Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 20

Ukududuza Abanukubeziwe

Ukududuza Abanukubeziwe

‘UNkulunkulu wenduduzo yonke usiduduza osizini lwethu lonke.’—2 KOR. 1:3, 4.

INGOMA 134 Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi abantu banesidingo esingokwemvelo sokududuzwa nekhono lokududuza abanye? (b) Ezinye izingane ziye zalinyazwa kanjani?

ABANTU banesidingo esingokwemvelo sokuthola induduzo futhi banekhono lokududuza abanye. Ngokwesibonelo, lapho ingane idlala bese iyawa ihuzuke edolweni, ingase igijimele kubaba noma kumama ikhala. Abazali ngeke bakwazi ukupholisa leso silonda, kodwa bangayiduduza. Bangase bayibuze ukuthi kwenzekeni, bayisule izinyembezi, bayiduduze ngamazwi amnandi, bayigone, bayigcobe umuthi noma bayibophe ngebhandeshi. Kungakabiphi, ingane iyayeka ukukhala iqhubeke nokudlala. Ngokuhamba kwesikhathi, isilonda siyaphola.

2 Nokho, ngezinye izikhathi izingane zilimala ngezindlela ezimbi kakhulu kunale. Ezinye ziyanukubezwa. Zingase zinukubezwe kanye kuphela noma ngokuqhubekayo iminyaka eminingi. Kunoma yikuphi, lokhu kungazishiya zilimele kakhulu ngokomzwelo. Kwezinye izimo, umnukubezi uyabanjwa ajeziswe. Kwezinye angase angabhekani nemiphumela yezenzo zakhe. Kodwa ngisho noma eshesha ukusithola isijeziso esimfanele, imiphumela ebuhlungu yokunukubezwa ingahlala iminyaka eminingi enganeni ize ibe umuntu omdala.

3. Ngokweyesi-2 Korinte 1:3, 4, yini uJehova ayifunayo, futhi yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Uma umKristu owanukubezwa eseyingane esabuzwa ubuhlungu ngisho nalapho esemdala, yiluphi usizo angaluthola? (Funda eyesi-2 Korinte 1:3, 4.) Kusobala ukuthi uJehova uyafuna ukuba le mvu iluthole uthando nenduduzo eyidingayo. Ngakho asixoxe ngale mibuzo emithathu: (1) Kungani labo abake baba izisulu zokunukubezwa beseyizingane beyidinga induduzo? (2) Obani abangabaduduza?  (3) Singabaduduza kanjani ngokuphumelelayo?

KUNGANI SIYIDINGA INDUDUZO?

4-5. (a) Kungani kubalulekile ukuqaphela ukuthi izingane zihlukile kubantu abadala? (b) Ukunukubezwa kwengane kungayithinta kanjani indlela ebabheka ngayo abanye?

4 Abanye abake banukubezwa beseyizingane basakudinga ukududuzwa ngisho noma sebebadala. Kungani? Ukuze sikuqonde lokhu, kumelwe siqaphele ukuthi izingane zihluke kakhulu kubantu abadala. Ngokuvamile ingane izwa ubuhlungu ngendlela engafani nomuntu omdala lapho ihlukunyezwa. Cabanga ngalezi zibonelo.

5 Izingane kudingeka zisondelane futhi zibethembe labo abazikhulisayo nabazinakekelayo. Ukusondelana okunjalo kwenza izingane zizizwe ziphephile futhi kuzifundisa ukubethemba labo abazithandayo. (IHu. 22:9) Ngokudabukisayo, ezikhathini eziningi izingane zinukubezwa ekhaya futhi ngokuvamile zinukubezwa izihlobo nabangane abaseduze. Ukuxhaphaza ingane ngale ndlela kungenza kube nzima ngayo ukwethemba abanye, ngisho noma sekudlule iminyaka eminingi.

6. Kungani ukunukubezwa kwezingane kuyisenzo esinonya nesinesihluku?

6 Izingane azikwazi ukuzivikela futhi ukunukubezwa kuyisenzo esinonya nesinesihluku. Ukuchaya izingane ezenzweni zocansi ngaphambi kokuba zikulungele ngokomzimba, ngokomzwelo nangokwengqondo lapho sezishadile kungazilimaza kakhulu. Ukunukubezwa kwengane kungalimaza indlela elubheka ngayo ucansi, indlela ezibheka ngayo yona nanoma ubani ofuna ukusondelana nayo.

7. (a) Kungani kungaba lula ngomnukubezi ukukhohlisa ingane, futhi umnukubezi angakwenza kanjani lokho? (b) Ingaba yini imiphumela yalawo manga ayingozi?

7 Izingane azikwazi ukuhlaziya izinto ngokugcwele noma ukuqaphela ingozi nokuyigwema. (1 Kor. 13:11) Ngakho kuba lula ngabanukubezi ukuba bakhohlise izingane. Abanukubezi batshela izingane amanga ayingozi, njengokuthi kuyiphutha lengane ukunukubezwa, ukuthi akufanele itshele muntu, ukuthi akekho umuntu onendaba noma ozoyilalela lapho imceba umnukubezi noma ukuthi izenzo zocansi eziphakathi komuntu omdala nengane ziyindlela evamile yokubonisa uthando. Amanga anjalo angayilimaza iminyaka eminingi ingqondo yengane nendlela ebheka ngayo into eyiqiniso. Ingane eke yanukubezwa ingakhula izibheka njengengcolisiwe nengakufanelekele ukuthandwa nokududuzwa.

8. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova angabaduduza labo abanukubezwa beseyizingane?

8 Akumangazi-ke ukuthi ukunukubezwa kungashiya umuntu elimele isikhathi eside. Kuwubulwane obedlulele! Indlela ukunukubezwa kwezingane okubhebhetheke ngayo kuwubufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina, isikhathi lapho abaningi ‘bengenalo uthando’ nalapho “abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.” (2 Thim. 3:1-5, 13) Imisebenzi kaSathane mibi kakhulu futhi kuyadabukisa lapho abantu benza izinto ezijabulisa uDeveli. Nokho, uJehova unamandla kakhulu ukwedlula uSathane nalabo abamsekelayo. Uyawabona wonke amaqhinga kaSathane. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyabazi ubuhlungu esibhekene nabo futhi angasinikeza induduzo esiyidingayo. Kuyisibusiso ukukhonza “uNkulunkulu wenduduzo yonke osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.”  (2 Kor. 1:3, 4) UJehova usebenzisa obani ukuze asiduduze?

OBANI ABANGADUDUZA LABO ABAKE BANUKUBEZWA?

9. Ngokwamazwi eNkosi uDavide atholakala encwadini yeHubo 27:10, yini uJehova azoyenzela labo abangazange bavikelwe abazali babo?

9 Labo abangazange bavikelwe abazali ekunukubezweni noma bahlukunyezwa abantu abasondelene nabo bayidinga ngokukhethekile induduzo. Umhubi uDavide wayazi ukuthi uJehova ungumthombo othembekile wenduduzo. (Funda iHubo 27:10.) UDavide wayenokholo lokuthi uJehova uyabamukela labo abahlukunyezwe abantu ababathandayo. Ukwenza kanjani lokhu uJehova? Usebenzisa izinceku zakhe ezithembekile. Izikhonzi zikaJehova esikanye nazo ziwumndeni wethu ongokomoya. Ngokwesibonelo, uJesu wabhekisela kulabo ababekhonza uJehova kanye naye njengabafowabo, odadewabo nomama.—Math. 12:48-50.

10. Umphostoli uPawulu wawuchaza kanjani umsebenzi wakhe njengomdala?

10 Cabanga ngesibonelo esibonisa ukuthi ibandla lobuKristu linjengomndeni kithi. Umphostoli uPawulu wayengumdala okhuthele nothembekile. Wayeyisibonelo esihle futhi waze waphefumulelwa nokuba atshele abanye ukuba bamlingise njengoba naye ayelingisa uKristu. (1 Kor. 11:1) Phawula indlela uPawulu achaza ngayo umsebenzi wakhe njengomdala: “Saba mnene kini, njengalapho umdlezane enakekela abantwana bakhe ngozwela.” (1 Thes. 2:7) Nanamuhla abadala abathembekile bangasebenzisa amazwi amnene nanomusa avela emiBhalweni lapho beduduza labo abadinga induduzo.

Odade abangamaKristu avuthiwe bavame ukuba nekhono elihle lokududuza abanye (Bheka isigaba 11) *

11. Yini ebonisa ukuthi akubona abadala kuphela abanganikeza induduzo?

11 Ingabe ngabadala kuphela abangaduduza labo abake baba izisulu zokunukubezwa? Cha. Sonke sinesibopho ‘sokuqhubeka siduduzana.’ (1 Thes. 4:18) Odade abangamaKristu avuthiwe bangabakhuthaza odade abadinga induduzo. Kuyafaneleka ukuba uJehova uNkulunkulu azifanise nomama oduduza indodana yakhe. (Isaya 66:13) IBhayibheli linezibonelo zabesifazane abaduduza  labo ababesosizini. (Jobe 42:11) UJehova ujabula kakhulu lapho ebona abesifazane abangamaKristu namuhla beduduza abanye odade abacindezelekile ngokomzwelo! Ngezinye izikhathi, ngokuhlakanipha umdala oyedwa noma ababili bangase babuze udade ovuthiwe ukuthi angakwazi yini ukusiza udade ocindezelekile. *

SINGABADUDUZA KANJANI LABO ABANUKUBEZIWE?

12. Yini okumelwe siqaphele singayenzi?

12 Asifuni ukumba izindaba umKristu esikanye naye angathandi ukuxoxa ngazo. (1 Thes. 4:11) Pho, yini esingayenzela labo abadinga usizo nenduduzo? Ake sicabangele izindlela ezinhlanu ezingokomBhalo esingabaduduza ngazo.

13. Njengoba kubonisiwe kweyoku-1 AmaKhosi 19:5-8, ingelosi kaJehova yamenzelani u-Eliya, futhi singayilingisa kanjani?

13 Basize ngezindlela ezingokoqobo. Lapho umprofethi u-Eliya ebalekela labo ababefuna ukumbulala, wayecindezeleke kangangokuba waze wafisa ukufa. UJehova wathumela ingelosi enamandla kule ndoda eyayicindezelekile. Ingelosi yamnika usizo olungokoqobo. Yanikeza u-Eliya ukudla futhi yamncenga ukuba adle. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 19:5-8.) Lokhu kulandisa kuveza iphuzu elibalulekile: Ngezinye izikhathi isenzo esincane somusa singafeza lukhulu. Mhlawumbe ukummema nizodla ndawonye, ukumupha isipho esincane noma ikhadi elinamazwi amnandi kungaqinisekisa umfowethu noma udadewethu odikibele ngokuthi siyamthanda futhi siyamkhathalela. Uma sinomuzwa wokuthi kunzima ukuxoxa nomuntu ngezindaba zakhe eziyimfihlo noma ezibuhlungu, mhlawumbe sisengamenzela izenzo ezinjalo zomusa.

14. Yisiphi isifundo esingasifunda endabeni ka-Eliya?

14 Siza abacindezelekile bazizwe bephephile futhi bekhululekile. Kukhona okunye esingakufunda endabeni ka-Eliya. Ngokuyisimangaliso uJehova wanika lo mprofethi usizo ayeludinga ukuze akwazi ukuhamba ibanga elide eya eNtabeni iHorebe. Kungenzeka ukuthi u-Eliya wazizwa ephephile ngesikhathi elapho, indawo uJehova ayenze kuyo isivumelwano nabantu bakhe emashumini eminyaka ngaphambili. Cishe waba nomuzwa wokuthi ekugcineni wayesekude kakhulu nabantu ababefuna ukumbulala. Yini esingayifunda kulesi sibonelo? Uma sifuna ukududuza abantu abaye banukubezwa, kungase kudingeke sibasize bazizwe bephephile kuqala. Ngokwesibonelo, abadala kufanele bakhumbule ukuthi udade ocindezelekile angase azizwe ephephile futhi ekhululekile lapho eziphuzela itiye ekhaya kunokuba seHholo LoMbuso. Abanye bangase bazizwe ngendlela ehlukile, bathande ukuxoxela eHholo LoMbuso.

Singabaduduza ngokulalela ngesineke, sithandaze nabo ngokusuka enhliziyweni futhi sikhulume amazwi aduduzayo (Bheka izigaba 15-20) *

15-16. Kusho ukuthini ukuba yisilaleli esihle?

15 Yiba yisilaleli esihle. IBhayibheli lisinika lesi seluleko esicacile: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma.” (Jak. 1:19) Ingabe siyizilaleli ezinhle? Singase sicabange ukuthi ukulalela kusho ukuthula nje, ukubuka umuntu singasho lutho. Kodwa ukuba yisilaleli esihle kuhilela okungaphezu kwalokho. Ngokwesibonelo, u-Eliya wagcina emtshelile uJehova indlela ayezizwa ngayo ngempela futhi uJehova wamlalelisisa. UJehova waqonda ukuthi wayesaba, ezizwa sengathi ulahliwe futhi ecabanga ukuthi konke lokhu ayekwenza kwakungasho lutho. UJehova wamsiza ngothando ukuze anqobe leyo mizwa. Wabonisa ukuthi wayemlalele ngempela u-Eliya.—1 AmaKh. 19:9-11, 15-18.

 16 Lapho silalela abafowethu nodadewethu singabonisa kanjani ukuthi sinozwela nothando? Ngezinye izikhathi, singabonisa indlela esizizwa ngayo ngokusho amazwi ambalwa akhethwe kahle naduduzayo. Ungase uthi: “Ngiyadabuka ukuthi lokhu kwenzeke kuwe! Umuntu angayenza kanjani nje into enjalo enganeni!” Mhlawumbe ungabuza imibuzo embalwa ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda lokho umfowethu noma udadewethu ocindezelekile akushoyo. Ungase uthi, “Angazi noma ngikuqonda kahle yini lokho okushoyo” noma “Ngesikhathi usho lokhu, ngicabange ukuthi usho ukuthi . . . Angazi noma ngikuzwe kahle yini?” Amazwi anjalo abonisa uthando angase amqinisekise lowo muntu ngokuthi umlalele ngempela futhi uzama ukukuqonda lokho akushoyo.—1 Kor. 13:4, 7.

17. Kungani kufanele sibe nesineke futhi ‘sephuze ukukhuluma’?

17 Nokho, kufanele ‘wephuze ukukhuluma.’ Ungamphazamisi umuntu oxoxa naye esakhuluma ufune ukumeluleka noma ukulungisa indlela acabanga ngayo. Yiba nesineke! Ngesikhathi u-Eliya ethululela isifuba sakhe kuJehova, wakhuluma amagama abuhlungu abonisa ukuthi wayecindezelekile. Kamuva, ngemva kokuba uJehova emkhuthazile, u-Eliya waphinde waveza ukukhathazeka kwakhe esebenzisa amazwi afanayo. (1 AmaKh. 19:9, 10, 13, 14) Sifundani kulokhu? Ngezinye izikhathi abantu abacindezelekile bangase basitshele inkinga yabo izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. NjengoJehova, sifuna ukubalalela ngesineke. Kunokuba sifune ukubanika isisombululo senkinga yabo, sifuna ukuzwelana nabo sibabonise isihe.—1 Pet. 3:8.

18. Imithandazo yethu ingabaduduza kanjani labo abacindezelekile?

18 Thandaza ngokusuka enhliziyweni nalowo ocindezelekile. Kungase kube nzima ngabantu abacindezelekile ukuba bathandaze. Umuntu onjalo angase azizwe engakufanelekeli ukuthandaza kuJehova.  Uma sifuna ukumduduza singase sithandaze naye, simbize nangegama. Singase sitshele uJehova indlela esimthanda ngayo nendlela ibandla elimazisa ngayo. Singase sicele uJehova ayiduduze leyo mvu yakhe eyigugu. Imithandazo enjalo iyaduduza ngempela!—Jak. 5:16.

19. Yini engasisiza sikulungele kangcono ukududuza othile?

19 Khetha amagama akhuthazayo naduduzayo. Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Amazwi angacatshangiwe azwisa ubuhlungu. Amazwi anomusa ayelapha. (IzAga 12:18) Ngakho thandaza kuJehova umcele akusize ukhulume amazwi anomusa, aduduzayo nakhuthazayo. Khumbula ukuthi awekho amazwi anamandla ukwedlula amazwi kaJehova aseBhayibhelini.Heb. 4:12.

20. Iyiphi indlela okungenzeka bazibheka ngayo abantu abake banukubezwa, futhi yini esifuna ukubakhumbuza yona?

20 Ukunukubezwa kungase kwenze umuntu azibone eyinto engabalulekile, engelusizo lwalutho futhi engathandeki. Kodwa akunjalo! Ngakho, sebenzisa imiBhalo ukuze umkhumbuze indlela abaluleke ngayo kuJehova. (Bheka ibhokisi elithi “ Induduzo Evela EmiBhalweni.”) Khumbula indlela ingelosi eyamqinisa ngayo umprofethi uDaniyeli ngesikhathi ezizwa ebuthaka futhi ecindezelekile. UJehova wayefuna le ndoda ethandekayo yazi ukuthi iyigugu kuye. (Dan. 10:2, 11, 19) Ngendlela efanayo, abafowethu nodadewethu abacindezelekile bayigugu kuJehova!

21. Yini ezokwenzeka kubo bonke abenzi bokubi abangaphenduki, kodwa kufanele sizimisele ukwenzani okwamanje?

21 Lapho siduduza abanye, sisuke sibakhumbuza ukuthi uJehova uyabathanda. Akumelwe sikukhohlwe nokuthi uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. Asikho isenzo sokunukubezwa uJehova angasiboni. Ubona konke futhi ngeke angabajezisi abenzi bokubi abangaphenduki. (Num. 14:18) Okwamanje, masenze konke esingakwenza ukuze sibabonise uthando labo abake banukubezwa. Ngaphezu kwalokho, kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova uzowulungisa wonke umonakalo owenziwe kulabo abaye bahlukunyezwa uSathane nezwe lakhe! Maduze, lezi zinto ezizwisa ubuhlungu ngeke ziphinde zikhunjulwe.—Isaya 65:17.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

^ isig. 5 Labo abaye banukubezwa beseyizingane bangase babhekane nezinkinga ngisho nangemva kweminyaka. Lesi sihloko sizosisiza siqonde ukuthi kungani. Sizoxoxa nangokuthi obani abangabaduduza. Sizobe sesixoxa ngezindlela eziphumelelayo esingabaduduza ngazo.

^ isig. 11 Isinqumo sokuya kodokotela sishiyelwa kumuntu onukubeziwe.

^ isig. 76 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade ovuthiwe ududuza udade ocindezelekile.

^ isig. 78 INCAZELO YEZITHOMBE: Abadala ababili bavakashela udade ocindezelekile. Umeme udade ovuthiwe ukuba naye abe khona.