Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  No. 1 2017

Ukumomotheka—Isipho Okungafanele Sigodlwe

Ukumomotheka—Isipho Okungafanele Sigodlwe

WENZENJANI lapho umuntu ekubuka emomotheka? Mhlawumbe nawe uvele umomotheke. Ngemva kwalokho uzizwe ujabule nakakhulu. Yebo, ukumomotheka okusuka enhliziyweni—mhlawumbe kumomotheka umngane noma isihlobo—kuyathelelana, futhi kusenza sijabule. Owesifazene okuthiwa uMagdalena wathi: “UGeorg, umyeni wami osewashona, wayemomotheka ngendlela ethinta inhliziyo. Lapho amehlo ethu ehlangana, ngangizizwa ngikhululekile futhi ngiphephile.”

Ukumomotheka okusuka enhliziyweni kubonisa imizwelo emihle yomuntu, njengenjabulo nokuchazeka. Esinye isihloko sephephandaba lenhlangano i-Association for Psychological Science okuthiwa i-Observer, elitholakala kuyi-Internet sathi, “Ukumomotheka . . . kubonakala kuyingxenye yobuntu bethu.” Lesi sihloko sithi, ngisho nezinsana “zikuqonda kahle lokho ezikubona ebusweni babanye.” Sathi: “Abantu abagcini nje ngokubona ukuthi indlela umuntu amomotheka ngayo isho ukuthini ngaye, kodwa kubasiza nokuthi bazi ukuthi kufanele basabele kanjani.” *

Abacwaningi base-Harvard University e-United States benza ucwaningo ezigulini ezigugile ngendlela ezisabela ngayo kulokho  ezikubona ebusweni babanakekeli bazo bezempilo. Lapho ubuso babanakekeli bubonakala bunothando, bukhathalela futhi bunozwela, iziguli zazizizwa zanelisekile futhi zaziba ngcono emzimbeni nasengqondweni. Kodwa lapho ubuso babanakekeli bungathandeki, umphumela wawungabi muhle ezigulini.

Ngisho nawe ungazuza lapho umomotheka. Ucwaningo lubonisa ukuthi izinzuzo zokumomotheka zingaba ukwenyuka kwezinga lokuzethemba nenjabulo kanye nokuncipha kokukhathazeka. Ukuhlina kona kungaba nemiphumela engemihle kuwe.

UKUBABONA BEMOMOTHEKA “KWAKUNGENZA NGIZIZWE NGINGCONO”

UMagdalena, esikhulume ngaye ekuqaleni, wayenguFakazi KaJehova phakathi neMpi Yezwe Yesibili. Yena namanye amalungu omndeni wakubo bathunyelwa ekamu lokuhlushwa, eRavensbrück eJalimane, ngenxa yokungahambisani nezimfundiso zamaNazi. Uthi, “Ngezinye izikhathi onogada babesinqabela ukuba sikhulume nezinye iziboshwa. Kodwa babengakwazi ukulawula indlela ubuso bethu obubukeka ngayo. Ukubona nje umama nodadewethu bemomotheka kwakungenza ngizizwe ngingcono futhi kwakuqinisa ukuzimisela kwami ukuba ngikhuthazele.”

Mhlawumbe ngenxa yezinkinga onazo, unomuzwa wokuthi azikho izinto ezingakwenza umomotheke. Nokho, khumbula ukuthi indlela esizizwa ngayo ithonywa imicabango yethu. (IzAga 15:15; Filipi 4:8, 9) Ngakho, kungani ungazami ukucabanga ngezinto ezinhle nezakhayo, nakuba kungase kube nzima ukwenza kanjalo? * Ukufunda iBhayibheli kanye nokuthandaza kuye kwasiza abaningi ukuba bakwenze lokhu. (Mathewu 5:3; Filipi 4:6, 7) Empeleni amagama asuselwa egameni elithi “jabula,” avela amakhulu ezikhathi eBhayibhelini! Kungani ungafundi ikhasi elilodwa noma amabili eBhayibheli njalo ngosuku? Kwazi bani? Mhlawumbe nawe ungagcina usumomotheka kaningi.

Okunye, ungalindi ukuba abanye bamomotheke. Benze bajabule, momotheka kuqala. Kubheke ngale ndlela—ukumomotheka kuyisipho esivela kuNkulunkulu esicebisa ukuphila kwakho nokwalabo abakubukayo.

^ isig. 3 Lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso, iBhayibheli lithi uNkulunkulu uyamomotheka. IHubo 119:135 lithi: “Yenza ubuso bakho bukhanye [bumomotheke, NWT (2013)] encekwini yakho.”

^ isig. 8 Bheka isihloko esithi, “Ingabe Uhlale ‘Unedili Njalo’?” kuyi-Phaphama! ka-November 2013.