Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE KWAKLANYWA?

Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni

Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni

INTUTHWANE ecwebezelayo yaseSahara (Cataglyphis bombycina) ingenye yezilwane ezihamba phansi ezaziwa ngokubekezelela ukushisa. Lapho ilanga lasemini eSahara selishisa bhe, lenza izilwane ezidla le ntuthwane zifune umthunzi, kuyilapho yona iphuma emgodini wayo ihambahambe ifune ukudla okuyizinambuzane ezibulawa yilokho kushisa.

[50] μm

Cabanga ngalokhu: Intuthwane ecwebezelayo inesikhumba esiyivikela ekushiseni esinoboya obukhethekile, obungaphezulu nasemaceleni kanti ngaphansi ayinaboya. Uboya (1, 2), obenza le ntuthwane icwebezele, buyimibhobho emincane enezinhlangothi ezintathu (3). Izinhlangothi ezimbili ezibheke emaceleni zale mibhobho zinemisedlana ebonakala nge-microscope kuphela kanti ingaphansi layo libushelelezi. Lo mklamo usiza ezintweni ezimbili. Okokuqala, wenza uboya bukwazi ukuvimba ingxenye enkulu yemisebe yelanga. Okwesibili, usiza le ntuthwane ukuba inciphise ukushisa komzimba okubangelwa yindawo ehlala kuyo. Ingaphansi lale ntuthwane elingenaboya livimba imisebe yokushisa evela emhlabathini oshisayo wogwadule. *

[10] μm

Isikhumba esiyisivekelo elangeni sentuthwane ecwebezelayo yaseSahara siyisiza ukuba igcine izinga lokushisa lomzimba wayo lisezingeni engakwazi ukulibekezelela elingu-53.6°C. Le ntuthwane yenze abacwaningi bahlabeka umxhwele, kangangokuthi sebezama ukwenza okuthile okusapende kokuvimbela ukushisa—ngaphandle kokusebenzisa iziphephetha-moya noma eminye imishini epholisayo.

Ucabangani? Ingabe isikhumba esivikela intuthwane ecwebezelayo yaseSahara ekushiseni sazivelela? Noma saklanywa?

^ isig. 4 Okunye le ntuthwane enakho kuhlanganisa amaprotheni akhethekile asemzimbeni wayo akwaziyo ukumelana nokushisa okukhulu, imilenze emide eyiphakamisayo iyenze ibe kude nesihlabathi esishisayo futhi igijime ngokushesha kanye nekhono elisezingeni eliphezulu lokufuna indlela, eliyisiza ukuba ihambe ngendlela emfushane neshesha kakhulu uma isibuyela emgodini wayo.