Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

INQABAYOKULINDA—EFUNDWAYO February 2017

Lo magazini unezihloko ezifundwayo zika-April 3-​30, 2017.

Injongo KaJehova Izogcwaliseka!

Yayiyini injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngomhlaba nesintu? Konakalaphi? Kungani umhlatshelo wesihlengo sikaJesu uwukuphela kwendlela injongo kaNkulunkulu engagcwaliseka ngayo?

Isihlengo ‘Isipho Esiphelele’ Esivela KuBaba

Leli lungiselelo likaNkulunkulu alivuli nje ithuba lokuthola izibusiso ezinkulu, kodwa liphendula nezimpikiswano ezithinta indawo yonke.

INDABA YOKUPHILA

Sabona Umusa KaNkulunkulu Ongafanelwe Ngezindlela Eziningi

UDouglas noMary Guest babona umusa ongafanelwe kaNkulunkulu ngesikhathi bephayona eCanada nangesikhathi beyizithunywa zevangeli eBrazil nasePortugal.

UJehova Uhola Abantu Bakhe

Endulo uJehova wayesebenzisa abantu abathile ukuze aqondise abantu bakhe. Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi wayebasekela ngempela labo bantu?

Ubani Ohola Abantu BakaNkulunkulu Namuhla?

UJesu wayethembise ukuthi wayeyoba nabalandeli bakhe kuze kube sekupheleni kwesimiso sezinto. Ubaqondisa kanjani abantu bakaNkulunkulu manje?

Imibuzo Evela Kubafundi

Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi uNkulunkulu ‘ngeke avumele ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala.’ Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova uhlola kusengaphambili lokho esingakuthwala bese ekhetha izilingo esizobhekana nazo?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Akukho Mgwaqo Omubi Noma Omude Kakhulu”

Ngasekupheleni kwawo-1920 nangasekuqaleni kwawo-1930, amaphayona ashisekayo abonisa ukuzimisela kwawo ukushumayela izindaba ezinhle ezindaweni ezicezile zase-Australia.