Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17

Yamukela Usizo LukaJehova Ukuze Umelane Nemimoya Emibi

Yamukela Usizo LukaJehova Ukuze Umelane Nemimoya Emibi

“Sibambene . . . nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.”—EFE. 6:12.

INGOMA 55 Ningabesabi!

AMAZWIBELA *

1. Njengoba kuchaziwe kweyabase-Efesu 6:10-13, iyiphi enye yezindlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasikhathalela? Chaza.

ENYE yezindlela uJehova asikhathalela ngayo njengezinceku zakhe ukusisiza simelane nezitha zethu. Izitha zethu ezinkulu uSathane namademoni. UJehova uyasixwayisa ngalezi zitha futhi usinika lokho esikudingayo ukuze simelane nazo. (Funda eyabase-Efesu 6:10-13.) Lapho silwamukela usizo lukaJehova futhi sincike kuye ngokuphelele singamelana noDeveli ngokuphumelelayo. Singaqiniseka njengomphostoli uPawulu owabhala: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?”—Roma 8:31.

2. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 NjengamaKristu eqiniso, asichithi isikhathi esiningi sifuna ukwazi ngoSathane namademoni. Kunalokho, sigxila kakhulu ekufundeni ngoJehova nasekumkhonzeni. (IHu. 25:5) Nokho, kuyadingeka ukuba sazi ukuthi uSathane usebenza kanjani. Kungani? Ukuze sigweme ukukhohliswa nguye. (2 Kor. 2:11) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela eyinhloko esetshenziswa uSathane namademoni ukuze badukise abantu. Sizoxoxa nangendlela esingamelana ngayo nabo ngokuphumelelayo.

INDLELA IMIMOYA EMIBI EDUKISA NGAYO ABANTU

3-4. (a) Kuyini ukusebenzelana nemimoya? (b) Baningi kangakanani abantu abakholelwa ekusebenzelaneni nemimoya?

3 Ukusebenzelana nemimoya kuyindlela eyinhloko esetshenziswa uSathane namademoni ukuze bazame ukudukisa abantu. Labo abasebenzelana nemimoya bathi bazi izinto noma bakwazi ukulawula izinto ngokuvamile abantu abangazazi noma abangakwazi ukuzilawula. Ngokwesibonelo,  abanye bathi bakwazi ukubona ikusasa ngokubhula noma ngokufunda izinkanyezi. Abanye bangase benze sengathi bakhuluma nabantu abafile. Abanye bayathakatha noma benze imilingo futhi bangase bazame ukuphonsa abanye abantu ngeziphonso. *

4 Baningi kangakanani abantu abakholelwa emandleni okusebenzelana nemimoya? Inhlolo-vo eyenziwa emazweni angu-18 eLatin America naseCaribbean yaveza ukuthi umuntu oyedwa kwabathathu uyakholelwa ukuthi umlingo nokuthakatha kuyasebenza futhi inani elithi alilingane nalelo likholelwa ukuthi abantu abaphilayo bayakwazi ukuxhumana nabafile. Enye inhlolo-vo yenziwa emazweni angu-18 e-Afrika. Kulelo zwekazi, umuntu oyedwa kwababili uthi uyakholelwa ukuthi ukuthakatha kuyasebenza. Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, kumelwe sizivikele ekusebenzelaneni nemimoya. Phela uSathane uzama ukudukisa “umhlaba wonke owakhiwe.”—IsAm. 12:9.

5. UJehova uzizwa kanjani ngokusebenzelana nemimoya?

5 UJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHu. 31:5) Uzizwa kanjani ngokusebenzelana nemimoya? Uyakuzonda! UJehova wathi kuma-Israyeli: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma ubani obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Dut. 18:10-12) AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho uJehova awunika ama-Israyeli. Kodwa siyazi ukuthi ayikashintshi indlela akubheka ngayo ukusebenzelana nemimoya.—Mal. 3:6.

6. (a) USathane ukusebenzisa kanjani ukusebenzelana nemimoya ukuze alimaze abantu? (b) Ngokwencwadi yomShumayeli 9:5, liyini iqiniso ngesimo sabafile?

6 UJehova usixwayisa ngokusebenzelana nemimoya ngoba uyazi ukuthi uSathane usebenzisa kona ukuze alimaze abantu. USathane usebenzisa imimoya ukuze abhebhethekise amanga—kuhlanganise namanga athi abafile bayaqhubeka bephila kwenye indawo. (Funda umShumayeli 9:5.) USathane usebenzisa ukusebenzelana nemimoya ukuze enze abantu besabe futhi baqhele kuJehova. Inhloso yakhe iwukuthi labo abasebenzelana nemimoya bathembele kuyo kunokuba bathembele kuJehova.

INDLELA ESINGAKUBALEKELA NGAYO UKUSEBENZELANA NEMIMOYA

7. Yini uJehova asitshela yona?

7 Njengoba kubonisiwe ekuqaleni, uJehova usitshela lokho okudingeka sikwazi ukuze sigweme ukukhohliswa uSathane namademoni. Ake sixoxe ngezinto ezingokoqobo esingazenza ukuze silwe noSathane namademoni.

8. (a) Iyiphi indlela eyinhloko yokumelana nemimoya emibi? (b) IHubo 146:4 liwadalula kanjani amanga kaSathane ngabantu abafile?

8 Funda iZwi likaNkulunkulu futhi uzindle ngalo. Lena indlela eyinhloko esiwenqaba ngayo amanga abhebhethekiswa imimoya emibi. IZwi likaNkulunkulu linjengenkemba  ebukhali ekwazi ukusika, iweneke obala amanga kaSathane. (Efe. 6:17) Ngokwesibonelo, iZwi likaNkulunkulu lembula amanga athi abafile bangakhuluma nabaphilayo. (Funda iHubo 146:4.) Lisikhumbuza nokuthi nguJehova kuphela ongabikezela ikusasa ngokunembile. (Isaya 45:21; 46:10) Uma silifunda njalo iZwi likaNkulunkulu futhi sizindle ngalo, siyokwazi ukuwenqaba futhi siwazonde amanga imimoya emibi efuna siwakholelwe.

9. Yimiphi imikhuba ehlobene nemimoya esiyigwemayo?

9 Yenqaba ukwenza noma yini ehlobene nemimoya. NjengamaKristu eqiniso, asizihlanganisi nanoma yini ehlobene nokusebenzelana nemimoya. Ngokwesibonelo, asiyi kwabanemimoya noma sizame ukukhuluma nabafile nganoma iyiphi indlela. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, siyakugwema ukwenza amasiko emingcwabo asekelwe enkolelweni yokuthi abafile baqhubeka bephila kwenye indawo. Asiyi kwababhulayo ukuze sithole ukuthi ikusasa lisiphatheleni. (Isaya 8:19) Siyazi ukuthi yonke imikhuba enjalo iyingozi kakhulu futhi ingasenza sixhumane ngokuqondile noSathane namademoni.

Lingisa amaKristu okuqala ngokulahla noma yini okungenzeka ihlobene nokusebenzelana nemimoya futhi wenqabe ukuzijabulisa ngezinto ezibonisa ukusebenzelana nemimoya (Bheka izigaba 10-12)

10-11. (a) Yini eyenziwa abanye ngekhulu lokuqala lapho bethola iqiniso? (b) Ngokweyoku-1 Korinte 10:21, kungani kufanele silingise isibonelo samaKristu angekhulu lokuqala, futhi singawalingisa kanjani?

10 Lahla izinto ezihlobene nokusebenzelana nemimoya. Abantu abathile ababehlala e-Efesu ngekhulu lokuqala babesebenzelana nemimoya. Lapho befunda iqiniso, bathatha isinyathelo esiwujuqu. “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzE. 19:19) Labo bantu babezimisele ukumelana nemimoya emibi. Izincwadi zabo zemilingo zazibiza imali eningi. Kodwa kunokuba lezo zincwadi baziphe abanye abantu noma bazidayise, bazishisa. Babefuna ukujabulisa uJehova,  bengenandaba nokuthi lezo zincwadi zazibiza kangakanani.

11 Singasilingisa kanjani isibonelo salawo maKristu angekhulu lokuqala? Kuwukuhlakanipha ukuba silahle noma yini engase isihlanganise nokusebenzelana nemimoya. Lokhu kuhlanganisa ubuhlalu, intambo yokuziqinisa, imigexo, isiphandla noma ezinye izinto ezigqokwayo noma umuntu aba nazo ukuze azivikele emimoyeni emibi.—Funda eyoku-1 Korinte 10:21.

12. Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona ngezinto esizijabulisa ngazo?

12 Hlolisisa izinto ozijabulisa ngazo. Zibuze: ‘Ingabe ngifunda izincwadi, omagazini noma izihloko ku-inthanethi ezikhuluma ngemimoya? Unjani umculo engiwulalelayo, amamuvi nezinhlelo ze-TV engizibukelayo noma imidlalo engiyidlalayo? Ingabe kukhona engizijabulisa ngakho okuhlanganisa imimoya? Ingabe ngibukela izinto ezibonisa ama-vampire, ama-zombie, izipoki noma abantu abanamandla angaphezu kwavamile? Ingabe zibonisa imilingo, ukuthakatha noma iziphonso njengokuzijabulisa okungalimazi?’ Akuzona zonke izinto esizibukelayo ezingezona ezingokoqobo (fantasies noma fairy tales) ezihlobana nokusebenzelana nemimoya. Lapho ukhetha ozozijabulisa ngakho, zimisele ukwenza izinqumo ezizokusiza uqhele kunoma yini uJehova ayizondayo. Sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ‘ukuba siqaphele ukuba singenzi cala kuNkulunkulu.’—IzE. 24:16. *

13. Yini okufanele siyigweme?

13 Gwema ukuxoxa izindaba ezimayelana  namademoni. Kulokhu, kufanele silingise isibonelo esabekwa uJesu. (1 Pet. 2:21) Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu wayehlala ezulwini futhi azi okuningi ngoSathane namademoni. Kodwa wayengaxoxi ngezinto ezazenziwe yileyo mimoya emibi. UJesu wayefuna ukufundisa abantu ngoJehova, hhayi ngoSathane. Sifuna ukulingisa uJesu ngokungasakazi izindaba zamademoni. Kunalokho sifuna ukubonisa ngamazwi ethu ukuthi ‘inhliziyo yethu ibé nogqozi ngendaba enhle,’ okuwukuthi, iqiniso.—IHu. 45:1.

Akumelwe siyesabe imimoya emibi. Ayilutho lapho iqhathaniswa namandla kaJehova, kaJesu nawezingelos (Bheka izigaba 14-15) *

14-15. (a) Kungani kungafanele siyesabe imimoya emibi? (b) Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova uyabavikela abantu bakhe namuhla?

14 Ungayesabi imimoya emibi. Kuleli zwe esiphila kulo, singase sehlelwe yizinto ezimbi. Izingozi, ukugula ngisho nokufa kungasifikela singalindele. Kodwa akufanele sicabange ukuthi lokho kubangelwe imimoya. IBhayibheli lithi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” singehlela noma ubani. (UmSh. 9:11) UJehova uye wabonisa ukuthi unamandla kakhulu kunamademoni. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu akazange amvumele uSathane ukuba abulale uJobe. (Jobe 2:6) Ngesikhathi sikaMose, uJehova wabonisa ukuthi unamandla kunabapristi baseGibhithe ababenza imilingo. (Eks. 8:18; 9:11) Lapho esephindele ezulwini, uJesu wathola igunya kuYise lokuphonsa phansi emhlabeni uSathane namademoni. Maduzane, bazophonswa kwalasha, lapho bengeke bakwazi ukulimaza muntu.—IsAm. 12:9; 20:2, 3.

15 Sibona ubufakazi obuningi bokuthi uJehova uyabavikela abantu bakhe namuhla. Cabanga ngalokhu: Sishumayela futhi sifundise iqiniso kuzo zonke izingxenye zomhlaba. (Math. 28:19, 20) Ngenxa yalokho, sidalula imisebenzi emibi kaDeveli. Ukube uSathane ubekwazi, ubeyobangela ukuba yonke imisebenzi yethu ivinjelwe, kodwa akakwazi. Ngakho akudingeki siyesabe imimoya emibi. Siyazi ukuthi “amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKr. 16:9) Uma sithembekile kuJehova, siyovikeleka ekulinyazweni amademoni.

 IZIBUSISO EZITHOLWA YILABO ABAMUKELA USIZO LUKAJEHOVA

16-17. Yisho isibonelo esibonisa isibindi esidingekayo ukuze simelane nemimoya emibi.

16 Kudinga isibindi ukumelana nemimoya emibi, ikakhulukazi lapho abangane noma izihlobo ezisithandayo zingavumelani nathi. Kodwa uJehova uyababusisa labo ababonisa isibindi esinjalo. Cabanga ngesibonelo sikadadewethu u-Erica ohlala eGhana. U-Erica wayeneminyaka engu-21 lapho eqala ukufundelwa iBhayibheli. Njengoba ubaba wakhe ayengumpristi owenza imilingo, kwakulindeleke ukuba ahlanganyele esikweni lokusebenzelana nemimoya elalihlanganisa ukudla inyama enikelwe njengomhlatshelo konkulunkulu bakababa wakhe. Lapho u-Erica enqaba, umndeni wakubo wabheka lokho njengokudelela onkulunkulu. Umndeni wawukholelwa ukuthi onkulunkulu bazobashaya ngokugula noma ukusangana.

17 Umndeni wakubo ka-Erica wazama ukumphoqa ukuba alandele lelo siko, kodwa wenqaba ngisho noma lokho kwakusho ukuhamba ekhaya. OFakazi abathile bavuma ukuba u-Erica ahlale nabo. Ngaleyo ndlela, uJehova wambusisa ngomndeni omusha—abantu abakhonza uJehova ababa njengabafowabo nodadewabo. (Marku 10:29, 30) Nakuba izihlobo zakhe zamlahla zashisa nezinto zakhe, u-Erica wahlala ethembekile kuJehova, wabhapathizwa, futhi manje uyiphayona elivamile. Akawesabi amademoni. Ngokuphathelene nomndeni wakubo, u-Erica uthi, “Ngiwuthandazela nsuku zonke umndeni wakithi ukuba uthole injabulo yokwazi uJehova futhi uthole nenkululeko elethwa ukukhonza uNkulunkulu wethu onothando.”

18. Yiziphi izibusiso esiyozithola lapho sithembela kuJehova?

18 Akuthina sonke esiyobhekana novivinyo olunjalo lokholo lwethu. Nokho, sonke kudingeka simelane nemimoya emibi futhi sithembele kuJehova. Uma senza lokho, siyothola izibusiso eziningi futhi siyogwema ukudukiswa amanga kaSathane. Ngaphezu kwalokho, ngeke siwesabe amademoni. Siyoba nobuhlobo obuqinile noJehova. Umfundi uJakobe wabhala, “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jak. 4:7, 8.

INGOMA 150 Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

^ isig. 5 Ngothando uJehova uye wasixwayisa ngemimoya emibi nangomonakalo ewudalayo. Imimoya emibi izama kanjani ukudukisa abantu? Yini esingayenza ukuze simelane nemimoya emibi? Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela uJehova asisiza ngayo sigweme ithonya layo.

^ isig. 3 INCAZELO YAMAGAMA: Ukusebenzelana nemimoya kubhekisela ezinkolelweni noma emikhubeni ehlobene namademoni. Kuhlanganisa nenkolelo yokuthi umphefumulo awufi lapho kufa umzimba nokuthi abafile bayakwazi ukukhuluma nabaphilayo ngomuntu okwazi ukuxhumana nabafile. Ukusebenzelana nemimoya kuhlanganisa imikhuba enjengokuthakatha nokubhula. Kulesi sihloko, igama elithi imilingo libhekisela emikhubeni ehlobene namandla angaphezu kwavamile. Kungase kuhlanganise ukuphonsa iziphonso. Nokho, lokhu akuhlanganisi imigilingwane eyenziwa abantu ngezandla ukuze bajabulise abanye.

^ isig. 12 Abadala abanalo igunya lokunqumela abanye ukuthi bazijabulise ngani. Kunalokho, umKristu ngamunye kumelwe asebenzise unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli lapho ekhetha lokho azokufunda, akubukele noma akudlale. Izinhloko zemindeni ezihlakaniphile ziyaqikelela ukuthi imindeni yazo izijabulisa ngezinto ezivumelana nezimiso zeBhayibheli.​—Bheka isihloko esiku-jw.org/zu esithi® Ingabe OFakazi BakaJehova Bayawenqabela Amabhayisikobho, Izincwadi Noma Izingoma Ezithile?” ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI > IMIBUZO EVAME UKUBUZWA NGOFAKAZI BAKAJEHOVA..

^ isig. 54 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu uyiNkosi enamandla ezulwini futhi uhola ibutho lezingelosi. Isihlalo sobukhosi sikaJehova singaphezu kwabo.