Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  No. 3 2016

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKUNQOBA INSELELE YOKUNGAFANI KWEZILIMI

Ukunqoba Inselele Yakudala

Ukunqoba Inselele Yakudala

UKUHLUKAHLUKA nobuningi bezilimi ezisemhlabeni—manje ezingaba ngu-7 000—kungenza izinto zibe nzima kwezokuvakasha, ezohwebo, ezemfundo nakwezokuphathwa kwezwe. Bekulokhu kunjalo kusukela endulo. Ngokwesibonelo, cishe ngo-475 B.C.E., lapho kubusa iNkosi u-Ahashiveroshi (okungenzeka nguXerxes I), abasePheresiya basakaza izinqumo ezingokomthetho kuwo wonke umbuso, “kusukela eNdiya kuze kube seTopiya, izifunda zombuso eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, kulotshelwa isifunda ngasinye sombuso ngokwendlela yaso yokuloba nesizwe ngasinye ngokolimi lwaso.” *

Namuhla, izinhlangano eziningi—ngisho nawohulumeni—ngeke ziyilokothe into enzima kangako. Kodwa ikhona inhlangano eye yakwenza ngempumelelo lokhu. OFakazi BakaJehova bakhiqiza omagazini, okulalelwayo, ama-video nezincwadi eziningi—kuhlanganise neBhayibheli—ngezilimi ezingaphezu kuka-750. Lokhu kuhlanganisa nezilimi zezandla ezingaba ngu-80. OFakazi bakhiqiza nezincwadi zabangaboni zeBraille yamazinga ahlukahlukene.

Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova abatholi nzuzo engokwezimali ngomsebenzi wabo. Eqinisweni, bonke abahumushi babo nezinye izisebenzi abakhokhelwa. Kungani bezikhandla kangaka ekuhumusheleni ezilimini eziningi kangaka futhi bakwenza kanjani lokho?

^ isig. 3 Bheka u-Esteri 8:9 eBhayibhelini.