Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18

Uthando Nobulungisa Ebandleni LobuKristu

Uthando Nobulungisa Ebandleni LobuKristu

“Qhubekani nithwalisana imithwalo yomunye nomunye, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.”—GAL. 6:2.

INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova

AMAZWIBELA *

1. Yiziphi izinto ezimbili esingaqiniseka ngazo?

UJEHOVA UNKULUNKULU uyabathanda abakhulekeli bakhe. Bekulokhu kunjalo futhi kuyohlale kunjalo. Uyabuthanda nobulungisa. (IHu. 33:5) Ngakho singaqiniseka ngalezi zinto ezimbili: (1) UJehova uzwa ubuhlungu lapho ebona izinceku zakhe ziphathwa ngendlela engafanele. (2) Uzobajezisa labo abaphatha abanye ngendlela engafanele. Esihlokweni sokuqala kulezi ezine, * sifunde ukuthi uMthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli wawusekelwe othandweni. Wawukhuthaza ukuba bonke abantu baphathwe ngobulungisa, ikakhulukazi abafelokazi nezintandane. (Dut. 10:18) Lowo Mthetho wawubonisa ukuthi uJehova ubakhathalela ngempela abakhulekeli bakhe.

2. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

2 UMthetho KaMose wayeka ukusebenza ngo-33 C.E. lapho kumiswa ibandla lobuKristu. Ingabe amaKristu ayengeke avikelwe umthetho owawusekelwe othandweni nowawukhuthaza ubulungisa? Lutho neze! AmaKristu ayenomthetho omusha. Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngokuthi yimuphi lowo mthetho. Sizobe sesiphendula le mibuzo: Kungani singathi lo mthetho omusha usekelwe othandweni? Kungani singathi ukhuthaza ubulungisa? Ngokwalo mthetho, labo abasegunyeni kufanele babaphathe kanjani abanye?

UYINI “UMTHETHO KAKRISTU”?

3. “Umthetho kaKristu” okukhulunywa ngawo kweyabaseGalathiya 6:2 uhlanganisani?

3 Funda eyabaseGalathiya 6:2. AmaKristu aphila ‘ngomthetho kaKristu.’ UJesu akazange abhalele abalandeli bakhe  uhide lwemithetho, kodwa wabanikeza iziqondiso, imiyalo nezimiso okwakufanele baphile ngazo. “Umthetho kaKristu” uhlanganisa konke uJesu akufundisa. Ukuze siwuqonde kangcono lo mthetho, cabanga ngalokhu okulandelayo.

4-5. Yiziphi izindlela uJesu afundisa ngazo, futhi wafundisa nini?

4 UJesu wayefundisa ngaziphi izindlela? Okokuqala, wayefundisa abantu ngalokho ayekusho. Amazwi akhe ayenamandla ngoba wayekhuluma iqiniso ngoNkulunkulu, efundisa ngenjongo yangempela ekuphileni futhi wayebhekisela eMbusweni kaNkulunkulu njengoyikhambi lazo zonke izinkinga zabantu. (Luka 24:19) UJesu wayefundisa nangesibonelo. Indlela ayephila ngayo yabonisa abalandeli bakhe indlela okwakufanele baphile ngayo.—Joh. 13:15.

5 UJesu wafundisa nini? Wafundisa ngesikhathi esemhlabeni. (Math. 4:23) Waphinde wafundisa abalandeli bakhe ngemva nje kokuvuswa kwakhe. Ngokwesibonelo, wabonakala eqenjini labafundi abangaphezu kuka-500 futhi wabayala ukuba ‘benze abafundi.’ (Math. 28:19, 20; 1 Kor. 15:6) Njengenhloko yebandla, uJesu waqhubeka eqondisa abafundi bakhe nalapho esephindele ezulwini. Ngokwesibonelo, ngawo-96 C.E., uKristu wayala umphostoli uJohane ukuba akhuthaze futhi eluleke amaKristu agcotshiwe.—Kol. 1:18; IsAm. 1:1.

6-7. (a) Izimfundiso zikaJesu zibhalwephi? (b) Siwulalela kanjani umthetho kaKristu?

6 Izimfundiso zikaJesu zibhalwephi? AmaVangeli amane anezinto eziningi uJesu azisho nazenza ngesikhathi esemhlabeni. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki—eyabhalwa amadoda ayeqondiswa umoya ongcwele futhi ‘enomqondo kaKristu’—nayo iyasisiza siqonde umbono kaJesu ezindabeni ezithile.—1 Kor. 2:16.

7 Izifundo: Izimfundiso zikaJesu zisisiza kukho konke ukuphila kwethu. Ngakho umthetho kaKristu uthinta konke esikwenzayo lapho sisemakhaya, emsebenzini, esikoleni nasebandleni. Lo mthetho siwufunda ngokutadisha imiBhalo YamaKristu YesiGreki nangokuzindla ngayo. Siwulalela ngokuphila ngokuvumelana  neziqondiso, imiyalo nezimiso ezitholakala kulezo zincwadi zeBhayibheli. Uma silalela umthetho kaKristu sisuke silalela uNkulunkulu wethu onothando, uJehova, onguMthombo wakho konke uJesu akufundisa.—Joh. 8:28.

UMTHETHO OSEKELWE OTHANDWENI

8. Umthetho kaKristu usekelwephi?

8 Indlu eyakhiwe kahle nenesisekelo esiqinile yenza abantu abahlala kuyo bazizwe bephephile futhi belondekile. Ngendlela efanayo, umthetho onesisekelo esiqinile wenza labo abawulalelayo bazizwe bephephile futhi belondekile. Umthetho kaKristu unesisekelo esingcono kunazo zonke—uthando. Kungani sisho kanjalo?

Lapho siphatha abanye ngothando, sisuke silalela “umthetho kaKristu” (Bheka izigaba 9-14) *

9-10. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayeqhutshwa uthando kukho konke ayekwenza, futhi singamlingisa kanjani?

9 Okokuqala, uJesu wayeqhutshwa uthando kukho konke ayekwenza. Isihawu siwukubonakaliswa kothando. Isihawu uJesu ayenaso samenza wafundisa isixuku, welapha abagulayo, wasuthisa abalambile, wavusa nabafile. (Math. 14:14; 15:32-38; Marku 6:34; Luka 7:11-15) Nakuba ukwenza lezi zinto kwakudinga isikhathi namandla akhe, uJesu wayethanda ukubeka izidingo zabanye kuqala kunezakhe. Ngaphezu kwakho konke, wabonisa uthando olukhulu ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu.—Joh. 15:13.

10 Izifundo: Singamlingisa uJesu ngokubeka izidingo zabanye kuqala kunezethu. Singamlingisa nangokubabonisa isihawu abantu esibashumayezayo. Uma isihawu sisenza sishumayele futhi sifundise izindaba ezinhle, sisuke silalela umthetho kaKristu.

11-12. (a) Yini ebonisa ukuthi uJehova uyasikhathalela ngempela? (b) Singamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni uthando?

11 Okwesibili, uJesu wabonisa uthando lukaYise. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wabonisa ukuthi uJehova uyabakhathalela ngempela abakhulekeli bakhe. Nakhu okunye uJesu akufundisa: Umuntu ngamunye ubalulekile futhi uyigugu kuBaba wethu osezulwini. (Math. 10:31) UJehova uzimisele ukwamukela imvu ebilahlekile uma iphenduka futhi ibuyela ebandleni. (Luka 15:7, 10) UJehova wabonisa ukuthi uyasithanda ngokunikela ngeNdodana yakhe ukuba ibe isihlengo.—Joh. 3:16.

12 Izifundo: Singamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni uthando? (Efe. 5:1, 2) Sibheka abafowethu nodadewethu njengababalulekile nabayigugu futhi siyamukela ngenjabulo ‘imvu elahlekile’ ebuyela kuJehova. (IHu. 119:176) Sibonisa ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu lapho sizidela, sibasiza uma bedinga usizo. (1 Joh. 3:17) Lapho siphatha abanye ngendlela ebonisa ukuthi siyabathanda siyobe silalela umthetho kaKristu.

13-14. (a) NgokukaJohane 13:34, 35, yini uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bayibonise, futhi kungani lo kungumyalo omusha? (b) Siwulalela ngaziphi izindlela umyalo omusha?

13 Okwesithathu, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba babonise uthando lokuzidela. (Funda uJohane 13:34, 35.) Umyalo kaJesu wawumusha ngenxa yokuthi wayeyala abalandeli bakhe ukuba babonise uthando okwakungadingeki ama-Israyeli ayephila ngoMthetho KaMose alubonise: Thanda abanye ngendlela uJesu akuthanda ngayo. Lokho kusho ukubonisa uthando lokuzidela. * Kumelwe sithande abafowethu nodadewethu ngisho nangaphezu kokuba sizithanda thina. Kumelwe  sibathande size sizimisele nokubafela, njengoba kwenza uJesu.

14 Izifundo: Siwulalela kanjani umyalo omusha? Kalula nje, ngokuzidela ngenxa yabafowethu nodadewethu. Sizimisele ukudela ngisho nokuphila kwethu, kodwa siyodela ngisho nezinto ezincane ngenxa yabo. Ngokwesibonelo, lapho silanda njalo umfowethu noma udadewethu osekhulile uma siya emihlanganweni, noma lapho sidela okuthile ukuze sijabulise umuntu esimthandayo, noma lapho sicela izinsuku emsebenzini ukuze sisize lapho kube nenhlekelele khona, sisuke silalela umthetho kaKristu. Sisuke senza nokuba ibandla esikulo libe indawo lapho wonke umuntu ezozizwa ephephile futhi elondekile.

UMTHETHO OKHUTHAZA UBULUNGISA

15-17. (a) Izenzo zikaJesu zabonisa kanjani ukuthi unobulungisa? (b) Singamlingisa kanjani uJesu?

15 NgokweBhayibheli, “ubulungisa” busho ukwenza into uNkulunkulu ayibheka njengelungile futhi siyenze ngokungakhethi. Kungani singathi umthetho kaKristu ukhuthaza ubulungisa?

UJesu wayebahlonipha abantu besifazane futhi ebaphatha ngomusa, ngisho nalabo ababengahlonishwa (Bheka isigaba 16) *

16 Okokuqala, cabanga ngendlela izenzo zikaJesu ezabonisa ngayo ubulungisa. Ngosuku lwakhe, abaholi benkolo abangamaJuda babebazonda abantu abangewona amaJuda, bewabukela phansi amaJuda ayengafundile futhi bengabahloniphi abesifazane. Nokho, uJesu wayebaphatha ngendlela efanele bonke abantu futhi engakhethi. Wayengabaxwayi abangewona amaJuda ababebonisa ukholo kuye. (Math. 8:5-10, 13) Wayeshumayeza bonke abantu, abacebile nabampofu, ngaphandle kokubabandlulula. (Math. 11:5; Luka 19:2, 9) Wayengabaphathi ngokhahlo noma abahlukumeze abantu besifazane. Kunalokho, wayebahlonipha futhi ebaphatha ngomusa, kuhlanganise nalabo ababekhishwa inyumbazane.—Luka 7:37-39, 44-50.

17 Izifundo: Singamlingisa uJesu ngokuphatha abanye ngokungakhethi futhi sishumayeze bonke abafuna ukulalela—kungakhathaliseki ukuthi bacebile noma bampofu noma ukuthi basontaphi. Amadoda angamaKristu alingisa isibonelo sikaJesu ngokuphatha abesifazane ngenhlonipho. Uma senza kanjalo, siyobe silalela umthetho kaKristu.

18-19. Yini uJesu ayifundisa ngobulungisa, futhi sithola ziphi izifundo kulokho akufundisa?

18 Okwesibili, cabanga ngalokho uJesu akufundisa ngobulungisa. Wafundisa izimiso ezaziyosiza abalandeli bakhe ukuba baphathe abanye ngendlela enobulungisa. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMthetho Wegolide. (Math. 7:12) Sonke sifuna ukuphathwa kahle. Ngakho, kufanele sibaphathe kahle abanye. Uma senza kanjalo, nabo bayosiphatha kahle. Kodwa kuthiwani uma siye saphathwa kabi? UJesu waphinde wafundisa abalandeli bakhe ukuba baqiniseke ukuthi uJehova “[uyobangela] ukuba benzelwe ubulungisa [labo] abakhamuluka kuye imini nobusuku.” (Luka 18:6, 7) Kunjengokungathi sithenjiswa lokhu: UNkulunkulu wethu onobulungisa uyazibona izinkinga esibhekana nazo kulezi zinsuku zokugcina futhi uzokwenza ukuba siboniswe ubulungisa ngesikhathi sakhe esifanele.—2 Thes. 1:6.

19 Izifundo: Uma siphila ngezimiso uJesu asifundisa zona, sizobaphatha kahle abanye. Uma siye saphathwa ngendlela engenabulungisa kuleli zwe likaSathane, kungasiduduza ukwazi ukuthi uJehova nakanjani uzokwenza okuthile ngakho.

 LABO ABANEGUNYA KUFANELE BABAPHATHE KANJANI ABANYE?

20-21. (a) Labo abasegunyeni kufanele babaphathe kanjani abanye? (b) Indoda ingalubonisa kanjani uthando lokuzidela, futhi ubaba kufanele aziphathe kanjani izingane zakhe?

20 Ngaphansi komthetho kaKristu, labo abanegunya kufanele babaphathe kanjani abanye? Njengoba uthando luyisisekelo salowo mthetho, labo abanegunya kumelwe babahloniphe labo abanegunya phezu kwabo futhi babaphathe ngothando. Kumelwe bakhumbule ukuthi uKristu ufuna sibonise uthando kukho konke esikwenzayo.

21 Emndenini. Indoda kufanele ithande umkayo “njengoba nje noKristu alithanda ibandla.” (Efe. 5:25, 28, 29) Indoda kumelwe ilingise uthando lokuzidela olunjengolukaKristu ngokubeka izidingo zomkayo kuqala kunezayo. Amanye amadoda angase akuthole kunzima ukubonisa lolo thando, mhlawumbe ngenxa yokuthi indawo akhulele kuyo yayinabantu abangaphathani ngothando. Kungase kube nzima ngawo ukuba enze izinguquko, kodwa kumelwe azenze, alalele umthetho kaKristu. Indoda ebonisa uthando lokuzidela ithola inhlonipho kumkayo. Ubaba ozithanda ngempela izingane zakhe ngeke azilimaze ngalokho akushoyo noma akwenzayo. (Efe. 4:31) Kunalokho, ubonisa uthando ngezindlela ezenza izingane zakhe zizizwe ziphephile futhi zilondekile. Izingane ziyamthanda ubaba owenza kanjalo futhi ziyamethemba.

22. Ngokweyoku-1 Petru 5:1-3, “izimvu” ezikabani, futhi kufanele ziphathwe kanjani?

22 Ebandleni. Abadala kumelwe bakhumbule ukuthi “izimvu” akuzona ezabo. (Joh. 10:16; funda eyoku-1 Petru 5:1-3.) Amazwi athi “umhlambi kaNkulunkulu,” “ifa likaNkulunkulu,” akhumbuza abadala ukuthi izimvu ezikaJehova. Ufuna izimvu zakhe ziphathwe ngothando nangozwela.  (1 Thes. 2:7, 8) UJehova uyabazisa abadala abazifezayo izabelo zabo njengabelusi. Ibandla liyabathanda futhi liyabahlonipha abadala abanjalo.

23-24. (a) Iyini indima yabadala lapho kunothile owenze ububi obukhulu? (b) Lapho besingatha izindaba ezinjalo, yini abadala okufanele bayikhumbule?

23 Iyini indima yabadala lapho kwenziwe ububi obukhulu? Indima yabo ihlukile kweyabahluleli namadoda amadala ayengaphansi koMthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli. Ngokwalowo Mthetho, amadoda amisiwe ayengasingathi kuphela izindaba ezihlobene nokukhonza uJehova kuphela kodwa nezinye. Kodwa ngaphansi komthetho kaKristu, indima yabadala iwukusingatha izindaba ezihlobene nokukhonza uJehova. Bayaqaphela ukuthi uNkulunkulu ushiyele ezandleni zeziphathimandla ukuba zisingathe amacala ayizenzo zobugebengu. Lokho kuhlanganisa negunya lokuhlawulisa umuntu noma ukumvalela ejele.—Roma 13:1-4.

24 Abadala bazisingatha kanjani izindaba ezihlobene nokukhonza uJehova? Basebenzisa imiBhalo ukuze bahlaziye isimo futhi benze izinqumo. Bayakhumbula ukuthi uthando luyisisekelo somthetho kaKristu. Uthando lwenza abadala bazibuze: Yini esingayenza ukuze sisize noma ubani ebandleni olinyazwe yilobu bubi obenziwe? Uthando lwenza abadala bazibuze lokhu ngokuqondene nomenzi wobubi: Uphendukile? Singamsiza yini alungise ubuhlobo bakhe noJehova?

25. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

25 Kusijabulisa ngempela ukuba ngaphansi komthetho kaKristu! Uma sonke sizimisela ukuwulalela, siyobe senza ibandla libe indawo esingazizwa kuyo sithandwa, sihlonishwa futhi siphephile. Yize kunjalo, siphila ezweni lapho “abantu ababi” sebenza “okubi kakhulu.” (2 Thim. 3:13) Kumelwe sihlale siqaphile. Ibandla lobuKristu lingabubonisa kanjani ubulungisa bukaNkulunkulu lapho kusingathwa amacala okunukubezwa kwezingane? Isihloko esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.

INGOMA 15 Dumisani IZibulo LikaJehova!

^ isig. 5 Lesi sihloko nezimbili ezilandelayo ziyingxenye yezihloko ezine ezikhuluma ngokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova unguNkulunkulu onothando nonobulungisa. Ufuna abantu bakhe baphathwe ngobulungisa futhi uyabaduduza labo abangaphathwa ngendlela efanele kuleli zwe elibi.

^ isig. 1 Bheka isihloko esithi “Uthando Nobulungisa Kwa-Israyeli Wasendulo” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 2019.

^ isig. 13 INCAZELO YAMAGAMA: Uthando lokuzidela lusenza sibeke izidingo zabanye kuqala kunezethu. Sizimisela ukudela noma ukulahlekelwa okuthile ukuze sisize aba-nye.

^ isig. 61 INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu ubuka umfelokazi oshonelwe indodana yakhe okuwukuphela kwayo. Eshukunyiswa isihawu, uJesu uyayivusa le nsizwa.

^ isig. 63 INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu udla isidlo emzini kaSimoni ongumFarisi. Owesifazane, okungenzeka wayeyisifebe, usanda kugeza izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe futhi wazigcoba ngamafutha. USimoni ukhuluma kabi ngalona wesifazane, kodwa uJesu uyamvikela.