Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho

Indlela Yokulawula Izejwayezi Zakho
  • LAPHO i-alamu lika-Austin likhala, usuke esaphethwe ubuthongo. Kodwa uvuka gubhubhu, afake izingubo zokugijima abezilungise ngayizolo ebusuku, aye kogijima—njengoba nje ebelokhu enza kathathu ngesonto kusukela ngonyaka odlule.

  • ULaurie usanda kuxabana nomyeni wakhe. Ecasukile futhi ekhungathekile, ushona ekhishini, akhiphe iphakethe likashokoledi, awudle wonke—njengoba nje eye enze njalo lapho ethukuthele.

Bafana ngani u-Austin noLaurie? Kungakhathaliseki ukuthi bayabona noma ababoni, bobabili bathonywe amandla amakhulu—amandla esejwayezi.

Wena? Zikhona yini izejwayezi ezinhle ongathanda ukuba nazo? Mhlawumbe umgomo wakho ukujima njalo, ukulala ngokwanele noma ukubathinta njalo abantu obathandayo.

Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe ungathanda ukuyeka isejwayezi esibi, njengokubhema, ukudla ukudla okungenamsoco noma ukuchitha isikhathi esiningi kakhulu kuyi-Internet.

Kuyavunywa, kungaba nzima ukuyeka isejwayezi esibi. Eqinisweni, abanye bathi isejwayezi esibi sinjengombhede othokomele ngosuku olubandayo: kulula ukungena kuso kodwa kunzima ukuphuma!

Ngakho, ungazilawula kanjani izejwayezi zakho ukuze zikusize kunokuba zikulimaze? Hlola la macebiso amathathu asekelwe ezimisweni eziseBhayibhelini.