Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  No. 5 2017

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IZINGELOSI—ZIKHONA NGEMPELA YINI?

Izingelosi​—Zingakuthonya Yini Ukuphila Kwakho?

Izingelosi​—Zingakuthonya Yini Ukuphila Kwakho?

KWAKUYISONTO ntambama, uKenneth noFilomena abahlala eCuraçao, bahamba bayovakashela indoda ethile nomkayo, ababetadisha nabo iBhayibheli.

UKenneth uthi, “Lapho sifika, kwakukhiyiwe endlini nemoto ingekho egcekeni. Kodwa kukhona into eyathi angifonele umama wekhaya.”

Lona wesifazane walubamba ucingo, wathi umyeni wakhe usemsebenzini. Nokho, ngokushesha lapho ezwa ukuthi uKenneth noFilomena ababengqongqoza, wabangenisa endlini.

Babona ukuthi ubekhala. Lapho uKenneth ethandaza ngaphambi kokuba baqale isifundo sabo seBhayibheli lona wesifazane wavele wasikhihla. UKenneth noFilomena bambuza ukuthi kwenzekeni.

Lona wesifazane wathi ubehlele ukuzibulala ngalolo suku futhi ubebhalela umyeni wakhe incwadi ngesikhathi ethola ucingo oluvela kuKenneth. Wabatshela ukuthi ucindezelekile, ngakho bamduduza ngamavesi aseBhayibhelini. Isikhuthazo abamnika sona sakusindisa ukuphila kwakhe.

UKenneth uthi: “Sambonga uJehova ngokuthi wasisebenzisa ekusizeni lo wesifazane. Ikakhulukazi ngokusebenzisa ingelosi noma umoya waKhe ongcwele ukuze sishayele lo wesifazane ucingo!” *

UKenneth noFilomena baqinisile yini uma bethi uNkulunkulu wangenela, ngokusebenzisa ingelosi noma umoya waKhe ongcwele? Noma kwamane nje kwaqondana ukuthi uKenneth ashayele lo wesifazane ucingo ngaleso sikhathi?

Asazi. Esikwaziyo ukuthi uNkulunkulu uyazisebenzisa izingelosi ukuze asize abantu bafunde ngaye. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu wasebenzisa ingelosi ukuba iqondise uFiliphu kumTopiya, owayefuna ukuqonda okuthile eBhayibhelini.—IzEnzo 8:26-31.

Izinkolo eziningi zifundisa abantu ukuthi kunezingelosi ezinamandla, ezinye zazo kuthiwa zinomusa futhi zenza imisebenzi kaNkulunkulu noma zisivikele. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi izingelosi ziyabasiza. Abanye abakholelwa nhlobo ukuthi zikhona izingelosi.

Zikhona ngempela yini izingelosi? Uma zikhona, zavelaphi? Liyini iqiniso ngezingelosi? Zingakuthonya yini ukuphila kwakho? Ake sithole izimpendulo.

^ isig. 8 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.—IHubo 83:18.