Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 INDABA YOKUPHILA

Ukuba Yisithulu Akungivimbanga Ukuba Ngifundise Abanye

Ukuba Yisithulu Akungivimbanga Ukuba Ngifundise Abanye

Ngabhapathizwa ngo-1941 ngineminyaka engu- 12. Nokho ngaze ngaliqonda kahle iqiniso leBhayibheli ngo-1946. Kwenzeka kanjani lokhu? Ake ngikuxoxele okwenzeka.

NGAWO-1910 abazali bami bathuthela eCanada besuka eTbilisi, eGeorgia, bayohlala epulazini elisethafeni elincane eliseduze nasePelly, eSaskatchewan, entshonalanga yeCanada. Ngazalwa ngo-1928, nginguthumbu ezinganeni eziyisithupha. Ubaba washona ezinyangeni eziyisithupha ngaphambi kokuba ngizalwe nomama washona ngisasewusana. Kungekudala ngemva kwalokho, usisi wami omdala uLucy, washona eneminyaka engu-17. Ngemva kwalokho umalume uNick wasithatha nezingane zakithi ukuze asinakekele.

Ngolunye usuku lapho ngisacathula, abasekhaya bangibona ngidonsa umsila wehhashi leduna. Bethukile ngokuthi ihhashi lingase lingikhahlele, bamemeza ukuze ngiyeke ukulidonsa​—kodwa angibezwanga. Ngangibafulathele yingakho ngingabezwanga lapho bememeza. Ngokujabulisayo, angizange ngilimale, kodwa babona ngaleso sikhathi ukuthi ngiyisithulu.

Omunye wabangane bomndeni wakithi wathi kungangcono ngifunde nezinye izingane eziyizithulu, ngakho umalume uNick wangifaka esikoleni sabayizithulu esiseSaskatoon, eSaskatchewan. Bangiyisa endaweni eyayiqhele ngamahora ambalwa nasekhaya futhi njengoba ngangineminyaka emihlanu nje kuphela, ngangesaba kakhulu. Ekhaya ngangivakasha ngamaholidi kuphela. Ekugcineni, ngalufunda ulimi lwezandla futhi kwakungijabulisa ukudlala nezinye izingane.

INDLELA ENGAFUNDA NGAYO AMAQINISO EBHAYIBHELI

Ngo-1939, omunye usisi wami omdala, uMarion, washada noBill Danylchuck, futhi basithatha sinomunye udadewethu uFrances ukuze basinakekele. Baba ngabokuqala emndenini wakithi ababa oFakazi BakaJehova. Phakathi namaholidi, babezama ukungixoxela izinto abazifundile eBhayibhelini ngendlela ababengakwazi ngayo. Uma ngikhuluma iqiniso, ukukhuluma nabo kwakunzima, njengoba babengalwazi ulimi lwezandla. Nokho, ngokusobala babona ukuthi ngizithanda ngempela izinto ezimayelana neBhayibheli. Ngabona ukuthi kwakunokuhlobana okukhona phakathi kwalokho ababekwenza nalokho okushiwo yiBhayibheli, ngakho ngangihamba nabo lapho beya ukuyoshumayela. Kungakabiphi ngase ngifuna ukubhapathizwa futhi ngo-September 5, 1941, uBill wangibhapathiza ethangini elalinamanzi avela esiphethwini. Amanzi ayebanda qa!

Ngineqembu labayizithulu emhlanganweni wesifunda eCleveland, e-Ohio, ngo-1946

Ngo-1946 lapho ngibuyela ekhaya ngamaholidi, saya emhlanganweni wesifunda eCleveland, e-Ohio, e-U.S.A. Ngosuku lokuqala lomhlangano, ukuze ngikwazi ukuhambisana nomhlangano odadewethu babeshintshana ngokungibhalela amaphuzu. Nokho, ngosuku lwesibili, ngajabula ukuthola ukuthi kuneqembu labayizithulu elalinotolika wolimi lwezandla. Ekugcineni, ngawujabulela umhlangano futhi kwangijabulisa ukuqonda kahle amaqiniso eBhayibheli!

UKUFUNDISA KWAMI IQINISO

Ngaleso sikhathi, iMpi Yezwe II yayisanda kuphela futhi ukushisekela ubuzwe kwakudlondlobele. Ngabuya emhlanganweni ngizimisele ukumelela ukholo lwami esikoleni. Ngakho ngayeka ukushayela ifulegi indesheni nokucula iculo lesizwe. Ngayeka ukugubha amaholidi nokuya ezinkonzweni zesonto eziyimfuneko. Akubajabulisanga othisha lokho ngakho ukuze bangishintshe umqondo bazama ukungisabisa beqamba namanga. Konke lokhu kwabamangaza abanye abafundi engangifunda nabo kodwa kwangivulela amathuba okuba ngishumayele. Abanye abafundi engangifunda nabo, njengoLarry Androsoff, uNorman Dittrick no-Emil Schneider balamukela iqiniso futhi kuze kube manje bakhonza uJehova ngokwethembeka.

Lapho ngivakashela amanye amadolobha, ngihlale ngizibekela umgomo wokufakaza kubantu abayizithulu. Ngokwesibonelo, endaweni okuhlangana kuyo abayizithulu eMontreal, ngashumayeza u-Eddie Taeger, insizwa eyayiseqenjini lezigelekeqe. Ubesebandleni lolimi lwezandla eLaval, eQuebec, kwaze kwaba unyaka ophelile. Ngaphinde ngahlangana noJuan Ardanez owayesemusha, owenza njengabaseBhereya, ecwaninga ngokucophelela ukuze aqinisekise ukunemba komyalezo weBhayibheli. (IzE. 17:10, 11) Naye futhi walamukela iqiniso futhi wakhonza ngokwethembeka njengomdala e-Ottawa, e-Ontario, waze washona.

Ngishumayela emgwaqweni ngasekuqaleni kwawo-1950

Ngo-1950, ngathuthela eVancouver. Nakuba ngikuthanda ukushumayeza izithulu, angisoze ngakhohlwa mhla ngishumayeza, owesifazane ozwayo emgwaqeni, uChris Spicer. Wasamukela isikhokhelo somagazini wabe esecela ukuba ngihlangane nomyeni wakhe uGary. Ngakho ngabavakashela futhi saba nengxoxo ende sibhalelana emaphepheni. Sagcinana lapho kwaze kwaba ngemva kweminyaka emibalwa futhi ngamangala lapho bengibona esixukwini emhlanganweni wesifunda e-Toronto, e-Ontario. Kwakuwusuku uGary ayezobhapathizwa ngalo. Leso senzakalo esijabulisayo sangikhumbuza ukubaluleka kokushumayela noma kuphi noma nini, ngoba asazi ukuthi imbewu yeqiniso iyohluma kuphi.

Kamuva, ngabuyela eSaskatoon. Lapho ngahlangana nomama owangicela ukuba ngifunde iBhayibheli namadodakazi akhe amabili angamawele, uJean noJoan Rothenberger, ababefunda esikoleni sabayizithulu engangifunda kuso. Kungakabiphi, la mantombazane axoxela abanye afunda nawo ekilasini lokho ayekufunda. Ngokuhamba kwesikhathi, abahlanu ekilasini labo baba oFakazi BakaJehova. Omunye wabo kwakungu-Eunice Colin. U-Eunice ngambona okokuqala kuso lesi sikole lapho ngenza ibanga lokugcina. Ngaleso sikhathi, wangipha uswidi wabe esecela ukuba ngibe umngane wakhe. Kamuva waba ingxenye enkulu yokuphila kwami​—umkami!

Ngino-Eunice ngo-1960 nango-1989

Lapho umama ka-Eunice ethola ukuthi wayetadisha iBhayibheli, watshela uthishanhloko wesikole ayefunda kuso ukuba amyekise. Uthishanhloko waze ngisho wathatha zonke izincwadi zakhe zokutadisha. Noma kunjalo, u-Eunice wayezimisele ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwakhe. Lapho esefuna ukubhapathizwa, abazali bakhe bathi kuye, “Waba nje uFakazi BakaJehova, uzohamba layikhaya!” Lapho eneminyaka engu-17, u-Eunice wahamba ekhaya futhi omunye umndeni woFakazi wamthatha wamnakekela. Waqhubeka nokutadisha futhi kamuva wabhapathizwa. Lapho sishada ngo-1960, abazali bakhe abezanga emshadweni. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi bagcina sebesihlonipha ngenxa yezinkolelo zethu nangendlela esizikhulise ngayo izingane zethu.

 UJEHOVA UYE WANGINAKEKELA

Indodana yami uNicholas nomkakhe Deborah, bakhonza eBethel yaseLondon

Nakuba siyizithulu, sakhulisa abafana abangu-7 abezwayo. Lokhu kwakuyinselele kodwa saqikelela ukuthi siyabafundisa ulimi lwezandla ukuze sixoxe kahle nabo futhi sikwazi ukubafundisa iqiniso. Abafowethu nodadewethu ebandleni basisiza kakhulu. Ngokwesibonelo, omunye umzali wangibhalela umyalezo engitshela ukuthi omunye wabafana uthuka inhlamba eHholo LoMbuso. Sakwazi ukuyilungisa ngaleso sikhathi leyo ndaba. Amadodana ami amane, uJames, uJerry, uNicholas noSteven, bakhonza uJehova ngokwethembeka namakhosikazi awo nemindeni yawo. Womane akhonza njengabadala. Ngaphezu kwalokho, uNicholas nomkakhe uDeborah, basiza ekuhumusheni ulimi lwezandla egatsheni laseBritain, kanti uSteven nomkakhe uShannan, bayingxenye yeqembu labahumusha ulimi lwezandla egatsheni lase-United States.

Amadodana ami uJames, uJerry noSteven kanye nomkawo basekela umsebenzi wokushumayela ngolimi lwezandla ngezindlela ezihlukahlukene

Sekusele inyanga nje siqede iminyaka engu-40 sishadile, u-Eunice wabulawa umdlavuza. Wayenesibindi phakathi naso sonke leso sikhathi esinzima. Ukholo lwakhe ngovuko lwamqinisa. Ngibheke phambi osukwini lapho ngiyophinde ngimbone khona.

UFaye noJames, UJerry noEvelyn, UShannan noSteven

Ngo-February 2012 ngawa ngaphuka inqulu, futhi kwacaca ukuthi sengizodinga usizo. Ngakho ngaya kohlala nenye yamadodana ami nomkayo. Manje sesisebandleni lolimi lwezandla laseCalgary futhi ngisaqhubeka nokukhonza njengomdala. Empeleni, ngiyaqala ngqá ukuba sebandleni lolimi lwezandla. Cabanga nje! Ukuba sebandleni lesiNgisi yonke le minyaka​—kusukela ngo-1946—​kuye kwangizuzisa kanjani ngokomoya? UJehova uye wasifeza isithembiso sakhe sokunakekela izintandane. (IHu. 10:14) Ngiyayazisa imizamo yabo bonke labo ababezimisele ukubhala phansi, ukufunda ulimi lwezandla nokungitolikela ngendlela ababengakwazi ngayo.

Ngisesikoleni samaphayona soLimi Lwezandla lwaseMelika (ASL) ngineminyaka engu-79

Uma ngikhuluma iqiniso, kwakuke kube nezikhathi lapho ngangikhungatheka khona ngize ngifise ukuyeka ngenxa yokungakuqondi okushiwoyo noma ngibona sengathi izidingo zabayizithulu azinakwa. Nokho, phakathi nalezo zikhathi, ngangivele ngikhumbule amazwi uPetru awasho kuJesu: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.” (Joh. 6:66-68) Njengabafowethu nodadewethu abaningi abayizithulu, ngiye ngafunda ukuba nesineke. Ngiye ngafunda ukulinda uJehova nenhlangano yakhe futhi yeka indlela okuye kwangizuzisa ngayo lokho! Manje nginentilibathwa yokudla okungokomoya ngolimi lwami futhi sengiyakwazi ukujabulela ubudlelwano emihlanganweni emincane nemikhulu ngolimi lwezandla lwaseMelika (ASL). Ngempela, ngiye ngaphila ukuphila okumnandi nokuzuzisayo enkonzweni kaJehova, uNkulunkulu wethu omkhulu.