Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushintsha Kwezindinganiso Kuhambisana Nokuphela Kokwethembeka

Ukushintsha Kwezindinganiso Kuhambisana Nokuphela Kokwethembeka

 Ukushintsha Kwezindinganiso Kuhambisana Nokuphela Kokwethembeka

Ezinsukwini zeNkosi uHenry I yaseNgilandi (1100-1135), iyadi elilodwa ‘laliwukusuka ekugcineni kwekhala leNkosi uya esihlokweni sesithupha sayo uma yelulé ingalo.’ Zazinembe kangakanani izinti zabantu ababebuswa yiNkosi uHenry zokulinganisa iyadi? Kubonakala sengathi ukuphela kwendlela yokuqiniseka kwakuwukuyobonana nenkosi.

NAMUHLA izilinganiso zichazwa ngokunembe kakhudlwana ngezindinganiso. Ngakho, imitha lichazwa ngokuthi yibanga elihanjwa ukukhanya endaweni engenalutho ngomzuzwana owodwa uhlukaniswe ngo-299 792 458. Empeleni, lokhu kukhanya akuguquguquki futhi kukhishwa yithuluzi elikhethekile (laser). Uma benayo imishini eveza le ndinganiso, abantu noma kuphi bangakwazi ukuhlola ukuthi isilinganiso sabo sobude siyafana yini nesawo wonke umuntu.

Kungakhathaliseki ukuthi kuncane kangakanani, ukushintsha kwezindinganiso zezilinganiso kungabangela ukungaqiniseki, futhi kwenziwa imizamo emikhulu ukuze kulondolozwe lezo zindinganiso. Ngokwesibonelo, eBrithani indinganiso yokulinganisa isisindo iyisitini sensimbi ekhethekile enesisindo esiyikhilogremu elilodwa. Lesi sitini sigcinwe eNational Physical Laboratory. Ukungcola komoya ngenxa yezimoto nezindiza ezidlulayo kwenza le ndinganiso yekhilogremu isinde kakhudlwana usuku ngalunye. Nokho, lesi sitini sensimbi sifana nesinye esiyindinganiso yomhlaba wonke esimbozwe ngemigqomo emithathu yengilazi egunjini elifihlwe ngaphansi komhlaba e-International Bureau of Weights and Measures eSèvres, eFrance. Kodwa ngisho nesisindo salesi sitini siyashintshashintsha ngenxa yokungcoliswa yizinto ezingabonakali ngeso elivamile. Kuze kube manje, ochwepheshe bezilinganiso bomhlaba abakayitholi indinganiso engashintshi.

Nakuba ushintsho oluncane lungase lubonakale lungasho lutho kumuntu ovamile, ukushintsha kwendinganiso ngokuphelele kungadala ukudideka. EBrithani, ukushintshwa kwendlela yokulinganisa isisindo ngamaphawundi kusetshenziswe amakhilogremu kwabangela ukungathembisisi okukhulu—futhi kufanele. Abanye abathengisi abakhohlakele babesizakala ngokungajwayelani kwabantu nesilinganiso esisha, baphambe abathengi.

Izindinganiso Zomkhaya Nezokuziphatha

Kuthiwani ngokushintsha kwezindinganiso zomkhaya nezokuziphatha? Umphumela woshintsho olunjalo ungalimaza kakhulu. Imibiko yamuva yokuwohloka kwemikhaya, ukuziphatha okubi kobulili nokuxhashazwa kwezingane okusabalele ishaqisa abaningi futhi ifakazela ukuthi siphila enkathini yezindinganiso eziwohlokayo. Imikhaya enomzali oyedwa, izingane ezikhuliswa “abazali” bobulili obufanayo nokunukubezwa ngokobulili okwesabekayo kwezingane eziphathiswe iziphathimandla zendawo, konke kuyimiphumela yabantu abafulathela izindinganiso ezamukelwayo. Ngezinga elikhulayo, abantu  baba “abazithandayo, . . . abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, . . . abangenalo uthando ngobuhle, . . . abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu,” njengoba iBhayibheli labikezela eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule.—2 Thimothewu 3:1-4.

Ukuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha kuhambisana nokungathembeki okungenazwela. Muva nje, ukulahlwa ngokuphelele kwezindinganiso eziphakeme zezokwelapha kuvele obala eHyde, idolobhana elisenyakatho yeNgilandi, lapho izakhamuzi zakhona zazithulula izifuba zazo kodokotela bemikhaya yazo “ababehlonishwa futhi bethenjwa.” Kodwa zayeka kabuhlungu ukubethemba. Kanjani? Imibiko yecala yembula ukuthi udokotela othile empeleni wabangela ukufa kweziguli zakhe okungenani ezingu-15 ezingabesifazane. Eqinisweni, amaphoyisa kwadingeka acubungule kabusha ukufa kwabanye abantu abangu-130 okwakuhilela lo dokotela. Ukuphela kokwethenjwa kwagcizeleleka lapho lo dokotela elahlwa yicala futhi ethola isigwebo sokuba avalelwe ejele. Onogada ababili basejele okungenzeka unina wayebulewe yilo dokotela banikwa eminye imisebenzi ukuze kungadingeki banakekele lesi siboshwa esidume kabi. Akumangalisi ukuthi umbiko waleli cala kuyi-Daily Telegraph wachaza lo dokotela onecala ngokuthi “udokotela ‘onguDeveli.’”

Njengoba izindinganiso zishintsha futhi ziwohloka ezicini eziningi kangaka zokuphila, ubani ongamethemba ngempela? Ungazitholaphi izindinganiso ezingashintshi, ezisekelwa yigunya elinamandla okuzigcina zinjalo? Isihloko esilandelayo sixoxa ngale mibuzo.