“Yahlulelani ngobulungisa beqiniso; niqhube umusa wothando nesihe komunye nomunye.”​—ZAK. 7:9.

IZINGOMA: 21, 69

1, 2. (a) UJesu wayezizwa kanjani ngoMthetho kaNkulunkulu? (b) Yini embi eyayenziwa ababhali nabaFarisi?

AKUSIMANGAZI ukuthi uJesu wayewuthanda uMthetho kaMose. Phela lowo Mthetho wawuvela kuMuntu obaluleke kunabo bonke ekuphileni kwakhe​—uYise, uJehova. IHubo 40:8 liveza indlela uJesu ayeyowuthanda ngayo umthetho kaNkulunkulu, lithi: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” Ngamazwi nangezenzo, uJesu wafakazela ukuthi uMthetho kaNkulunkulu uphelele, uyazuzisa futhi zonke izinto ezilotshwe kuwo ziyagcwaliseka.​—Math. 5:17-19.

2 Kumelwe ukuba uJesu wezwa ubuhlungu lapho ebona ababhali nabaFarisi bewumelela kabi uMthetho kaYise. Babenaka imininingwane emincane kuwo, uJesu waze wathi: “Ninikela okweshumi kweminti nedile nekhumini.” Yayiyini inkinga ngalokho? UJesu wanezela: “Kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.” (Math. 23:23) Ngokungafani nalabo baFarisi ababezibona belunge kakhulu, uJesu wayeziqonda izimfanelo zikaNkulunkulu ezibonakala emthethweni ngamunye.

3. Yimiphi imibuzo ezophendulwa kulesi sihloko?

 3 NjengamaKristu asikho ngaphansi kwesivumelwano soMthetho. (Roma 7:6) Noma kunjalo, uJehova wenza ukuba lowo Mthetho ulotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. Akafuni ukuba sicubungule imininingwane yoMthetho kodwa ufuna siwuqonde bese sisebenzisa “izindaba ezibaluleke kakhulu,” okuyizimiso eziphakeme imithetho esekelwe kuzo. Ngokwesibonelo, yiziphi izimiso esingazithola elungiselelweni lemizi yesiphephelo? Isihloko esidlule siveze izifundo esizitholayo ezintweni umbulali okwakumelwe azenze. Kodwa emizini yesiphephelo siphinde sifunde ngoJehova nokuthi singazilingisa kanjani izimfanelo zakhe. Ngakho, lesi sihloko sizophendula imibuzo emithathu: Imizi yesiphephelo isibonisa kanjani isihe sikaJehova? Isifundisani ngendlela uJehova akubheka ngayo ukuphila? Imizi yesiphephelo ibubonisa kanjani ubulungisa bakhe obuphelele? Empendulweni ngayinye funa izindlela ongamlingisa ngazo uBaba wakho osezulwini.​—Funda eyabase-Efesu 5:1.

“IMIZI EYONILUNGELA”—UKUBONAKALISWA KWESIHE

4, 5. (a) Imizi yesiphephelo yayihlukaniswe kanjani ukuze obalekayo asheshe afike kuyo futhi kungani? (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova?

4 Kwakulula ukufika kule mizi engu-6 yesiphephelo. UJehova wayala ama-Israyeli ukuba akhethe imizi eyinani elifanayo ngapha nangale koMfula iJordani. Kungani? Ukuze noma ubani obalekayo asheshe afike emzini wesiphephelo. (Num. 35:11-14) Imigwaqo eyayiya emizini yesiphephelo yayigcinwa isesimweni esihle. (Dut. 19:3) Ezinye izincwadi zamaJuda zibonisa ukuthi kwakugxunyekwa izigxobo ezinemibhalo eyayiqondisa obalekayo emizini yesiphephelo. Njengoba imizi yesiphephelo yayikhona, obulale ngephutha wayengaphoqelekile ukuba abalekele kwelinye izwe, lapho ayengase alingeke ukuba akhonze onkulunkulu bamanga.

5 Awucabange nje, uJehova​—okunguYe owakhipha umyalo wokuba kubulawe ababulala ngamabomu—​wayemzwela obulale ngephutha futhi emnika ithuba lokuvikeleka! Omunye umbhali wathi: “Yonke into yayicacile, ilula ngendlela eyisimanga. Leyo kwakuyindlela uNkulunkulu abonisa ngayo isihe sakhe.” UJehova akayena umahluleli ononya olangazelela ukujezisa izinceku zakhe. Kunalokho ‘ucebile ngesihe.’​—Efe. 2:4.

6. Indlela abaFarisi ababebheka ngayo abantu yayihluke kanjani esiheni sikaNkulunkulu?

6 Ngakolunye uhlangothi, abaFarisi babengasibonisi isihe. Ngokwesibonelo, ukulandisa kubonisa ukuthi babengamthetheleli umuntu owenze isono esisodwa izikhathi ezingaphezu kwezintathu. UJesu waveza  umbono wabo ngokwenza umfanekiso womFarisi othandazayo: “O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi anginjengabo bonke abanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, ngisho nanjengalo mthelisi”​—umthelisi owayethandazela isihe sikaNkulunkulu. Kungani abaFarisi babengazimisele ukubonisa isihe? IBhayibheli lithi, ‘babebheka bonke abanye njengabangelutho.​’—Luka 18:9-14.

Kulula yini ngabanye ukuxolisa kuwe? Ngeneka (Bheka izigaba 4-8)

7, 8. (a) Ungamlingisa kanjani uJehova lapho woniwe? (b) Kungani ukuthethelela kuvivinya ukuthobeka?

7 Lingisa uJehova, hhayi abaFarisi. Bonisa uzwela. (Funda eyabaseKolose 3:13.) Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu ukwenza kube lula ngabanye ukuba baxolise kuwe. (Luka 17:3, 4) Zibuze: ‘Ngiyabathethelela yini abantu abangonile ngisho nalapho bephindelela? Ngiyashesha yini ukwenza ukuthula nomuntu ongiphathe kabi noma ongizwise ubuhlungu?’

8 Ukuthethelela kuvivinya ukuthobeka. AbaFarisi babengathobekile ngoba babebheka abanye njengabaphansi kunabo. Nokho, njengamaKristu kufanele sithobeke, ‘sibheke abanye njengabakhulu’ kunathi, njengabafanelekela ukuthethelelwa. (Fil. 2:3) Uzomlingisa yini uJehova futhi uthobeke? Yenza kube lula ngabanye ukucela intethelelo kuwe. Shesha ukubonisa isihe, wephuze ukucasuka.​—UmSh. 7:8, 9.

HLONIPHA UKUPHILA, NGEKE UBE NECALA LEGAZI

9. UJehova wawasiza kanjani ama-Israyeli aqaphela ubungcwele bokuphila?

9 Injongo eyinhloko yemizi yesiphephelo kwakuwukuvikela ama-Israyeli ekubeni necala legazi. (Dut. 19:10) UJehova uyakuthanda ukuphila futhi uyabazonda abantu ‘abanezandla ezichitha igazi elingenacala.’ (IzAga 6:16, 17) Njengoba enguNkulunkulu ongcwele nonobulungisa wayengeke akushalazelele ukuchithwa kwegazi ngisho nalapho kwenzeke ngephutha. Kuyiqiniso ukuthi umuntu obulale ngephutha wayeboniswa isihe. Nakuba kunjalo kwakudingeka abike icala lakhe emadodeni amadala futhi uma ahlulelwa njengobulale ngephutha, kwakudingeka ahlale emzini wesiphephelo kuze kushone umpristi ophakeme. Lokhu kwakusho ukuthi wayezohlala ukuphila kwakhe konke lapho. Konke lokhu kwenza ama-Israyeli aqaphela ubungcwele bokuphila. Ukuze ahloniphe Umuphi-Wokuphila, kwakudingeka agweme noma yini engabeka ukuphila kwabanye engcupheni.

10. UJesu wathi ababhali nabaFarisi babonisa kanjani ukuthi abanandaba nokuphila?

10 Ngokungafani noJehova, ababhali nabaFarisi babonisa ukuthi abakuhloniphi ukuphila. Kanjani? UJesu wathi kubo: “Nisuse isihluthulelo solwazi; nina ngokwenu aningenanga, nalabo abangenayo nibathiyile!” (Luka 11:52) Kwakumelwe basize abantu baqonde iZwi likaNkulunkulu futhi babaholele endleleni eya ekuphileni okuphakade. Kunalokho, babeqhelelanisa abantu ‘kuMmeli Oyinhloko wokuphila,’ uJesu, bebaholela ezintweni ezingabenza babhujiswe. (IzE. 3:15) Ngenxa yokuthi ababhali nabaFarisi babeqhosha futhi  bezicabangela bona kuphela, babengenandaba nokuphila nenhlalakahle yabantu. Iyadabukisa ngempela indlela enonya ababebheka ngayo abantu.

11. (a) Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi ubheka ukuphila ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo? (b) Yini ezosisiza sibe nombono kaPawulu mayelana nenkonzo?

11 Singayigwema kanjani indlela ababhali nabaFarisi ababebheka ngayo abantu, silingise uJehova? Kumelwe sihloniphe futhi sazise isipho sokuphila. Umphostoli uPawulu wahlonipha ukuphila ngokushumayela kubo bonke abantu. Ngenxa yalokho, wayengasho ukuthi: “Ngimsulwa egazini labo bonke abantu.” (Funda izEnzo 20:26, 27.) Noma kunjalo, uPawulu wayeshumayela ngoba ebathanda abantu futhi ekwazisa ukuphila kwabo hhayi nje ngoba edliwa unembeza. (1 Kor. 9:19-23) Nathi kufanele silwele ukubheka ukuphila ngendlela kaNkulunkulu. UJehova “ufisa ukuba bonke [abantu] baphenduke.” (2 Pet. 3:9) Kuthiwani ngawe? Ungathola ukuthi ukuhlakulela ukuba nomusa kungenza ukuba ushiseke enkonzweni futhi ujabule kakhulu.

12. Kungani ukuphepha kubalulekile kubantu bakaNkululunku?

12 Sibonisa ukuthi sibheka ukuphila ngendlela kaJehova nalapho sihlakulela umbono ofanele ngokuphepha. Kumelwe sishayele futhi sisebenze ngendlela ephephile ngisho nalapho sakha, silungisa izakhiwo noma siya ezindaweni zokukhulekela. Qikelela ukuthi imali nokufuna ukuqeda umsebenzi akubeki impilo noma ukuphila kwabantu engozini. UNkulunkulu wethu onobulungisa uhlale enza okulungile nokufanele ngaso sonke isikhathi. Nathi sifuna ukufana naye. Ngokukhethekile abadala bayaqikelela ukuthi baphephile nokuthi abantu abasebenza eduze nabo baphephile. (IzAga 22:3) Ngakho, lapho umdala ekukhumbuza ngemithetho yokuphepha kumelwe umlalele. (Gal. 6:1) Bheka ukuphila ngendlela uJehova akubheka ngayo, ngeke ube necala legazi.

‘YAHLULELA NGOKUVUMELANA NALEZI ZAHLULELO’

13, 14. Amadoda amadala akwa-Israyeli ayengabulingisa kanjani ubulungisa bukaJehova?

13 UJehova wayala amadoda amadala akwa-Israyeli ukuba alingise ubulungisa bakhe. Into yokuqala okwakumelwe ayenze ukuthola amaqiniso. Ngemva kwalokho, ukuze abone ukuthi kufanele abonise isihe yini, amadoda amadala kwakumelwe atholisise kahle isisusa, isimo sengqondo nendlela lo obulele abeziphethe ngayo. Ukuze alingise ubulungisa bukaNkulunkulu amadoda amadala kwakumelwe athole ukuthi umbaleki ubulale ngoba ‘enenzondo’ nokuthi ubehlosile yini. (Funda uNumeri 35:20-24.) Uma kukhona ofakazi, okungenani abantu ababili kwakumelwe bafakazele ukuthi umbaleki ubulale ngephutha.​—Num. 35:30.

14 Ngemva kokuthola amaqiniso ngendaba, amadoda amadala kwakumelwe ahlolisise umuntu hhayi isenzo nje kuphela. Kwakumelwe abenokuqonda, ikhono lokukwazi ukubheka ngale kokubonakala emehlweni abantu, abone umnyombo wendaba. Ngaphezu kwakho konke ayedinga umoya kaJehova, owawuzowasiza abonise ukuqonda, isihe nobulungisa bakhe.​—Eks. 34:6, 7.

15. Veza umehluko endleleni uJesu nabaFarisi ababebheka ngayo izoni.

15 AbaFarisi babegxila kuphela kulokho okwenziwe yisoni kunokuba babheke izisusa zesoni. Ngesikhathi abaFarisi bebona uJesu edla endlini kaMathewu, babuza abafundi bakhe: “Kungani umfundisi wenu edla nabathelisi nezoni?” UJesu wabaphendula: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Khona-ke, hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu, ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’ Ngoba ngizelé ukuzobiza  izoni, hhayi abantu abalungileyo.” (Math. 9:9-13) Ingabe uJesu wayethethelela ukwenziwa kwezono ezinkulu? Cha akunjalo. Empeleni umyalezo oyinhloko uJesu ayewushumayela wawuthi abantu abaphenduke ezonweni zabo. (Math. 4:17) Ngenxa yokuthi uJesu unokuqonda, waqaphela ukuthi kulaba ‘bathelisi nezoni’ kukhona ababefuna ukushintsha. Babengezelanga ukuzodla nje kuphela endlini kaMathewu. Empeleni, babebaningi ababelandela uJesu. (Marku 2:15) Ngokudabukisayo, abaFarisi behluleka ukubona lokho uJesu ayekubona kulaba bantu. AbaFarisi babebiza abantu ngokuthi izoni, bebalahla njengabantu abangenathemba ngokungafani noNkulunkulu onobulungisa nonomusa abathi bayamkhulekela.

16. Lapho abadala besekomitini yokwahlulela balwela ukutholani?

16 Abadala namuhla kumelwe balingise uJehova ‘ongumthandi wobulungisa.’ (IHu. 37:28) Okokuqala, kudingeka ‘bafune, baphenye futhi babuzisise’ ukuze bathole ukuthi ububi benziwe yini. Uma benziwe kumelwe bahlulele ngokwezimiso zemiBhalo. (Dut. 13:12-14) Lapho besekomitini yokwahlulela, abadala kumelwe bathole ukuthi umKristu owonile uphenduke ngempela yini. Akulula ngaso sonke isikhathi ukubona ukuthi umuntu uphendukile noma cha. Kuhilela indlela umuntu abheka ngayo izinto, ukucabanga nesimo senhliziyo. (IsAm. 3:3) Isoni kumelwe siphenduke ukuze siboniswe isihe. *

17, 18. Abadala bangabona kanjani ukuthi isoni siphenduke ngokusuka enhliziyweni? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

17 Ngokungafani noJehova noJesu, abadala abakwazi ukufunda izinhliziyo. Uma ungumdala ungabona kanjani ukuthi isoni siphenduke ngokusuka enhliziyweni? Okokuqala, ngomthandazo cela uJehova akuphe ukuhlakanipha nokuqonda. (1 AmaKh. 3:9) Okwesibili, funda iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezivela encekwini ethembekile ukuze ukwazi ukuhlukanisa phakathi ‘kokudabuka kwezwe’ ‘nokudabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu,’ okuwukuphenduka kwangempela. (2 Kor. 7:10, 11) Hlola indlela imiBhalo eveza ngayo izoni eziphenduke ngempela nezingaphenduki. IBhayibheli liyiveza kanjani imizwa, ukucabanga nokuziphatha kwazo?

18 Okokugcina, zama ukubona ukuthi isoni singumuntu onjani. Cabangela isizinda, izisusa nokulinganiselwa kwaso. Mayelana nenhloko yebandla lobuKristu, uJesu, iBhayibheli labikezela ukuthi: “Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.” (Isaya 11:3, 4) Nina badala ningabelusi ababekwe uJesu futhi uzonisiza nahlulele ngendlela yena ahlulela ngayo. (Math. 18:18-20) Siyajabula ngempela ngokuthi sinabadala abasithandayo abalwela ukulingisa uKristu. Ave siyazisa imizamo yabo yokubonisa isihe nobulungisa emabandleni ethu!

19. Yisiphi isifundo ositholile endabeni yemizi yesiphephelo?

19 UMthetho kaMose ‘wawunohlaka lolwazi nolweqiniso’ ngoJehova nangezimiso zakhe ezilungile. (Roma 2:20) Ngokwesibonelo, imizi yesiphephelo ifundisa abadala indlela yokwahlulela “ngobulungisa beqiniso” iphinde ifundise wonke umuntu indlela angabaphatha ngayo abanye ngothando nangesihe. (Zak. 7:9) Kodwa namuhla asikho ngaphansi koMthetho. Noma kunjalo, uJehova akashintshi futhi izimfanelo zakhe zobulungisa nesihe zisabalulekile kuye. Kuyilungelo ngempela ukukhonza uNkulunkulu owasenza safana naye, esikwazi ukulingisa izimfanelo zakhe nesingaphephela kuye!

^ isig. 16 Bheka INqabayokulinda, kaSepthemba 15, 2006, esihlokweni esithi “Imibuzo Evela Kubafundi”, k. 30.