Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda  |  No. 4 2017

Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu abantu “bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11

Lithini IBhayibheli?

Lithini IBhayibheli?

Lingakusiza yini iBhayibheli ubhekane nokukhathazeka?

Ubungathini?

  • Yebo

  • Cha

  • Mhlawumbe

Okushiwo iBhayibheli

‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) IBhayibheli lisinika isiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu angasisiza sithole impumuzo ekucindezelekeni kwethu.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?

  • Umthandazo ungasinika “ukuthula kukaNkulunkulu” okunciphisa ukukhathazeka.—Filipi 4:6, 7.

  • Ngaphezu kwalokho ukufunda iZwi likaNkulunkulu kungasisiza sibhekane nokucindezeleka.—Mathewu 11:28-30.

Kuyoke kuphele yini ukukhathazeka?

Abanye bakholelwa ukuthi . . ukukhathazeka nokucindezeleka kuyingxenye yempilo yomuntu, kanti abanye bakholelwa ukuthi ukukhathazeka kuyophela uma sesifile. Wena ucabangani?

Okushiwo iBhayibheli

UNkulunkulu uzoziqeda izinto ezenza sikhathazeke. “Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?