Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 27

Ungazicabangi Umkhulu Kunalokho Okudingeka Ukucabange

Ungazicabangi Umkhulu Kunalokho Okudingeka Ukucabange

“Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.”—ROMA 12:3.

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

AMAZWIBELA *

1. Ngokwencwadi yabaseFilipi 2:3, ukuthobeka kusisiza kanjani sibe nobudlelwane obuhle nabanye?

SIYILALELA ngokuzithoba imithetho kaJehova ngoba siyaqaphela ukuthi uhlale azi kangcono kunathi. (Efe. 4:22-24) Ukuthobeka kwenza sibeke intando kaJehova kuqala kunalokho thina esikuthandayo, futhi sibheke abanye njengabakhulu kunathi. Ngenxa yalokho siba nobudlelwane obuhle noJehova kanye nabafowethu nodadewethu.​—Funda eyabaseFilipi 2:3.

2. Yini umphostoli uPawulu ayivuma, futhi yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Uma singaqaphile singase sithonywe abantu abaqhoshayo nabanobugovu abakuleli zwe likaSathane. * Kubonakala sengathi amanye amaKristu angekhulu lokuqala abhekana nenkinga efanayo, yingakho umphostoli uPawulu abhalela abaseRoma: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile.” (Roma 12:3) UPawulu wavuma ukuthi kudingeka sicabange ngathi ngokwezinga elithile. Nokho, ukuthobeka kuzosisiza singeqisi endleleni esizibheka ngayo. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezintathu lapho ukuthobeka okungasisiza khona sigweme ukuzicabanga sibakhulu. Lezo zinto (1) umshado,  (2) amalungelo enkonzo, (3) nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana.

THOBEKA EMSHADWENI WAKHO

3. Kungani zilindelekile izingxabano emshadweni, futhi yini abanye abayenzayo ukuze bazixazulule?

3 UJehova wasungula umshado ukuze ube umthombo wenjabulo endodeni nakumkayo. Nokho, sonke sinesono, ngakho kulindelekile ukuthi kube nezingxabano emshadweni. Empeleni uPawulu wabhala ukuthi labo abashadayo kumelwe bakulindele ukuthi bayobhekana nosizi. (1 Kor. 7:28) Abanye baxabana njalo nabantu abashade nabo, futhi bangase baphethe ngokuthi abafanelani. Uma bethonywe yizwe kuyoba lula ukuba bacabange ukuthi idivosi iyisisombululo. Bayozicabangela bona, bacabange ukuthi bayokwazi ukujabula kuphela uma bedivosa.

4. Yini okumelwe siyigweme?

4 Kumelwe sigweme ukucabanga ukuthi imishado yethu ngeke isalungiseka. Siyazi ukuthi okuwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sokudivosa ukuziphatha kabi ngokocansi. (Math. 5:32) Ngakho lapho sibhekana nosizi uPawulu abhala ngalo, ngeke sivumele ukuqhosha kusenze siqale ukuzibuza le mibuzo: ‘Ingabe lo mshado uyazanelisa izidingo zami? Ingabe ngithandwa ngendlela okufanele ngithandwe ngayo? Ngeke yini ngijabule kakhudlwana uma ngingathola omunye umuntu?’ Phawula ukuthi le mibuzo igxile kulokho umuntu yena akufunayo. Ukuhlakanipha kwezwe kuzokutshela ukuthi landela inhliziyo yakho futhi wenze okuzojabulisa wena, ngisho noma lokho kungasho ukuthi qeda umshado wakho. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kona kuthi kufanele ‘ungakhathaleli nje kuphela izindaba zakho siqu, kodwa futhi ukhathalele nezabanye.’ (Fil. 2:4) UJehova ufuna uwuvikele umshado wakho, ungadivosi. (Math. 19:6) UJehova ufuna ucabange ngaye kuqala, hhayi ngawe.

5. Ngokwencwadi yabase-Efesu 5:33, indoda nomkayo kufanele baphathane kanjani?

 5 Indoda nomkayo kufanele bathandane futhi bahloniphane. (Funda eyabase-Efesu 5:33.) IBhayibheli lisifundisa ukuthi kufanele sigxile ekupheni kunasekwamukeleni. (IzE. 20:35) Yini engasiza abantu abashadile ukuba bathandane futhi bahloniphane? Ukuthobeka. Amadoda namakhosikazi athobekile ngeke azifunele izinzuzo zawo siqu, kodwa ayofuna ‘ezomunye umuntu.’​—1 Kor. 10:24.

Kunokuba baqophisane, abantu abashadile abathobekile bayosebenza ndawonye ngokubambisana (Bheka isigaba 6)

6. Yini esiyifundayo kulokho okushiwo uSteven noStephanie?

6 Ukuthobeka kuye kwasiza amaKristu amaningi ashadile ajabula nakakhulu emshadweni wawo. Ngokwesibonelo, uSteven uthi: “Uma nisebenza njengeqembu niyobambisana, ikakhulukazi lapho kuba nezinkinga. Esikhundleni sokuzibuza ukuthi ‘yini elungele mina?, uyozibuza ukuthi yini elungele thina?’” Umkakhe uStephanie uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Akekho umuntu ofuna ukuhlala nembangi yakhe. Lapho sixabana, sizama ukuthola ukuthi yini esixabanisayo. Sibe sesithandaza, sicwaninge futhi sixoxe ngakho. Asihlaselani sodwa, kodwa sihlasela inkinga.” Amadoda namakhosikazi bazuza ngempela lapho bengazicabangi bebakhulu kunalokho okudingekile.

KHONZA UJEHOVA “NGOKUTHOBEKA”

7. Yini umzalwane okungafanele ayenze lapho ethola ilungelo enhlanganweni kaJehova?

7 Sikubheka njengelungelo ukukhonza uJehova nganoma iyiphi indlela esikwazi ukukwenza ngayo. (IHu. 27:4; 84:10) Uma umzalwane ekulungele ukwamukela ilungelo elikhethekile, kuyancomeka lokho. Empeleni iBhayibheli lithi: “Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.” (1 Thim. 3:1) Nokho, lapho esithola leso sabelo, akufanele azicabange emkhulu kunalokho okudingekile. (Luka 17:7-10) Umgomo wakhe kufanele kube ukukhonza abanye ngokuthobeka.​—2 Kor. 12:15.

8. Yini esiyifunda kuDiyotrefe, u-Uziya no-Absalomu?

8 IBhayibheli linezibonelo eziyisixwayiso zabantu ababezibona bengcono. UDiyotrefe wayengathobekile, wafuna ukuba “nendawo ephambili” ebandleni. (3 Joh. 9) U-Uziya oqhoshayo wazama ukwenza umsebenzi uJehova ayengamabelanga ukuba awenze. (2 IziKr. 26:16-21) U-Absalomu wasebenzisa ubuqili ukuze abantu bamsekele ngoba wayefuna ukuba inkosi. (2 Sam. 15:2-6) Lezo zibonelo eziseBhayibhelini zibonisa ngokucacile ukuthi uJehova akajabuli lapho abantu bezifunela udumo. (IzAga 25:27) Asikho esinye isiphetho sabantu abazidlayo nabaqhoshayo ngaphandle kwenhlekelele.​—IzAga 16:18.

9. Yisiphi isibonelo uJesu asibekela sona?

9 Ngokungafani nalezo zibonelo ezimbi, cabanga ngoJesu, “owathi nakuba ephila ngesimo sikaNkulunkulu, wangakucabangela ukuqhwaga, okungukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu.” (Fil. 2:6) Nakuba kunguNkulunkulu kuphela onegunya elingaphezu kwelakhe, uJesu akazicabangi emkhulu kunalokho okudingekile. Watshela abafundi bakhe: “Lowo oziphatha njengomncane phakathi kwenu nonke nguye omkhulu.” (Luka 9:48) Kuyisibusiso ngempela ukukhonza namaphayona, izinceku ezikhonzayo, abadala, nababonisi besigodi abalingisa uJesu ngokubonisa ukuthobeka! Uma sithobekile siyobonisa abanye uthando, okuyinto uJesu athi izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso zaziyobonakala ngayo.​—Joh. 13:35.

10. Yini okufanele uyenze uma unomuzwa wokuthi abadala abazisingathi kahle izinkinga ezisebandleni?

10 Kuthiwani uma kubonakala sengathi kunezinkinga ebandleni futhi unomuzwa wokuthi  azisingathwa ngendlela efanele? Kunokuba ukhononde, ungabonisa ukuthobeka ngokuthi usekele labo abaholayo. (Heb. 13:17) Ukuze wenze kanjalo, zibuze: ‘Ingabe izinkinga engizibonayo zinkulu ngempela kangangokuba zidinga ukulungiswa? Isikhathi esikahle yini lesi sokuzilungisa? Ingabe kuwumsebenzi wami ukuzilungisa? Uma ngikhuluma iqiniso, ingabe ngizama ukukhuthaza ubunye ebandleni noma ngizama ukuzenza ngibonakale ngingcono kwabanye?’

Labo abanikezwe amalungelo akufanele baziwe ngamakhono abo kuphela, kodwa kufanele baziwe nangokuthobeka (Bheka isigaba 11) *

11. Ngokwencwadi yabase-Efesu 4:2, 3, yini eyokwenzeka lapho sikhonza uJehova ngokuthobeka?

11 KuJehova ukuthobeka kubalulekile kunamakhono, nobunye bubalulekile kunokuhamba kahle komsebenzi. Ngakho, yenza konke okusemandleni akho ukuze ukhonze uJehova ngokuthobeka. Uma wenza kanjalo, uyokhuthaza ubunye ebandleni. (Funda eyabase-Efesu 4:2, 3.) Khuthala enkonzweni. Cinga izindlela zokukhonza abanye ngokubenzela izinto ezinhle. Yamukela wonke umuntu, ngisho nalabo abangenawo amalungelo ebandleni. (Math. 6:1-4; Luka 14:12-14) Lapho usebenza nebandla ngokuthobeka, abanye ngeke bagcine nje ngokubona amakhono akho, kodwa bayobona nokuthi uthobekile.

THOBEKA LAPHO USEBENZISA IZINKUNDLA ZOKUXHUMANA

12. Ingabe iBhayibheli liyasikhuthaza ukuba sibe nabangane? Chaza.

12 UJehova usidale ngendlela yokuba sikujabulele ukuba nabangane nomndeni. (IHu. 133:1) UJesu wayenabangane abahle. (Joh. 15:15) IBhayibheli lichaza indlela esizuza ngayo ngokuba nabangane beqiniso. (IzAga 17:17; 18:24) Lisitshela nokuthi akukuhle ukuba  sibe onkom’ idlayodwa. (IzAga 18:1) Abaningi bacabanga ukuthi izinkundla zokuxhumana ziyindlela yokuba nabangane abaningi nokugwema isizungu. Nokho kudingeka siqaphe lapho sisebenzisa izinkundla zokuxhumana.

13. Kungani abanye abasebenzisa izinkundla zokuxhumana besemathubeni okuba nesizungu nesifo sokucindezeleka?

13 Ucwaningo luthole ukuthi abantu abachitha isikhathi esiningi bebuka izinto ezifakwe abanye ezinkundleni zokuxhumana, bangase bagcine sebenesizungu futhi benesifo sokucindezeleka. Kungani? Esinye isizathu kungaba ukuthi ezinkundleni zokuxhumana abantu bavame ukufaka izithombe ezibonisa izikhathi ezijabulisayo kuphela ekuphileni kwabo. Bafaka nezithombe lapho bona bebahle, bafake izithombe zabangane babo, bafake nezithombe zezindawo ezinhle abake baya kuzo. Umuntu obuka lezo zithombe angase aphethe ngokuthi ukuphila kwakhe kumile futhi kuyabhora uma kuqhathaniswa nokwabanye. Udade oneminyaka engu-19 uyavuma: “Ngaqala ukungajabuli lapho ngibona abantu bezikhiphile ngezimpelasonto, kuyilapho mina ngihleli ekhaya ngibhorekile.”

14. Iseluleko seBhayibheli esikweyoku-1 Petru 3:8 singasisiza kanjani lapho sisebenzisa izinkundla zokuxhumana?

14 Kuyiqiniso ukuthi izinkundla zokuxhumana zingaba usizo​—ngokwesibonelo, ungaxhumana nabomndeni nabangane. Nokho, uke waqaphela yini ukuthi ezinye izinto ezifakwa abantu ezinkundleni zokuxhumana zihloselwe ukuqhakambisa bona? Kubukeka sengathi badlulisa umyalezo othi “ngibukeni.” Abanye baze babhale ngisho nezinto ezibonisa ukuba luhlaza nokungabi nasimilo ezithombeni zabo noma kwezabanye. Nalokhu futhi akuhambisani nokuthobeka nothando amaKristu akhuthazwa ukuba abe nalo.​—Funda eyoku-1 Petru 3:8.

Izinto ozifaka ezinkundleni zokuxhumana, ingabe zibonisa ukuthi uyachoma noma zibonisa ukuthi uthobekile? (Bheka isigaba 15)

15. IBhayibheli lingasisiza kanjani sigweme ukuziqhakambisa thina?

15 Uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, zibuze: ‘Kungenzeka yini ukuthi izinto engizibhalayo, izithombe namavidiyo engiwafakayo kudlulisa umqondo wokuthi ngiyachoma kwabanye? Kungenzeka yini ngenze abanye  babe nomona?’ IBhayibheli lithi: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni.” (1 Joh. 2:16) Enye inguqulo yeBhayibheli ihumusha inkulumo ethi “nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho” ngokuthi “ukufuna ukubonakala ubalulekile.” AmaKristu awazizwa enesidingo sokuziqhakambisa wona. Alalela iseluleko seBhayibheli: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” (Gal. 5:26) Ukuthobeka kuzosisiza sigweme umoya waleli zwe wokuziqhakambisa thina.

‘CABANGA UKUZE UBE NENGQONDO EHLUZEKILE’

16. Kungani kufanele singaqhoshi?

16 Kudingeka sithobeke ngoba labo abaqhoshayo ‘abahluzekile engqondweni.’ (Roma 12:3) Abantu abaqhoshayo bathanda izingxabano futhi bayazikhukhumeza. Indlela abacabanga ngayo nezinto abazenzayo ngokuvamile ziyabalimaza, zilimaze nabanye. Uma bengayishintshi indlela abacabanga ngayo, uSathane uzophuphuthekisa futhi onakalise izingqondo zabo. (2 Kor. 4:4; 11:3) Ngakolunye uhlangothi, umuntu othobekile unengqondo ehluzekile. Unombono olinganiselayo ngaye, uyazi ukuthi ngezindlela eziningi abanye bakhulu kunaye. (Fil. 2:3) Uyazi nokuthi “uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Pet. 5:5) Abantu abahluzekile engqondweni abafuni ukuba yizitha zikaJehova.

17. Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale sithobekile?

17 Ukuze sihlale sithobekile, kumelwe sisebenzise iseluleko seBhayibheli sokuba ‘sihlubule ubuntu obudala nemikhuba yabo, sigqoke ubuntu obusha.’ Lokho kudinga ukuzikhandla. Kudingeka sifunde ngesibonelo sikaJesu futhi sizame ukumlingisa ngezinga esingakwazi ngalo. (Kol. 3:9, 10; 1 Pet. 2:21) Uma senza kanjalo siyozuza kakhulu. Uma sibonisa ukuthobeka, imindeni yethu iyojabula, siyokhuthaza ubunye ebandleni futhi siyokwazi ukugwema ukusebenzisa kabi izinkundla zokuxhumana. Ngaphezu kwakho konke, uJehova uyosibusisa futhi uyosamukela.

INGOMA 117 Imfanelo Yobuhle

^ par. 5 Namuhla siphila ezweni eligcwele abantu abaqhoshayo nabanobugovu. Kudingeka siqaphe singacabangi njengabo. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezintathu, okungafanele sizicabange sibakhulu kuzo kunalokho okudingeka sikucabange.

^ par. 2 INCAZELO YAMAGAMA: Umuntu oqhoshayo ucabanga kakhulu ngaye kunabanye. Ngakho umuntu oqhoshayo uyigovu. Ngakolunye uhlangothi, ukuthobeka kusiza umuntu angabi yigovu. Ukuthobeka kuwukungaqhoshi noma ukungazidli, kuwukuzibheka umncane kunabanye.

^ par. 56 INCAZELO YESITHOMBE: Umdala obeka inkulumo emhlanganweni wesifunda noholayo emsebenzini wokwakha, uyakujabulela nokuhola enkonzweni yasensimini nokuhlanza iHholo LoMbuso.