Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Kwenzekani EFrance?”

“Kwenzekani EFrance?”

 “Kwenzekani EFrance?”

Amazwi athi, “Inkululeko, inkululeko ethandekayo,” ngawe-“Marseillaise,” iculo lesizwe laseFrance. Akunakunga- tshazwa ukuthi inkululeko iyigugu. Nokho, izenzakalo zamuva zaseFrance zibangela ukukhathazeka ngokuthi inkululeko eyisisekelo ayiqashelwa. Yingakho ngoLwesihlanu ngo-November 3, 2000, amashumi ezinkulungwane oFakazi BakaJehova asakaza amakhophi ayizigidi ezingu-12 epheshana elikhethekile elinesihloko esithi “Kwenzekani EFrance? Ingabe Inkululeko Ingahlehlela Emuva?”

SEKUYIMINYAKA eminingana manje oFakazi BakaJehova eFrance behlaselwa yizazi zezombangazwe namaqembu ahlukahlukene amelene namahlelo. Lokhu kuye kwabadalela ubunzima oFakazi ngabanye, njengamabandla nasezingeni likahulumeni. Nokho, ngo-June 23, 2000, i-Conseil d’État, inkantolo ephethe ephakeme kunazo zonke eFrance yenza isinqumo esiyingqopha-mlando esasekela umbono owawamukelwe yizinkantolo ezingu-31 ezingaphansi emacaleni angaphezu kwangu-1 100. Le nkantolo ephakeme yagcizelela ukuthi ukukhulekela okuqhutshwa oFakazi BakaJehova kuvumelana ngokuphelele nomthetho waseFrance nokuthi amaHholo OMbuso abo ayakufanelekela ukuba angazikhokhi izimali ezithile njengoba kunjalo nangezinye izinkolo.

Nokho, njengoba ungasigqizi qakala lesi sinqumo, uMnyango Wezimali WaseFrance uyaqhubeka wenqaba ukuba oFakazi BakaJehova bangayikhokhi intela, okuyinto evunyelwa umthetho ezinhlanganweni zenkolo. Lo Mnyango ufuna intela engamaphesenti angu-60 eminikelweni eyenziwa oFakazi nabangane babo abasemabandleni angu-1 500 eFrance. Leli cala lisaqhubeka namanje.

Injongo yalo mkhankaso okukhulunywe ngawo ngaphambili kwakuwukudalula lokhu  kuziphikisa nokuveza izingozi zalokhu kukhokhiswa intela okungumathanda nezeminye imithetho ehlongozwayo engakhinyabeza inkululeko engokwenkolo yawo wonke umuntu. *

Usuku Olude

Ngehora lesibili entathakusa, oFakazi bakwamanye amabandla baqala ukusakaza amapheshana ngaphandle kweziteshi zesitimela nasemafemini kanye nasezikhumulweni zezindiza. Ngehora lesithupha, iParis iyaqala ukuphithizela. Izisebenzi zokuzithandela ezingu-6 000 zimi ezindaweni ezithile ukuze zihlangane nabagibeli lapho beya emsebenzini. Enye intokazi ithi: “Lokhu enikwenzela inkululeko engokwenkolo kuyancomeka. Akubona nje kuphela oFakazi BakaJehova abahilelekile.” EMarseilles, oFakazi abangaphezu kuka-350 banikeza abantu amapheshana eziteshini zezitimela ezihamba ngaphansi nasemigwaqweni. Lingakapheli ihora, umsakazo wezwe wenza isimemezelo ngalo mkhankaso, utshela abalaleli ukuba bangamangali lapho bemiswa oFakazi BakaJehova. EStrasbourg, lapho kukhona i-European Court of Human Rights, abagibeli esiteshini esiyinhloko bashaya ujenga ngesineke ukuze bathole amakhophi abo. Ummeli othile uthi, nakuba ezakhe izinkolelo zihlukile kwezethu, ulilandelela ngesithakazelo leli cala, njengoba nje umzabalazo wethu ubalulekile futhi ufanelekile.

Ngehora lesishiyagalombili, naphezu kwemvula enamandla, oFakazi abangu-507 edolobheni laseGrenoble eliphansi kwentaba bahamba kuzo zonke izitaladi noma bafake ipheshana emabhokisini eposi. Lapho abashayeli bezimoto nabama-tram bebona ukuthi kukhona okwenzekayo, bamisa izinqola zabo ukuze bacele ipheshana. Edolobheni elisentshonalanga, iPoitiers, abagibeli abafika ngesitimela ngo-9, sebelitholile kakade ipheshana lapho begibele khona. EMulhouse, eduze nomngcele waseJalimane, kakade sekusakazwe amakhophi angu-40 000.

Ngehora leshumi, amabandla amaningi asesakaze ngaphezu kwesigamu samapheshana awo. Njengoba ilanga liphakama, liyancipha inani labantu abalenqabayo futhi sekube nezingxoxo eziningi ezithakazelisayo. IBesançon, eqhele ngamakhilomitha angaphezudlwana kuka-80 ukusuka emngceleni waseSwitzerland, insizwa ethile ibonisa isithakazelo eBhayibhelini futhi ibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. UFakazi uyimema ukuba baqhubeke nengxoxo eHholo LoMbuso eliseduze, lapho kuqalwa khona isifundo seBhayibheli ngokushesha ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?

Emini, oFakazi abaningi basebenzisa isikhathi sabo sekhefu ukuze bashumayele ihora elilodwa noma amabili. Intambama yonke, ukusakaza kuyaqhubeka, futhi amabandla amaningi aqeda ngezikhathi zawo-3 noma 4 ntambama. Enhloko-dolobha ye-champagne eReims, abantu abathile abake batadisha noma bazihlanganisa noFakazi BakaJehova esikhathini esidlule babonakalisa isifiso sokuphinde bazihlanganise nebandla. EBordeaux kuqalwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezintathu. Edolobheni elifanayo, uFakazi ungena esitolo ukuze athenge iphephandaba futhi ubona inqwaba yamapheshana etafuleni. Umninisitolo, owayekade enguFakazi ngaphambili, wayethole ipheshana futhi lapho ebona ukubaluleka kwalo, wazenzela amakhophi amaningi ukuze aphisane ngawo.

EHavre, eNormandy, intokazi engumProthestani iyashaqeka lapho izwa emsakazweni ukuthi oFakazi BakaJehova bakhokhiswa intela ngeminikelo  yabo. Ilamukela ngesasasa leli pheshana futhi ibahalalisele oFakazi ngokuphumela obala ngalokhu kungabi nabulungisa. Ngo-7:20 kusihlwa, izindaba zesiteshi sesifunda se-TV eLyons zikhuluma ngalokhu kusakaza, zithi: “Namuhla ekuseni, bekulula ukuvika amathonsi emfula kunokugwema amapheshana oFakazi BakaJehova.” Kuxoxwa noFakazi ababili futhi bachaza izizathu zalo mkhankaso.

OFakazi abafuna ukuba nengxenye ngemva komsebenzi wabo wokuziphilisa basakaza amanye amapheshana kubagibeli ababuya emsebenzini futhi amanye bawafaka emabhokisini eposi. Emadolobhaneni afana neBrest neLimoges—adume ngezitsha zawo zobumba—abantu abaphuma ebhayisikobho ngo-11:00 ebusuku baba phakathi kwabokugcina ngalolo suku ukuthola leli pheshana. Amapheshana asele ayaqoqwa futhi asakazwe ngakusasa ekuseni.

Imiphumela

Omunye uFakazi wabhala: “Izitha zethu zicabanga ukuthi zisithena amandla. Empeleni, kwenzeka okuhlukile.” Emabandleni amaningi, oFakazi abangamaphesenti angaphezu kuka-75 baba nengxenye ngalolo suku, abanye basebenza amahora angu-10, 12, noma angu-14 kulo msebenzi. EHem, enyakatho yeFrance, ngemva kokusebenza ebusuku, uFakazi othile wasakaza leli pheshana kusukela ngo-5 ekuseni kwaze kwaba ngu-3 ntambama. EDenain eseduze, lapho obekunebandla kusukela ngo-1906, oFakazi abangu-75 basebenza amahora angu-200 besakaza leli pheshana ngoLwesihlanu. Abanye naphezu kokuguga, ubuthaka, nesimo esibi sezulu, nabo babezimisele ukuhlanganyela. Ngokwesibonelo, eMans, iqembu labathathu abaseminyakeni yawo-80 lasebenza amahora amabili lifaka la mapheshana emabhokisini eposi, futhi uFakazi ohamba ngesihlalo sabakhubazekile wasakaza leli pheshana ngasesiteshini sesitimela. Futhi yeka indlela okwakukhuthaza ngayo ukubona oFakazi abaningana abase bepholile behlanganyela kulo msebenzi okhethekile!

Akungabazeki ukuthi lokhu kusakaza kwaba ubufakazi obukhulu. Abantu bazo zonke izizinda zokuphila, abaningi abangatholakali emakhaya, bathola ikhophi yaleli pheshana. Abaningi banomuzwa wokuthi lo mkhankaso wafeza okukhulu kakhulu kunokuvikela izithakazelo zoFakazi. Abaningi bawubona njengovikela inkululeko kanembeza neyokukhulekela yawo wonke umuntu waseFrance. Njengobufakazi balokhu, amalungu omphakathi acela amakhophi engeziwe aleli pheshana ukuze awanike abangane, asebenza nabo noma izihlobo.

Yebo, oFakazi BakaJehova eFrance bayaziqhenya ngokwenza igama likaJehova laziwe nangokuvikela izithakazelo zoMbuso. (1 Petru 3:15) Kuyisifiso sabo esiqotho ukuba ‘baqhubeke bephila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokuthatha izinto ngokungathi sína’ nokuba izinkulungwane ezengeziwe zihlanganyele nabo ekudumiseni uYise wabo osezulwini, uJehova.—1 Thimothewu 2:2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Umkhankaso ofanayo waba ngo-January 1999 ukuze kukhalwe ngokubandlululwa kwenkolo. Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1999, ikhasi 9, ne-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2000, amakhasi 24-6.