Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda—Efundwayo  |  Novemba 2017

Kwenqabe Ukucabanga Kwezwe

Kwenqabe Ukucabanga Kwezwe

‘Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize . . . yezwe.’​—KOL. 2:8.

IZINGOMA: 60, 26

1. Yisiphi isiyalo umphostoli uPawulu eluleka ngaso amaKristu aseKolose? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

UMPHOSTOLI uPawulu wabhalela amaKristu aseKolose ngesikhathi eboshiwe eRoma cishe ngo-60 kuya ku-61 C.E. Wawachazela ukubaluleka kokuba “nokuqonda okungokomoya.” (Kol. 1:9) UPawulu waqhubeka wathi: “Lokhu ngikusho ukuze kungabikho muntu onidukisa ngezinkulumo ezithonyayo. Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.” (Kol. 2:4, 8) UPawulu wachaza nokuthi kungani eminye imibono ethandwayo yayingalungile nokuthi kungani ukucabanga kwezwe kungase kukhange kumuntu onesono. Ngokwesibonelo, kungenza umuntu azibone ehlakaniphile futhi engcono kunabanye. Incwadi yayihloselwe ukusiza abazalwane benqabe ukucabanga kwezwe nemikhuba emibi.—Kol. 2:16, 17, 23.

2. Kungani sizoxoxa ngezibonelo zokucabanga kwezwe?

2 Ukucabanga kwezwe kululaza iziqondiso zikaJehova, ukuthonywa yikho kungenza ukholo lwethu lube buthakathaka. Namuhla sonke sichayeke ekucabangeni kwezwe. Kukhuthazwa ngethelevishini, nge-intanethi, emsebenzini nasesikoleni. Kulesi sihloko sizohlola ukuthi yini esingayenza ukuze sigweme ukucabanga okunjalo  ukuze kungalimazi izingqondo zethu. Sizoxoxa ngezibonelo ezinhlanu zokucabanga kwezwe nokuthi singakugwema kanjani.

SIYAKUDINGA YINI UKUKHOLELWA KUNKULUNKULU?

3. Iyiphi indlela yokucabanga abantu abayithandayo futhi kungani?

3 “Ngingaba umuntu olungile ngaphandle kokukholelwa kuNkulunkulu.” Emazweni amaningi, kuvamile ukuzwa abantu bethi abakholelwa kuNkulunkulu; bethi ayikho inkolo abakhonza kuyo. Kungenzeka abakaze bacabangisise ngokuba khona kukaNkulunkulu, bamane nje bajabulela ukwenza noma yini abayithandayo. (Funda iHubo 10:4.) Abanye bazibona behlakaniphile lapho bethi, “Ngingaziphatha kahle ngibe ngingakholelwa kuNkulunkulu.”

4. Singabonisana kanjani nomuntu othi akekho uMdali?

4 Ingabe ukukholelwa ukuthi akekho uMdali kusekelwe ezizathwini ezinengqondo? Lapho usebenzisa isayensi ukuze uthole ukuthi ingabe ukuphila kwadalwa, ungase uthole ulwazi olungakushiya udidekile. Kodwa empeleni, impendulo ilula. Uma isakhiwo sidinga othile ozosakha, kangakanani-ke ngezinto eziphilayo? Amangqamuzana aphilayo angabonakala ewubala, kodwa ayinkimbinkimbi kunanoma iyiphi indlu ngoba angenza okungaphezu kwalokho okungenziwa yindlu. Amangqamuzana anendlela yokulondoloza nokukopisha ulwazi oludingekayo ukuze aziphindaphinde. Umklamo wengqamuzana eliphilayo uvela kuphi? IBhayibheli lithi: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.”—Heb. 3:4.

5. Yini esingayisho ngombono wokuthi umuntu angakwazi ukwenza okulungile ngaphandle kokukholelwa kuNkulunkulu?

5 Singamsiza kanjani umuntu othi angakwenza okulungile ngaphandle kokukholelwa kuNkulunkulu? IZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi abantu abangakholelwa kuNkulunkulu bangase babe nobuntu obuhle obuncomekayo. (Roma 2:14, 15) Ngokwesibonelo, bangase babahloniphe futhi babathande abazali babo. Kodwa kuthembeke kangakanani ukuziphatha komuntu owenqaba ukuvuma ukuba khona koMdali wethu onothando osichazela ukuthi yini elungile nengalungile? (Isaya 33:22) Abantu abaningi abahlakaniphile namuhla bayavuma ukuthi ukuwohloka komhlaba kufakazela ukuthi abantu bayaludinga usizo lukaNkulunkulu. (Funda uJeremiya 10:23.) Ngakho akumelwe sicabange ukuthi umuntu angakwazi ukwenza okulungile ngaphandle kokukholelwa kuNkulunkulu nangokuphila ngezindinganiso zakhe.—IHu. 146:3.

INGABE SIYAYIDINGA INKOLO?

6. Abantu abaningi bayibheka kanjani inkolo?

6 “Ungajabula ngaphandle kwenkolo.” Abaningi bayayithanda le ndlela yokucabanga kwezwe ngoba babheka inkolo njengento eyisicefe nephelelwe isikhathi. Nayo inkolo iqhelisa abantu kuNkulunkulu ngokufundisa ngesihogo somlilo, ukuqoqa okweshumi noma ngokuzibandakanya kwezombusazwe. Akumangazi ukuthi abantu abaningi banomuzwa wokuthi bangajabula ngaphandle kwenkolo! Abantu abanjalo bangase bathi, “Ngiyalithanda iBhayibheli kodwa angifuni ukuzihlanganisa nenkolo ethile.”

7. Inkolo yeqiniso isenza kanjani sijabule?

7 Ingabe singajabula ngempela ngaphandle kwenkolo? Umuntu angajabula ngaphandle kwenkolo yamanga, kodwa ngeke ajabule ngempela uma engeyena umngane kaJehova, ochazwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) Yonke into uNkulunkulu ayenzayo izuzisa abanye. Izinceku zakhe ziyajabula ngoba zigxila ekusizeni abanye. (IzE. 20:35) Ngokwesibonelo, cabanga indlela inkolo yeqiniso  ethuthukisa ngayo injabulo yomndeni. Inkolo yeqiniso isifundisa ukuhlonipha nokuthembeka kubantu esishade nabo, ukubheka izifungo zomshando njengezingcwele, ukugwema ukuphinga, ukukhulisa izingane ezihloniphayo nokubonisa uthando lweqiniso. Ngenxa yalokho, inkolo enjalo yenza abantu bajabule, babe nobunye emabandleni futhi kwakheke ubuzalwane bomhlaba wonke.—Funda u-Isaya 65:13, 14.

8. Singawusebenzisa kanjani uMathewu 5:3 lapho siphendula umbuzo othi, Yini eyenza abantu bajabule?

8 Ingabe umuntu angajabula ngempela ngaphandle kokukhonza uNkulunkulu? Cabanga ngalo mbuzo, Yini eyenza abantu bajabule? Abanye bajatshuliswa umsebenzi, ezemidlalo noma ukuzilibazisa. Kanti abanye bajatshuliswa ukunakekela umndeni noma abangane. Zonke lezi zinto zingasenza sijabule, kodwa ukuphila kwethu kunenjongo engcono engasinika injabulo ehlala phakade. Ngokungafani nezilwane, singamazi uMdali wethu futhi simkhonze ngokwethembeka. Indlela esidalwe ngayo isenza sijabule lapho sazi uMdali wethu. (Funda uMathewu 5:3.) Ngokwesibonelo, abakhulekeli beqiniso bayajabula futhi bathole isikhuthazo lapho behlangana ndawonye ukuze bakhonze uJehova. (IHu. 133:1) Bajabulela ukuba nobunye nabazalwane babo kuwo wonke umhlaba, baphila ukuphila okuhlanzekile futhi banethemba elijabulisayo.

INGABE SIYAZIDINGA IZINDINGANISO ZOKUZIPHATHA?

9. (a) Yimuphi umbono ovamile namuhla ngokuya ocansini? (b) Kungani iZwi likaNkulunkulu likwenqabela ukulala nomuntu ongashadile naye?

9 “Kungani kukubi ukulala nomuntu ongashadile naye?” Abantu bangase bathi kithi, “Kumelwe sikujabulele ukuphila. Kungani uzincisha ukulala nomuntu ngoba nje ungashadile naye?” Mubi umbono othi umKristu kumelwe akubekezelele ukuziphatha okubi ngokocansi. Kungani? Yingoba iZwi likaNkulunkulu liyakwenqabela ukuziphatha kabi ngokocansi. * (Funda eyoku-1 Thesalonika 4:3-8.) UJehova unelungelo lokusinika imithetho ngoba sadalwa nguye. Umthetho kaNkulunkulu uvumela ubuhlobo bobulili kuphela phakathi kwabantu abashadile—indoda nomkayo. Lo mthetho uyingxenye yelungiselelo lomshado. UNkulunkulu usinika imithetho ngoba uyasithanda. Iyasizuzisa. Imindeni eyithobelayo inothando, inhlonipho nokulondeka. UNkulunkulu akababekezeleli abantu abayiphula ngamabomu imithetho yakhe.—Heb. 13:4.

10. AmaKristu angadeda kanjani ekuziphatheni okubi ngokocansi?

10 IZwi likaNkulunkulu lisifundisa indlela yokubalekela ukuziphatha kabi ngokocansi. Indlela ebalulekile yokwenza lokho ukuqapha izinto esizibukayo. UJesu wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe. Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude.” (Math. 5:28, 29) Ngakho umKristu uyokugwema ukubuka izinto ezivusa inkanuko njengezithombe zabantu abanqunu noma ezocansi kanye nokulalela umculo onenhlamba noma okhuthaza ukuziphatha okubi. Umphostoli uPawulu wabhala: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe.” (Kol. 3:5) Ngaphezu kwalokho, kudingeka silawule imicabango yethu nezinto esixoxa ngazo.​—Efe. 5:3-5.

 INGABE KUFANELE NGIFUNE UMSEBENZI ONEMALI?

11. Kungani ukufuna umsebenzi onemali kungase kufiseleke?

11 “Umsebenzi onemali uzokwenza ujabule.” Abantu abaningi bathi ukuba nomsebenzi onemali kumelwe kube umgomo wethu ekuphileni. Umsebenzi onjalo ungasenza saziwe, sibe negunya futhi sibe nemali eningi. Ngenxa yokuthi ukuba nomsebenzi onemali kuwumgomo wabaningi, umKristu angagcina esecabanga ngendlela efanayo.

12. Ingabe ukuba nomsebenzi onemali kusenza sijabule?

12 Kuyiqiniso yini ukuthi umsebenzi onemali okwenza ube negunya futhi uvelele ungakunika injabulo ehlala njalo? Cha. Khumbula ukuthi ukufisa ukulawula abanye nokuvelela yizinto ezaheha uSathane, kodwa manje akajabule kunalokho uthukuthele kabi. (Math. 4:8, 9; IsAm. 12:12) Uma uqhathaniswa nenjabulo ehlala njalo esiyithola ngokusiza abantu bazuze ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu ukuze bathole ukuphila okuphakade, umsebenzi onemali ungasinika ukwaneliseka okuncane kakhulu. Ngaphezu kwalokho, umoya waleli zwe ukhuthaza ukuncintisana. Ugqugquzela abantu ukuba bangafuni ukuhlulwa, babe nomona, kodwa ekugcineni konke lokhu kuba yize “nokulwela ukufica umoya.”—UmSh. 4:4.

13. (a) Kumelwe siwubheke kanjani umsebenzi wokuziphilisa? (b) Encwadini ayibhalela abaseThesalonika, uPawulu wathi yini emenza ajabule kakhulu?

13 Kuyiqiniso ukuthi kumelwe sisebenze ukuze siziphilise futhi ayikho into embi ngokukhetha umsebenzi esiwuthandayo. Kodwa umsebenzi wethu wokuziphilisa akumelwe ube yinto eza kuqala ekuphileni kwethu. UJesu wathi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Math. 6:24) Lapho sigxila ekukhonzeni uJehova nokufundisa abanye iZwi lakhe, sithola injabulo engenakuqhathaniswa. Umphostoli uPawulu uwufakazi walokho. Ngesikhathi esemusha, wayefuna ukuphumelela emsebenzini ayewenza enkolweni yamaJuda, kodwa wathola injabulo yangempela lapho eba umfundisi weZwi likaNkulunkulu futhi ebona indlela abantu ababesabela ngayo eZwini likaNkulunkulu nendlela elalishintsha ngayo ukuphila kwabo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13, 19, 20.) Awukho omunye umsebenzi osinika ukwaneliseka kunalona.

Injabulo ehlala njalo ilethwa ukusiza abantu bazuze ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu (Bheka izigaba 12, 13)

 SINGAZIXAZULULA YINI IZINKINGA ZESINTU?

14. Kungani umbono othi abantu bangazilungisa izinkinga zabo uthandeka?

14 “Abantu bangazilungisa izinkinga zabo.” Abantu abaningi bayayithanda le ndlela yezwe yokucabanga. Kungani? Ukube ibiyiqiniso, bekuyosho ukuthi abantu abasidingi isiqondiso sikaNkulunkulu nokuthi bangenza noma yini abayithandayo. Lo mbono wokuthi abantu bangazilungisa izinkinga zabo ungase uzwakale uyiqiniso ngoba ngokwezinye izinhlolo-vo, izimpi, ubugebengu, izifo nokuhlupheka kuyancipha. Omunye umbiko uthi: “Isizathu esenza ukuphila kwabantu kube ngcono ukuthi abantu banqume ukwenza umhlaba ube yindawo engcono.” Ingabe imibiko enjengalena ibonisa ukuthi abantu sebeyakwazi ukulungisa izinkinga esezibahluphe isikhathi eside? Ukuze sithole impendulo, ake sihlole lezi zinkinga zesintu ngokuseduze.

15. Yimaphi amaqiniso abonisa ukuthi isintu sikhungethwe yizinkinga?

15 Izimpi: Izimpi zomhlaba ezimbili zabulala abantu abalinganiselwa ku-60 000 000 noma ngaphezulu. Kusukela kwaphela iMpi Yezwe II, abantu basaqhubeka nokulwa. Ngo-2015, inani labantu ababaleka emizini yabo ngenxa yezimpi noma ushushiso lakhula lafika ku-65 000 000. Kuwo lowo nyaka, abantu abangaba ngu-12 400 000 babaleka emizini yabo. Ubugebengu: Nakuba izinhlobo ezithile zobugebengu ziye zancipha kwezinye izindawo, ezinye izinhlobo ziye zanda, njengobugebengu kuyi-inthanethi, ukuhlukunyezwa kwabantu emshadweni nobuphekula. Ngaphezu kwalokho abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukukhohlakala kuqhubeka kwanda. Abantu abakwazi ukubuqeda ubugebengu. Izifo: Ezinye izifo ziyalawuleka. Kodwa umbiko owakhishwa ngo-2013 waveza ukuthi njalo ngonyaka abantu abangu-9 000 000 abangaphansi kweminyaka engu-60 babulawa isifo senhliziyo, bashaywa unhlangothi, baba nomdlavuza, inkinga yokuphefumula kanye nesifo sikashukela. Ubumpofu: Ngokwebhange Lomhlaba, inani labantu abakhungethwe ubumpofu e-Afrika kuphela, liye lakhula lisuka ku-280 000 000 ngo-1990 laya ku-330 000 000 ngo-2012.

16. (a) Kungani kunguMbuso kaNkulunkulu kuphela ongalungisa izinkinga zesintu? (b) Yiziphi izibusiso zoMbuso ezabikezelwa u-Isaya nomhubi?

16 Ezomnotho nezombusazwe ziphethwe abantu abanobugovu. Kuyacaca ukuthi laba bantu ngeke bakwazi ukuqeda izimpi, ubugebengu, izifo nobumpofu. UMbuso kaNkulunkulu kuphela ongaziqeda lezi zinto. Cabanga ngalokho uJehova ayokwenzela isintu. Izimpi: UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda izinto ezibangela izimpi ezinjengobugovu, ukukhohlakala, ukushisekela izwe, inkolo yamanga noSathane uqobo lwakhe. (IHu. 46:8, 9) Ubugebengu: UMbuso kaNkulunkulu kakade ufundisa izigidi zabantu ukuba zithandane futhi zithembane. (Isaya 11:9) Izifo: UJehova uyobusisa abantu bakhe bangaphinde bagule. (Isaya 35:5, 6) Ubumpofu: UJehova uyobuqeda ubumpofu bese enikeza abantu ukudla okungomoya nongokwenyama okwanele; lokho kuphila kungcono kakhulu kunalokho esingakuthenga ngengcebo.​—IHu. 72:12,13.

YAZI INDLELA OKUFANELE UPHENDULE NGAYO

17. Ungakwenqaba kanjani ukucabanga kwezwe?

17 Uma uzwa indlela yokucabanga yezwe evivinya ukholo lwakho, cwaninga lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu, uxoxe ngalolo daba namanye amaKristu angomakad’ ebona. Zibuze ukuthi kungani lo mbono uzwakala uthandeka, kungani ukucabanga okunjalo kuyiphutha nokuthi ungakuphebeza kanjani. Ngempela, sonke singazivikela ekucabangeni kwezwe ngokulandela isikhuthazo uPawulu asinika ibandla laseKolose: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle . . . Nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kol. 4:5, 6.

^ isig. 9 Abantu abaningi abaqapheli ukuthi uJohane 7:53–8:11 amavesi anezelwa eBhayibhelini ayengekho emibhalweni yokuqala. Besebenzisa la mavesi, abanye baye bathi umuntu ongenasono kuphela ongatshela omunye umuntu ukuthi wenze into embi ngokuphinga. Kodwa umthetho uNkulunkulu awunika isizwe sakwa-Israyeli uthi: “Uma kwenzeka kutholakala indoda ilele nowesifazane ongumkamuntu, khona-ke bobabili kumelwe bafe kanyekanye.”—Dut. 22:22.