Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungalazi Ikusasa!

Ungalazi Ikusasa!

 Ungalazi Ikusasa!

Abantu abaningi bacabanga nzulu ngekusasa. Bathanda ukuhlela, balondoloze imali ngokuhlakanipha futhi bazizwe belondekile. Kodwa ingabe ikhona indlela yokuqiniseka ngalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo?

BEZAMA ukuthola ukuthi yini ezokwenzeka esikhathini esizayo, abantu baye bazama izinto eziningi ezihlukahlukene. Ososayensi bezenhlalo ababizwa ngokuthi abacwaningi bekusasa bacubungula indlela izinto ezenzeka ngayo namuhla bese benza izibikezelo ngokusekelwe kulokho. Izazi zezomnotho nazo zenza okufanayo emkhakheni wazo. Izazi zezinkanyezi nababhuli basebenzisa ukuma kwezinkanyezi, amabhola engilazi nokulumba, futhi banabalandeli abaningi. Ngokwesibonelo, isazi sezinkanyezi esingumFulentshi uNostradamus siyaqhubeka sithandwa, nakuba sesinamakhulu eminyaka safa.

Bonke laba abathi bangabaprofethi baye babonakala bengenakwethenjelwa neze futhi bedumaza. Ngani? Ngoba bamshaya indiva uJehova uNkulunkulu neZwi lakhe, iBhayibheli. Ngenxa yalesi sizathu bayahluleka ukuphendula imibuzo eyisisekelo enjengokuthi: ‘Kungani ngingaqiniseka ukuthi izinto ezibikezelwa eBhayibhelini ziyokwenzeka? Lezo zinto zingena kanjani enjongweni kaNkulunkulu ngesintu? Mina nomkhaya wami singazuza kanjani kulezi ziprofetho?’ IBhayibheli liyayiphendula le mibuzo.

Isiprofetho seBhayibheli singesivelele nangezinye izindlela eziningi. Ngokungafani nezibikezelo zesayensi yokufundwa kwezinkanyezi, sinika umuntu inkululeko yokuzikhethela. Ngakho, akekho oba isisulu sokudalelwa. (Duteronomi 30:19) Imibhalo enjengekaNostradamus ayinazo izimiso zokuziphatha, futhi ifihla lobu buze bayo ngezinto ezingaqondakali nangokuthinta umzwelo. Kodwa isiprofetho seBhayibheli sinesisekelo esiqinile sezimiso zokuziphatha. Siyachaza ukuthi kungani uNkulunkulu ezokwenza ngendlela ahlele ukwenza ngayo. (2 IziKronike 36:15) Futhi, iziprofetho zikaJehova azisoze zabhuntsha, ngoba ‘uNkulunkulu akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakho, abantu abaqondiswa iZwi likaNkulunkulu baphila ukuphila okunokuqonda, okunenjongo nokujabulisayo ngaphandle kokusaphaza isikhathi sabo esiyigugu nezinto abanazo ekuphishekeleni izinto eziyize.—IHubo 25:12, 13.

Leli phuzu namanye amaningi aye adingidwa eMihlanganweni Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ yoFakazi BakaJehova ebiqhutshwa emhlabeni wonke. Izinkulumo, izingxoxo nabathile, imiboniso nedrama yeBhayibheli kuye kwaqaphelisa izilaleli ngefa elingokomoya elimangalisayo elijatshulelwa yilabo abafunda izwi likaNkulunkulu lesiprofetho futhi balisebenzise. Isihloko esilandelayo sizobukeza amanye amaphuzu avelele athakazelisayo alo mhlangano.