Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

Thandanani Kakhulu

Thandanani Kakhulu

“Thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.”—1 PET. 1:22.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

AMAZWIBELA *

Ngobusuku bakhe bokugcina enabaphostoli, uJesu wagcizelela ukubaluleka kothando (Bheka izigaba 1-2)

1. Yimuphi umyalo ocacile uJesu awunikeza abafundi bakhe? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

NGOBUSUKU bangaphambi kokuba afe, uJesu wanikeza abafundi bakhe umyalo ocacile. Wathi kubo: “Njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane.” Wabe esenezela: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Joh. 13:34, 35.

2. Kungani kubalulekile ukuba sibonisane uthando?

2 UJesu wathi abafundi bakhe beqiniso babezobonakala ngokucacile uma bebonisa uthando olufana nalolo alubonisa. Lokho kwakuyiqiniso ngekhulu lokuqala, futhi kuseyiqiniso namanje. Yingakho kubaluleke kakhulu ukubonisa abanye uthando ngisho noma kunzima!

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Njengoba sinesono, kuba nzima ukubonisa abanye uthando. Noma kunjalo, kudingeka sizame ukulingisa uKristu. Kulesi sihloko, sizofunda ukuthi uthando lusisiza kanjani sibe abenzi bokuthula, singakhethi futhi samukele abanye ngemfudumalo. Njengoba ufunda lesi sihloko, zibuze: ‘Yini engingayifunda kubafowethu nodadewethu abaqhubeka bebonisana uthando naphezu kwezinkinga?’

YIBA UMENZI WOKUTHULA

4. Ngokwencwadi kaMathewu 5:23, 24, kungani kufanele senze ukuthula nomfowethu osicasukele?

4 UJesu wasifundisa ukubaluleka kokwenza ukuthula nomfowethu osicasukele. (Funda uMathewu 5:23, 24.) Wagcizelela ukuthi uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu, kudingeka  silwele ukuba nobudlelwane obuhle nabanye. UJehova uyajabula lapho senza konke okusemandleni ethu ukuze senze ukuthula nabafowethu. Angeke ayamukele inkonzo yethu uma sibambe amagqubu, singafuni ngisho nokuzama ukwenza ukuthula.—1 Joh. 4:20.

5. Kungani kwakunzima ngomunye umzalwane ukwenza ukuthula?

5 Kungase kube nzima ukwenza ukuthula nabanye. Kungani? Cabanga ngalokho okwenzeka kuMark. * Waphatheka kabuhlungu lapho omunye umzalwane emgxeka futhi ekhuluma izinto ezimbi ngaye kwabanye ebandleni. Wasabela kanjani? Uyakhumbula: “Ngakhuluma kabi naye ngithukuthele.” Nokho, kamuva uMark wazisola wabe esezama ukuxolisa kulowo mzalwane nokwenza ukuthula naye. Kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya. Ekuqaleni, uMark wacabanga, ‘Kungani kufanele kube yimi oqhubeka ezama ukwenza ukuthula uma yena engafuni?’ Nokho, umbonisi wesigodi wamkhuthaza ukuba engayeki. Yini uMark ayenza?

6. (a) UMark waqhubeka kanjani ezama ukwenza ukuthula? (b) UMark wayisebenzisa kanjani incwadi yabaseKolose 3:13, 14?

6 Lapho uMark ehlola indlela acabanga ngayo, wabona ukuthi untula ukuthobeka futhi uzibona elungile. Waphawula ukuthi kwakudingeka ashintshe indlela acabanga ngayo. (Kol. 3:8, 9, 12) Ngokuthobeka wabuyela kulo mzalwane futhi waphinde waxolisa ngendlela ayeziphathe ngayo. UMark waphinde wabhalela lo mzalwane izincwadi ebonisa indlela axolisa ngayo, wamcela nokuba baphinde babe abangane. UMark waze wamnika ngisho nesipho esincane ayecabanga ukuthi lo mzalwane uzosithanda. Ngokudabukisayo, lo mzalwane waqhubeka embambele igqubu. Noma kunjalo, uMark waqhubeka elalela umyalo kaJesu wokuthanda umfowabo futhi athethelele. (Funda  eyabaseKolose 3:13, 14.) Ngisho nalapho abanye bengasabeli lapho sizama ukwenza ukuthula, uthando lobuKristu luzosisiza siqhubeke sithethelelana futhi sithandazele imiphumela emihle.—Math. 18:21, 22; Gal. 6:9.

Uma omunye esithukuthelele, kungase kudingeke sizame izindlela eziningi ukuze senze ukuthula nalowo muntu (Bheka izigaba 7-8) *

7. (a) UJesu wasikhuthaza ukuba senzeni? (b) Yisiphi isimo esinzima omunye udade abhekana naso?

7 UJesu wasikhuthaza ukuba siqhubeke siphatha abanye ngendlela nathi esifuna basiphathe ngayo. Wanezela nokuthi akufanele sigcine ngokuthanda labo abasithandayo. (Luka 6:31-33) Nakuba kungase kube into engavamile, kuthiwani uma omunye ebandleni ekugwema futhi engafuni ukukubingelela? Yilokho uLara abhekana nakho. Uyachaza: “Omunye udade wayengiziba futhi ngangingazi ukuthi kungani. Lokhu kwangicindezela futhi ngangingasakujabuleli ukuya emihlanganweni.” Ekuqaleni, uLara wacabanga: ‘Akukho okubi engikwenzile. Futhi nabanye abandleni banomuzwa wokuthi lo dade unenkinga.’

8. Yini uLara ayenza ukuze enze ukuthula, futhi yini esingayifunda endabeni yakhe?

8 ULara wenza okuthile ukuze kube nokuthula. Wathandaza kuJehova futhi wanquma ukukhuluma naye lo dade. Bakhuluma ngaleyo nkinga, bahagana futhi baxolelana. Konke kwakuhamba kahle. “Kodwa ngemva kwesikhathi, lo dade waqala phansi wangangikhulumisa futhi. Ngaphoxeka kakhulu,” kuchaza uLara. Ekuqaleni, uLara waba nomuzwa wokuthi wayengajabula kuphela uma lo dade engashintsha indlela enza ngayo. Nokho ekugcineni, waqaphela ukuthi into engcono ayengayenza kwakuwukuqhubeka emphatha ngothando lo dade futhi ‘emthethelela ngokukhululekile.’ (Efe. 4:32–5:2) Wakhumbula ukuthi uthando okufanele luboniswe amaKristu eqiniso “alunamagqubu. Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.” (1 Kor. 13:5, 7) Akabange esakhathazeka. Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade waba nomusa kuye. Lapho ulwela ukuba  nokuthula nabafowenu nodadewenu futhi uqhubeka ubathanda, ungaqiniseka ngokuthi ‘uNkulunkulu wothando nokuthula uyoba nawe.’—2 Kor. 13:11.

UNGAKHETHI

9. Ngokwencwadi yezEnzo 10:34, 35, kungani kudingeka singakhethi?

9 UJehova akakhethi. (Funda izEnzo 10:34, 35.) Lapho nathi singakhethi, sibonisa ukuthi siyizingane zakhe. Silalela umyalo wokuba sithande umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina futhi silondoloza ukuthula nabafowethu nodadewethu.—Roma 12:9, 10; Jak. 2:8, 9.

10-11. Omunye udade wayinqoba kanjani imizwa engemihle?

10 Kungase kungabi lula ngabanye ukungakhethi. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka komunye udade okuthiwa uRuth. Ngesikhathi esakhula, waphathwa kabi othile wakwelinye izwe. Lokhu kwamthinta kanjani? URuth uyavuma: “Ngangizonda yonke into ephathelene nalelo zwe. Ngangicabanga ukuthi bonke abantu abahlala kulelo zwe bayafana nje, ngisho nabafowethu nodadewethu.” URuth wayinqoba kanjani imizwa engemihle?

11 URuth waqaphela ukuthi kwakudingeka alwe kanzima ukuze ayeke ukucabanga ngaleyo ndlela. Wafunda izindaba nemibiko ngalelo zwe kuyi-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova. Uthi: “Ngazama ukucabanga izinto ezinhle ngabantu abahlala kulelo zwe. Ngaqala ukubona ukuthi abafowethu nodadewethu babemthanda kakhulu uJehova futhi benentshiseko. Kwangicacela ukuthi nabo bayingxenye yabafowethu bomhlaba wonke.” Kancane kancane, uRuth waqaphela ukuthi kwakudingeka abonise uthando. Uyachaza: “Lapho ngihlangana nabazalwane noma odade abahlala kulelo zwe, ngangizimisela ukuba umngane nabo. Ngangixoxa nabo ukuze ngibazi kangcono.” Waba yini umphumela? URuth uthi: “Ekugcineni, yonke imizwa engemihle enganginayo yaphela.”

Uma ‘sibathanda bonke abazalwane,’ sizogwema ukukhetha (Bheka izigaba 12-13) *

12. Iyiphi inkinga abhekana nayo udade okuthiwa uSarah?

12 Abanye bangase bakhethe benganakile. Ngokwesibonelo, uSarah wayezitshela ukuthi akakhethi ngenxa yokuthi wayengabahluleli abantu ngobuzwe babo, ngokuthi banemali engakanani noma ngokuthi banamaphi amalungelo enhlanganweni. Kodwa uyavuma: “Ngaqala ukuqaphela ukuthi empeleni ngangikhetha.” Ngayiphi indlela? USarah wayephuma emndenini ofundile futhi wayethanda ukuhlala nabantu abafundile. Wake watshela omunye umngane wakhe lokhu: “Ngivame ukuba umngane nabafowethu abafundile. Ngiyabagwema labo abangafundile.” Kusobala ukuthi uSarah wayedinga ukushintsha indlela acabanga ngayo. Kanjani?

13. Yini esingayifunda endleleni uSarah ashintsha ngayo indlela acabanga ngayo?

13 Umbonisi wesigodi wasiza uSarah ukuba ahlole indlela acabanga ngayo. Uyachaza: “Wangincoma ngokukhonza uJehova ngokwethembeka, ngezimpendulo zami ezinhle nangokuthi ngangiyazi imiBhalo. Wabe esechaza ukuthi njengoba ulwazi lwethu lukhula, nathi kudingeka sithuthukise ubuntu bethu njengamaKristu, obuhlanganisa ukuthobeka, isizotha nesihe.” USarah wakwenza lokho umbonisi ayemtshele kona. Uthi: “Ngaqaphela ukuthi into ebalulekile ukuba sibe nomusa nothando.” Ngenxa yalokho, waqala ukubheka abafowabo nodadewabo ngendlela ehlukile. Uyachaza; “Ngazama ukuqonda ubuntu obubenza babe yigugu  kuJehova.” Kuthiwani ngathi? Asifuni nanini ukucabanga ukuthi singcono kunabanye ngoba nakhu sifundile! Uma sibathanda kakhulu “bonke abazalwane,” siyogwema ukukhetha.—1 Pet. 2:17.

YAMUKELA ABANYE NGEMFUDUMALO

14. Ngokwencwadi yamaHebheru 13:16, uJehova uzizwa kanjani lapho samukela abanye ngemfudumalo?

14 UJehova ujabula kakhulu lapho samukela abanye ngemfudumalo. (Funda eyamaHebheru 13:16.) Ukubheka njengengxenye yenkonzo esimenzela yona, ikakhulu lapho sisiza abantu abahluphekayo. (Jak. 1:27; 2:14-17) Ngakho, imiBhalo isikhuthaza ukuba ‘silandele inkambo yokungenisa izihambi.’ (Roma 12:13) Lapho samukela abanye, sisuke sibabonisa ukuthi siyabakhathalela ngempela, siyabathanda futhi sifuna ukuba abangane babo. UJehova uyajabula lapho sibamema ukuze sizodla nabo, sichithe isikhathi nabo futhi sibabonise ukuthi siyabathanda. (1 Pet. 4:8-10) Kodwa kunezinto ezingenza kube nzima ukwamukela abanye ngemfudumalo.

“Esikhathini esedlule, ngangingakuthandi ukwamukela abanye kodwa ngashintsha futhi ngiye ngathola injabulo enkulu” (Bheka isigaba 16) *

15-16. (a) Kungani abanye bengabaza ukwamukela abanye ngemfudumalo? (b) Yini eyasiza u-Edit wazimisela ukwamukela abanye ngemfudumalo?

15 Singase singabaze ukwamukela abanye ngemfudumalo ngenxa yezimo zethu. Cabanga ngesibonelo somfelokazi okuthiwa u-Edit. Ngaphambi kokuba abe uFakazi, wayengakuthandi ukuba nabantu. U-Edit wayecabanga ukuthi abanye bangazinakekela kangcono izivakashi kunaye.

16 Lapho esenguFakazi, yashintsha indlela u-Edit ayecabanga ngayo. Waqala ukwamukela abanye ngemfudumalo. Uyachaza: “Lapho kwakhiwa iHholo lethu loMbuso, umdala wangitshela ngamanye amaKristu ashadile ayezofika ezosisiza futhi wangicela ukuba ngiwahlalise amasonto amabili. Ngakhumbula indlela uJehova ambusisa ngayo umfelokazi waseZarefati.” (1 AmaKh. 17:12-16) U-Edit wavuma ukubahlalisa. Ingabe wazithola izibusiso? Uyachaza: “Amasonto amabili aba  yizinyanga ezimbili. Phakathi naleso sikhathi, saba abangane abakhulu.” U-Edit ubusiseke nangokuba nabangane abaseduze ebandleni. Manje useyaphayona futhi ujabulela nokumema labo asuke ehamba nabo ensimini ukuba beze kwakhe bezovakasha. Uthi: “Ukupha kungenza ngijabule! Kodwa iqiniso liwukuthi ngithola izibusiso eziningi.”—Heb. 13:1, 2.

17. Yini uLuke nomkakhe abayiphawula?

17 Kungenzeka kakade siyabamukela abanye ngemfudumalo kodwa ingabe sisengathuthukisa? Ngokwesibonelo, uLuke nomkakhe bangabantu ababamukelayo abanye. Babekujwayele ukumema abazali babo, izihlobo, abangane abasondelene nabo nombonisi wesigodi nomkakhe. Nokho, uLuke uthi: “Saphawula ukuthi sasimema kuphela labo esisondelene nabo.” Bayithuthukisa kanjani indlela abamukela ngayo abanye?

18. ULuke nomkakhe bayithuthukisa kanjani indlela abamukela ngayo abanye ngemfudumalo?

18 ULuke nomkakhe bafunda ukuthi kusho ukuthini ngempela ukwamukela abanye ngemfudumalo lapho becabanga ngamazwi kaJesu: “Uma nithanda labo abanithandayo, ninamvuzo muni na?” (Math. 5:45-47) Baphawula ukuthi kwakudingeka balingise uJehova, onesandla esivulekile kubo bonke abantu. Ngakho, baqala ukumema abazalwane nodade abebengakaze bebameme ngaphambili. ULuke uthi: “Sonke manje sizijabulela kakhulu izikhathi esiba ndawonye ngazo. Sonke sizizwa sikhuthazekile futhi sakhekile.”

19. Sibonisa kanjani ukuthi singabafundi bakaJesu, futhi yini ozimisele ukuyenza?

19 Sesiyihlolile indlela ukuthandana kakhulu okungasisiza ngayo sibe abenzi bokuthula, abangakhethi nabamukela abanye ngemfudumalo. Kufanele sinqobe imizwa engalungile futhi sibathanda kakhulu abafowethu nodadewethu ngokusuka enhliziyweni. Uma senza kanjalo, siyojabula futhi siyobonisa ukuthi ngempela singabafundi bakaJesu.—Joh. 13:17, 35.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

^ par. 5 UJesu wathi amaKristu eqiniso ayezobonakala ngothando. Indlela esibathanda ngayo abafowethu nodadewethu izosenza sibe abenzi bokuthula, singakhethi futhi samukele abanye ngemfudumalo. Lokhu ngeke kube lula ngaso sonke isikhathi. Kulesi sihloko, sizofunda ngendlela esingaqhubeka ngayo sithandana ngokusuka enhliziyweni.

^ par. 5 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ par. 57 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzamo wokuqala kadade wokulungisa isimo awuphumeleli, kodwa akayeki. Umzamo wakhe wokuqhubeka ebonisa uthando ngokuhamba kwesikhathi uyaphumelela.

^ par. 59 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane osekhulile uzizwa ekhishwe inyumbazane abanye ebandleni.

^ par. 61 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade obengabaza ukwamukela abanye ngemfudumalo ushintsha indlela acabanga ngayo futhi lokho kumjabulisa kakhulu.