Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlangano Waminyaka Yonke Ngo-October 7, 2000

Umhlangano Waminyaka Yonke Ngo-October 7, 2000

 Umhlangano Waminyaka Yonke Ngo-October 7, 2000

UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 7, 2000, eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova, ku-2932 Kennedy Boulevard, eJersey City, eNew Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:15 ekuseni, ulandelwe umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.

Amalungu ale Nhlangano kufanele azise iHhovisi likaNobhala manje ngokushintsha kwamakheli awo okuthumela phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso namaphepha okuvota kufinyelele kuwo phakathi no-July.

Amaphepha okuvota, ayothunyelelwa amalungu kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afinyelele iHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi kuka-August 1. Ilungu ngalinye kufanele ligcwalise futhi libuyise iphepha lalo lokuvota ngokushesha, lisho ukuthi lizoba khona ngokwalo emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okuqinisekile kuleli phuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekunqumeni ukuthi obani abayoba khona.

Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nemibiko, siphele ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke ngocingo namanye amahholo.