saso silengiswe esigxotsheni. Nokho, kunobufakazi obubonisa ukuthi ngekhulu lokuqala, ezinye izelelesi amaJuda ayezibethela ziphila bese zifela esigxotsheni.