Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9

Uthando Nobulungisa Kwa-Israyeli Wasendulo

Uthando Nobulungisa Kwa-Israyeli Wasendulo

“Ungumthandi wokulunga nobulungisa. Umhlaba ugcwele umusa wothando kaJehova.”—IHU. 33:5.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Yini esiyifunayo sonke? (b) Yini esingaqiniseka ngayo?

SONKE siyafuna ukuthandwa. Sonke sifuna ukuphathwa kahle. Uma singaphathwa ngothando nangobulungisa, singase sizizwe singelutho futhi singenathemba.

2 UJehova uyazi ukuthi silangazelela ukuthandwa nokuphathwa ngendlela enobulungisa. (IHu. 33:5) Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wethu usithanda kakhulu futhi ufuna siphathwe kahle. Lokhu sikubona lapho sihlola uMthetho uJehova awunika isizwe sakwa-Israyeli ngoMose. Uma ungaboniswa uthando noma uphathwa ngendlela engenabulungisa, cabanga ngendlela uMthetho KaMose * obonisa ngayo ukuthi uJehova uyabakhathalela abantu bakhe.

3. (a) Njengoba kuchaziwe kweyabaseRoma 13:8-10, yini esiyifundayo lapho sihlola uMthetho KaMose? (b) Yimiphi imibuzo esizoyiphendula kulesi sihloko?

3 Lapho sifunda uMthetho KaMose, sibona indlela uNkulunkulu wethu onothando, uJehova, asithanda ngayo. (Funda eyabaseRoma 13:8-10.) Kulesi sihloko sizoxoxa ngemithetho embalwa eyanikwa u-Israyeli bese siphendula le mibuzo: Kungani sithi uMthetho wawusekelwe othandweni? Kungani sithi uMthetho wawukhuthaza abantu ukuba babe nobulungisa? Abanegunya kwakumelwe bawusebenzise kanjani uMthetho? UMthetho wawuvikela bani ngokukhethekile? Izimpendulo zale mibuzo zingasiduduza, zisinike ithemba  futhi zisenze sisondele nakakhulu kuBaba wethu onothando.—IzE. 17:27; Roma 15:4.

UMTHETHO OSEKELWE OTHANDWENI

4. (a) Kungani sithi uMthetho KaMose wawusekelwe othandweni? (b) Njengoba kushiwo kuMathewu 22:36-40, yimiphi imiyalo uJesu ayiqokomisa?

4 Singathi uMthetho KaMose wawusekelwe othandweni ngoba konke uJehova akwenzayo kushukunyiswa uthando. (1 Joh. 4:8) Lo Mthetho wawusekelwe emiyalweni emibili—thanda uNkulunkulu uthande nomakhelwane. (Lev. 19:18; Dut. 6:5; funda uMathewu 22:36-40.) Ngakho singalindela ukuthi umthetho ngamunye kule engaphezu kuka-600 eyakha uMthetho yembule okuthile ngothando lukaJehova. Ake sihlole izibonelo ezimbalwa.

5-6. UJehova ufuna abantu abashadile benzeni futhi yini ayibonayo? Nikeza isibonelo.

5 Thembeka kumuntu oshade naye futhi unakekele izingane zakho. UJehova ufuna abantu abashadile bathandane kakhulu baze bahlukaniswe ukufa. (Gen. 2:24; Math. 19:3-6) Ukuphinga kuwukungabonisi uthando ngendlela ebabazekayo. Yingakho umthetho wesikhombisa eMithethweni Eyishumi wawukwenqabela ukuphinga. (Dut. 5:18) ‘Kuwukona kuNkulunkulu’ futhi kuwukukhohlakalela umuntu oshade naye. (Gen. 39:7-9) Umuntu owoniwe angezwa ubuhlungu iminyaka eminingi.

6 UJehova uyayibona indlela abantu abashadile abaphathana ngayo. Wayefuna amakhosikazi angama-Israyeli aphathwe kahle. Umyeni owayewuhlonipha uMthetho wayeyomthanda umkakhe futhi wayengeke amdivose ngenxa yezizathu ezingathi shu. (Dut. 24:1-4; Math. 19:3, 8) Kodwa uma beba nezinkinga ezinkulu bese emdivosa, kwakumelwe amnikeze isitifiketi sedivosi. Lesi sitifiketi sasivikela owesifazane ekumangalelweni ngokuziphatha okubi. Ngaphezu kwalokho, ngaphambi kokuba umyeni anike umkakhe isitifiketi sokudivosa, kubonakala sengathi wayeqale akhulume namadoda amadala. Lokhu kwakunika amadoda amadala ithuba lokubasiza ukuze bangadivosi. Lapho indoda engumIsrayeli idivosa umkayo ngezizathu zobugovu, uJehova wayengangeneli ngaso sonke isikhathi. Noma kunjalo, wayelubona usizi lwenkosikazi futhi wayebuzwa ubuhlungu bayo.—Mal. 2:13-16.

(Bheka izigaba 7-8) *

7-8. (a) Yini uJehova ayala ukuba abazali bayenze? (Bheka isithombe esisesembozweni.) (b) Yini esiyifundayo?

7 UMthetho wembula nokuthi uJehova uzikhathalela kakhulu izingane. UJehova wayala abazali ukuba bondle izingane zabo futhi bazifundise ngoNkulunkulu. Abazali kwakumelwe basebenzise wonke amathuba ukuze basize izingane zabo ziqonde uMthetho kaJehova futhi zifunde ukumthanda. (Dut. 6:6-9; 7:13) Esinye sezizathu ezabangela ukuba uJehova awajezise ama-Israyeli ukuthi yayishaqisa indlela ayephatha ngayo izingane. (Jer. 7:31, 33) Abazali kwakungamelwe bangazinaki izingane noma baziphathe kabi, kodwa kwakumelwe bazibheke njengeziyifa, izipho ezivela kuJehova okumelwe bazithande.—IHu. 127:3.

8 Izifundo: UJehova uyayibona indlela abantu abashadile abaphathana ngayo. Ufuna abazali bathande izingane zabo futhi bayolandisa kuye uma beziphatha kabi.

9-11. Kungani uJehova abeka umthetho owenqabela ukuhaha?

9 Ungahahi. Umthetho wokugcina eMithethweni Eyishumi wawukwenqabela ukuhaha noma ukufisa into okungeyona eyakho. (Dut. 5:21; Roma 7:7) UJehova wabeka lo mthetho ngenxa yesizathu esibalulekile —abantu bakhe kumelwe baqaphe inhliziyo yabo, okungukuthi, imizwa nemicabango yabo. Uyazi ukuthi ngaphambi kokwenza into embi, siqale siyicabange futhi siyifise. (IzAga 4:23) Uma umIsrayeli ayevumela izifiso ezimbi zikhule enhliziyweni yakhe, cishe wayeyophatha abanye ngendlela engabonisi uthando. INkosi uDavide yabanjwa yilolo gibe. UDavide wayeyindoda elungile. Kodwa ngesinye isikhathi wafisa inkosikazi yenye indoda. Leso sifiso saholela esonweni. (Jak. 1:14, 15) UDavide waphinga wabe esezama ukukhohlisa umyeni wowesifazane ayephinge naye, ekugcineni wenza ukuba umyeni abulawe.—2 Sam. 11:2-4; 12:7-11.

10 UJehova wayazi lapho umIsrayeli ephula umthetho owenqabela ukuhaha ngoba uyakwazi ukufunda izinhliziyo zethu. (1 IziKr. 28:9) Umthetho owenqabela ukuhaha wawuthi abantu kufanele bagweme imicabango eholela ezenzweni ezimbi. Ngempela, uJehova unguBaba ohlakaniphile nonothando!

11 Izifundo: UJehova ukwazi ukubona okungale kwalokho esikubona ngamehlo. Ubona lokho esiyikho ngempela ezinhliziyweni. (1 Sam. 16:7) Awukho umcabango, umuzwa noma isenzo esingamfihlela sona. Ufuna okuhle kithi futhi usikhuthaza ukuba senze okulungile. Kodwa ufuna siqaphele futhi silawule imicabango engalungile ngaphambi kokuba isenze siwele esonweni.—2 IziKr. 16:9; Math. 5:27-30.

UMTHETHO OKHUTHAZA UBULUNGISA

12. UMthetho KaMose ugcizelelani?

12 UMthetho KaMose ugcizelela ukuthi uJehova uyabuthanda ubulungisa. (IHu. 37:28; Isaya 61:8) Ubeka isibonelo esihle kakhulu sendlela yokubaphatha kahle abanye. Lapho ama-Israyeli elalela imithetho uJehova ayewanikeze yona, wayewabusisa. Uma ayengayinaki imithetho yakhe elungile, ayehlupheka. Cabanga ngemithetho emibili eMithethweni Eyishumi.

13-14. Imithetho emibili yokuqala eMithethweni Eyishumi yayithini, futhi ukuyilalela kwakuyowazuzisa kanjani ama-Israyeli?

13 Khonza uJehova kuphela. Imithetho emibili yokuqala eMithethweni Eyishumi yayitshela ama-Israyeli ukuba azinikele kuJehova kuphela futhi iwaxwayisa ngokukhonza izithombe. (Eks. 20:3-6) Leyo mithetho yayingahloselwe ukuzuzisa uJehova. Kunalokho, wayeyibekele ukuzuzisa abantu bakhe. Lapho behlala beqotho kuye, babechuma kodwa lapho bekhonza onkulunkulu bezinye izizwe, babehlupheka.

14 Cabanga ngabaseKhanani. Babekhonza izithombe ezingaphili kunokukhonza uNkulunkulu weqiniso nophilayo. Ngokwenza lokhu, babezehlisa isithunzi. (IHu. 115:4-8) Ukukhulekela kwabo kwakuhlanganisa izenzo eziyichilo zocansi nokwenza imihlatshelo enyantisayo ngezingane. Ngendlela efanayo, lapho ama-Israyeli emshiya uJehova futhi ekhetha ukukhonza izithombe, ayezehlisa isithunzi futhi elimaza nemindeni yawo. (2 IziKr. 28:1-4) Labo abanegunya bayilahla imithetho kaJehova yokulunga. Babelisebenzisa kabi igunya futhi becindezela abantu ababuthaka nabampofu. (Hez. 34:1-4) UJehova waxwayisa ama-Israyeli ngokuthi wayezobajezisa labo ababephatha kabi abafelokazi nezintandane. (Dut. 10:17, 18; 27:19) Ngakolunye uhlangothi, uJehova wayebabusisa abantu bakhe uma behlala beqotho kuye futhi bephathana kahle.—1 AmaKh. 10:4-9.

UJehova uyasithanda futhi uyabona lapho siphathwa ngokungenabulungisa (Bheka isigaba 15)

15. Yiziphi izifundo esizifunda ngoJehova?

15 Izifundo: Akufanele sisole uJehova uma labo abathi bayamkhonza bengayinaki  imithetho yakhe futhi belimaza abantu bakhe. Nokho, uJehova uyasithanda futhi uyabona lapho siphathwa kabi. Ubuhlungu bethu ubuqonda kangcono ukwedlula indlela umama azizwa ngayo ngosana lwakhe olusezinhlungwini. (Isaya 49:15) Nakuba angase angangeneli masinyane, ngesikhathi esifanele uzobajezisa abantu abenza okubi bangaphenduki ngenxa yendlela abaphatha ngayo abanye.

UMTHETHO KWAKUFANELE USETSHENZISWE KANJANI?

16-18. UMthetho KaMose wawusebenza kuphi, futhi iziphi izifundo esizifundayo?

16 UMthetho KaMose wawulawula izinto eziningi ekuphileni kwama-Israyeli, ngakho kwakubalulekile ngamadoda amadala amisiwe ukuba ahlulele abantu bakaJehova ngokulunga. Ayengagcini ngokusingatha izindaba ezithinta ukukhonza uJehova kuphela, kodwa ayesingatha nezingxabano nobugebengu. Nazi izibonelo.

17 Uma umIsrayeli ebulale othile, wayengeke avele nje abulawe. Amadoda amadala kwakufanele aphenye athole ukuthi bekwenzenjani ngaphambi kokunquma ukuthi kuyafaneleka yini ukukhipha isigwebo sokufa. (Dut. 19:2-7, 11-13) Amadoda amadala ayesingatha izindaba eziningana zansuku zonke—izingxabano ngokuqondene nempahla yomuntu ngisho nezimpikiswano eziyimfihlo zasemishadweni. (Eks. 21:35; Dut. 22:13-19) Lapho amadoda amadala ahlulela ngokulunga futhi ama-Israyeli elalela uMthetho, kwakuzuza wonke umuntu futhi isizwe sasiletha udumo kuJehova.—Lev. 20:7, 8; Isaya 48:17, 18.

18 Izifundo: Zonke izindaba zokuphila kwethu zibalulekile kuJehova. Ufuna sisebenzelane nabanye ngokulunga nangothando. Uyazizwa izinto esizishoyo futhi uyazibona nesizenzayo, ngisho nalapho sisodwa emakhaya.—Heb. 4:13.

19-21. (a) Amadoda amadala nabahluleli kwakufanele babaphathe kanjani abantu bakaNkulunkulu? (b) Yimiphi imithetho uJehova ayibeka, futhi sifunda ziphi izifundo?

19 UJehova wayefuna ukuvikela abantu bakhe ukuze bangafani nezinye izizwe. Ngakho wayefuna amadoda amadala nabahluleli basebenzise uMthetho ngokungakhethi. Kodwa abahluleli kwakungafanele bahlukumeze abantu bakhe noma babaphathe ngendlela engenako ukucabangela. Kunalokho, kwakufanele bathande ubulungisa.—Dut. 1:13-17; 16:18-20.

20 UJehova uyabathanda abantu bakhe, ngakho wabeka imithetho ukuze bangaphathwa kabi. Ngokwesibonelo, uMthetho wawenza abe mancane amathuba okuba umuntu amangalelwe ngamanga. Lowo omangalelwayo wayenelungelo lokwazi ukuthi ubani lo ommangalelayo. (Dut. 19:16-19; 25:1) Ngaphambi kokuba kuthiwe unecala, okungenani ofakazi ababili kwakufanele banikeze ubufakazi. (Dut. 17:6; 19:15)  Kuthiwani ngomIsrayeli owayenze isenzo esibi esibonwe ufakazi oyedwa? Kwakungafanele acabange ukuthi wayengeke ajeziselwe ububi abenzile. UJehova wayesuke ekubonile lokho akwenzile. Emndenini, obaba babenikezwa igunya, kodwa lelo gunya lalinemingcele. Kwezinye izimpikiswano zasemndenini, amadoda amadala kwakufanele angenele futhi kube yiwo akhipha isahlulelo.—Dut. 21:18-21.

21 Izifundo: UJehova usibekela isibonelo esihle; akasiphathi ngendlela engalungile. (IHu. 9:7) Uyababusisa labo abaphila ngemithetho yakhe, kodwa uyabajezisa labo abalisebenzisa kabi igunya. (2 Sam. 22:21-23; Hez. 9:9, 10) Abanye bangase benze ububi futhi kubonakale sengathi sebephunyukile esijezisweni, kodwa uJehova uyabajezisa ngesikhathi sakhe esifanele. (IzAga 28:13) Uma bengaphenduki, basheshe babone ukuthi “kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.”—Heb. 10:30, 31.

UMTHETHO WAWUVIKELA OBANI NGOKUKHETHEKILE?

Lapho elungisa izingxabano, amadoda amadala kwakufanele abonise uthando nobulungisa bukaJehova (Bheka isigaba 22) *

22-24. (a) UMthetho wawuvikela obani ngokukhethekile, futhi yini esiyifundayo ngoJehova? (b) Yisiphi isixwayiso esisithola ku-Eksodusi 22:22-24?

22 Ngokukhethekile, uMthetho wawuvikela labo ababengeke bakwazi ukuzivikela, njengezintandane, abafelokazi nabafokazi. Abahluleli kwa-Israyeli batshelwa: “Ungasiphendukezeli isahlulelo somfokazi noma sentandane, futhi akumelwe uthathe ingubo yomfelokazi njengesibambiso.” (Dut. 24:17) UJehova wayebakhathalela  abantu abaphansi. Labo ababebaphatha kabi wayebajezisa.—Funda u-Eksodusi 22:22-24.

23 UMthetho wawuvikela namalungu omndeni kuzo zonke izinhlobo zezono zocansi phakathi kwezihlobo zegazi. (Lev. 18:6-30) Ngokungafani nabantu bezinye izizwe ezaziwuvumela lo mkhuba, abantu bakaJehova kwakufanele basibheke njengesinyanyekayo lesi senzo, njengoba nje noJehova ayesibheka kanjalo.

24 Izifundo: UJehova ufuna labo abanikeze igunya ukuba babakhathalele bonke labo abangaphansi kwegunya labo. Uyazizonda izono zocansi futhi ufuna sonke sivikelwe futhi siphathwe ngobulungisa, ikakhulu abantu abaphansi.

UMTHETHO, ‘ISITHUNZI SEZINTO EZINHLE EZIZAYO’

25-26. (a) Kungani singathi uthando nobulungisa kufana nomoya nokuphila? (b) Yini okuzokhulunywa ngayo esihlokweni esilandelayo salolu chungechunge?

25 Uthando nobulungisa kufana nomoya nokuphila; abantu ngeke baphile emhlabeni ungekho umoya-mpilo. Uma sesiqiniseka ukuthi uJehova usiphatha ngobulungisa, uthando lwethu ngaye luyakhula. Uma sesimthanda uNkulunkulu nemithetho yakhe elungile, sishukumiseleka ukuba sithande abanye futhi sibaphathe ngobulungisa.

26 Isivumelwano soMthetho kaMose sasifana nomoya onikeza ukuphila ebuhlotsheni obabuphakathi kukaJehova nama-Israyeli. Nokho, uMthetho awubange usasebenza ngemva kokuba uJesu esewugcwalisile, futhi wathathelwa indawo yinto engcono nakakhulu. (Roma 10:4) Umphostoli uPawulu wathi uMthetho ‘uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Heb. 10:1) Isihloko esilandelayo salolu chungechunge sizokhuluma ngezinye zalezo zinto ezinhle nendima uthando nobulungisa obuyidlalayo ebandleni lobuKristu.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

^ par. 5 Lesi yisihloko sokuqala ochungechungeni lwezihloko ezine ezizoxoxa ngokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova unendaba nathi. Izihloko ezintathu ezisele zizovela kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 2019. Lezo zithi “Uthando Nobulungisa Ebandleni LobuKristu,” “Uthando Nobulungisa Ezweni Elonakele,” “Ukududuza Abanukubeziwe.”

^ par. 2 INCAZELO YEGAMA: Imithetho engaphezu kwengu-600 uJehova ayinika ama-Israyeli ngoMose ibizwa ngokuthi “uMthetho,” “uMthetho KaMose” nangokuthi “imiyalo.” Ngaphezu kwalokho, izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli (uGenesise kuya kuDuteronomi) ngokuvamile zibizwa ngokuthi uMthetho. Ngezinye izikhathi leli gama lisetshenziswa lapho kukhulunywa ngayo yonke imiBhalo YesiHebheru.

^ par. 60 ISIHLOKO ESISEMBOZWENI: UJehova wayefuna izingane zizizwe zivikelekile njengoba zikhuliswa ngothando futhi zifundiswa abazali bazo.

INCAZELO YEZITHOMBE: Umama ongumIsrayeli ujabulela ingxoxo emnandi namadodakazi akhe ngesikhathi belungisa ukudla. Laphaya, ubaba uqeqesha indodana yakhe ekunakekeleni izimvu.

^ par. 64 INCAZELO YEZITHOMBE: Amadoda amadala esangweni ledolobha asiza umfelokazi nengane yakhe abaphathwe kabi umthengisi.