Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda—Efundwayo  |  Disemba 2017

 INDABA YOKUPHILA

Ukushiya Izinto Ngemuva Ukuze Ngilandele INkosi

Ukushiya Izinto Ngemuva Ukuze Ngilandele INkosi

“Uma uhamba uyoshumayela, ungabuyi lana. Uma ubuya, ngizokuphula imilenze.” Ngemva kokuba ubaba esho lokho, nganquma ukuhamba. Leso kwakuyisiqalo sokushiya izinto ngemuva ukuze ngilandele iNkosi. Ngangineminyaka engu-16.

YINI eyabangela leso simo? Ake ngichaze. Ngazalwa ngoJulayi 29, 1929, ngakhulela emaphandleni esifundazweni saseBulacan ePhilippines. Sasiphila ukuphila okulula ngenxa yokuthi kwakuyisikhathi sokuwohloka komnotho. Kwagqashuka iMpi ngesikhathi ngisemusha. Ibutho laseJapane lahlasela iPhilippines. Nokho, thina sasihlala endaweni ecezile ngempela, ngakho asizange sithinteke embangweni. Sasingenawo umsakazo, ithelevishini kanye namaphephandaba, ngakho izindaba zempi sasizizwa kuphela lapho sixoxelwa abanye.

Ngiyingane yesibili kweziyisishiyagalombili, ugogo nomkhulu bangithatha bahlala nami lapho ngineminyaka engu-8. Nakuba sasingamaKatolika, umkhulu wayengazixwayi ezinye izinkolo futhi wayezamukela izincwadi zenkolo ayezinikwa abangane bakhe. Ngikhumbula engibonisa incwajana ethi Protection, Safety, and Uncovered eyayibhalwe ngolimi lwesiTagalog * kanye neBhayibheli. Ngangikuthanda ukufunda iBhayibheli, ikakhulukazi amaVangeli amane. Ukwenza lokho kwangenza ngafuna ukulandela isibonelo sikaJesu.​—Joh. 10:27.

UKUFUNDA UKULANDELA INKOSI

Ukuvimbezela kwebutho laseJapane kwaphela ngo-1945. Cishe ngaleso sikhathi, abazali bami bathi mangibuyele ekhaya. Umkhulu wangikhuthaza ukuba ngihambe. Ngakho ngabuyela ekhaya.

Ngokushesha nje ngemva kwalokho, ngoDisemba 1945, iqembu loFakazi BakaJehova elalivela edolobheni lase-Angat leza endaweni esasihlala kuyo lizoshumayela. Ekhaya kweza uFakazi owayesekhulile wafike wasichazela lokho iBhayibheli elikushoyo ‘ngezinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1-5) Wasimema ukuba size emhlanganweni weBhayibheli emzini oseduzane nasekhaya. Abazali bami abazange baye, kodwa mina ngaya. Kwakukhona abantu abangaba ngu-20 lapho futhi abanye babuza imibuzo yeBhayibheli.

Angizange ngikuqonde lokho ababekusho, ngakho nganquma ukuhamba. Lapho nje ngithi ngiyahamba,  bahlabelela ingoma yoMbuso. Ngayithanda kakhulu leyo ngoma, ngakho nganquma ukuhlala. Ngemva kwengoma nomthandazo, sonke samenywa ukuba sibe khona emhlanganweni owawuzoba se-Angat ngeSonto elilandelayo.

Iningi lethu lahamba ngezinyawo ibanga elingamakhilomitha angu-8 ukuze sifike kulowo mhlangano emzini wakwaCruz. Ngakuthanda kakhulu ukubona ngisho nezingane ezincane ziphendula lapho kukhulunywa ngezihloko zeBhayibheli ezijulile. Ngemva kokuya emihlanganweni eminingana, uMfoweth’ uDamian Santos owayeke waba umphathi wedolobha kodwa manje owayeseyiphayona, wangicela ukuba ngilale kwakhe. Saxoxa isikhathi eside ngeBhayibheli ngalobo busuku.

Ngalezo zinsuku, abaningi kithi babesheshe basabele lapho bezwa amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngemva nje kwemihlangano embalwa, abazalwane bangibuza: “Uyafuna yini ukubhapathizwa?” Ngaphendula ngathi, “Yebo ngiyafuna.” Ngangazi ukuthi ngifuna ukuba ‘yinceku yeNkosi, uKristu.’ (Kol. 3:24) Saya emfuleni oseduzane ngafike ngabhapathizwa lapho ngoFebhuwari 15, 1946 kanye nomunye umzalwane.

Saqaphela ukuthi njengamaKristu abhapathiziwe, kwakudingeka sishumayele njalo silingise uJesu. Lokho akuzange kumjabulise ubaba wami, owathi, “Umncane kabi ukuthi ungashumayela. Ngaphandle kwalokho, ukucwiliswa emanzini akukwenzi umshumayeli.” Ngachaza ukuthi, kuyintando kaNkulunkulu ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso waKhe. (Math. 24:14) Nganezela, “Kudingeka ngigcwalise isithembiso engisenze kuNkulunkulu.” Yilapho ubaba avele wangisongela khona. Wayezimisele ukungivimbela ukuba ngishumayele. Yilokho okwabangela ukuba ngishiye izinto ngemuva okokuqala, ukuze ngiphishekele imigomo engokomoya.

Umndeni wakwaCruz wangimema ukuba ngihlale nawo e-Angat. Wakhuthaza mina nendodakazi yabo uNora ukuba sibhalise njengamaphayona. Sobabili saqala ukuphayona ngoNovemba 1, 1947. UNora wakhonza kwelinye idolobha, mina ngaqhubeka ngishumayela e-Angat.

ELINYE ITHUBA LOKUSHIYA IZINTO NGEMUVA

Ngonyaka wami wesithathu ngiphayona, u-Earl Stewart, umzalwane owayevela ehhovisi legatsha, wabeka inkulumo endaweni yomphakathi e-Angat phambi kwabantu abangu-500. Wayibeka ngesiNgisi ngemva kwalokho mina ngayifinqa ngesiTagalog. Ngaya esikoleni iminyaka engu-7 kuphela, kodwa othisha babehlale besifundisa ngesiNgisi. Enye into eyangisiza ngathuthukisa isiNgisi sami ukuthi sasinezincwadi ezimbalwa ngesiTagalog. Ngakho ngangifunda izincwadi eziningi zesiNgisi. Lokho kwangenza ngakwazi kutolika izinkulumo ezibekwa ngesiNgisi.

Ngosuku abeka ngalo inkulumo, uMfoweth’ uStewart wachazela ibandla lakithi ukuthi ihhovisi legatsha lifuna ukumema iphayona elilodwa noma amabili ukuba azokhonza eBethel. Ayedingeka ukuze asize ngesikhathi izithunywa zevangeli zisemhlanganweni wango-1950 owawunesihloko esithi Ukwanda Kwenhlangano eNew York, e-U.S.A. Ngangingomunye wabazalwane abamenywa. Ngaphinde ngashiya izinto engangizijwayele ngahamba ngayosiza eBethel.

Ngafika eBethel ngoJuni 19, 1950, ngaqala isabelo sami esisha. IBethel kwakuyindlu endala enkulu eyayizungezwe izihlahla ezinkulu emhlabeni oyi-hectare elilodwa. Kwakukhona abazalwane abangashadile abaningana ababekhonza lapho. Entathakusa ngangisiza ekhishini. Bese kuthi ngo-9 ekuseni ngisebenze egumbini lokuwasha izingubo, ngi-ayine izimpahla. Ntambama ngangenza okufanayo. Ngisho nangemva kokuba izithunywa zevangeli sezibuyile emhlanganweni wezizwe zonke, ngaqhubeka ngikhonza eBethel. Ngangigoqa omagazini ukuze bathunyelwe, ngenza izikhokhelo ngiphinde ngamukele izivakashi; ngangenza noma yini okuthiwa ngiyenze.

UKUSUKA EPHILIPPINES NGIYA ESIKOLENI SASEGILEYADI

Ngo-1952, ngikanye nabazalwane abangu-6 basePhilippines, sajabula lapho sithola isimemo sokuya ekilasini le-20 leSikole SaseGileyadi. Izinto eziningi esazibona e-United States zazizintsha kithi futhi zazisimangaza. Kwakuhluke kakhulu kulokho engangikujwayele emaphandleni asekhaya.

Ngikanye nabanye abafundi eGileyadi

Ngokwesibonelo, kwadingeka sifunde ukusebenzisa amathuluzi asendlini esasingawajwayele.  Isimo sezulu sasihluke ngokuphelele. Ngolunye usuku ekuseni ngathi uma ngiphumela ngaphandle ngahlangana nezwe elimhlophe elihle. Ngangiqala ngqa ukubona iqhwa. Ngabe sengithola ukuthi kuyabanda​—kushubisa umkantsha!

Nokho, sasheshe sazijwayela lezo zinto njengoba sijabulela ukuqeqeshwa eGileyadi. Othisha babesebenzisa izindlela zokufundisa eziphumelelayo. Safunda ukucwaninga nokutadisha ngendlela enenjongo. Ukuqeqeshwa esakuthola eGileyadi ngokuqinisekile kwangisiza ngathuthuka ngokomoya.

Ngemva kokuthola iziqu, ngabelwa ukuba ngikhonze njengephayona elikhethekile okwesikhashana eBronx edolobheni laseNew York. Yingakho ngoJulayi 1953 ngakwazi ukwethamela umhlangano owawunesihloko esithi Umphakathi Wezwe Elisha owawukulelo dolobha. Ngemva komhlangano ngathola isabelo ePhilippines.

UKUSHIYA UKUNETHEZEKA KWASEDOLOBHENI

Ihhovisi legatsha lathi, “Manje uzokhonza njengombonisi wesigodi.” Lokho kwakuzonginika ithuba elisha lokulandela ngokoqobo izinyathelo zeNkosi, eyahambela amadolobha akude ukuze isize abantu bakaJehova. (1 Pet. 2:21) Ngabelwa esigodini esihlanganisa indawo enkulu yaseLuzon ephakathi, isiqhingi esikhulu kunazo zonke ePhilippines. Leyo ndawo yayihlanganisa izifundazwe zaseBulacan, eNueva Ecija, eTarlac, naseZambales. Ukuze ngihambele amadolobha amabili kwakudingeka nginqamule izintaba zaseSierra Madre. Ayengekho amabhasi namatekisi afika kulezo zindawo, ngakho kwakudingeka ngicele abashayeli bamaloli ukuba ngihlale phezu kwezinkuni ababezithutha ngamaloli abo amakhulu. Ngokuvamile babengivumela, kodwa kwakungemnandi ukuhamba ngaleyo ndlela.

Amabandla amaningi ayemancane futhi esanda kumiswa. Ngakho abazalwane babejabula kakhulu lapho ngibasiza bahlele imihlangano nenkonzo yasensimini ngendlela ehlelekile.

Kamuva kwathiwa ngikhonze isigodi esasihlanganisa sonke isifunda saseBicol. Sasakhiwa amaqembu acezile okwakukhonza kuwo amaphayona akhethekile, ezindaweni okwakungakaze kushunyayelwe kuzo. Kwelinye ikhaya, indlu yangasese kwakuwumgodi ovalwe ngezingodo. Lapho ngizinyathela, izingodo zangena emgodini nami ngalandela. Kwangithatha isikhathi ukuba ngisuse konke ukungcola ukuze ngilungele ukudla.

Kungaleso sikhathi ngikuleso sabelo, lapho ngaqala ukucabanga ngoNora, owayeqale ukuphayona eBulacan. Ngaleso sikhathi wayekhonza njengephayona elikhethekile edolobheni laseDumaguete. Ngahamba ngayomvakashela. Ngemva kwalokho sabhalelana izincwadi isikhathi esithile, kwathi ngo-1956 sashada. Ngesonto lokuqala ngemva kokushada sahambela ibandla esiqhingini saseRapu Rapu. Lapho kwadingeka sicace intaba futhi sihambe amabanga  amade, kodwa kwasijabulisa kakhulu ukhonza abazalwane ezindaweni ezicezile njengabantu abashadile!

UKUMENYWA UKUBA NGIPHINDE NGIKHONZE EBETHEL

Ngemva kweminyaka ecishe ibe mine sihambela amabandla ndawonye, sathola isimemo sokuyokhonza ehhovisi legatsha. Ngakho ngoJanuwari 1960, saqala inkonzo yaseBethel eyayizothatha iminyaka eminingi. Phakathi nayo yonke le minyaka, ngiye ngafunda okuningi ekukhonzeni nabazalwane abanemithwalo esindayo futhi uNora uye wenza izabelo eziningi eBethel.

Ngibeka inkulumo emhlanganweni kanye nomzalwane otolikela olimini lwesiCebuano

NgiseBethel, ngiye ngabusiswa ngokubona ukwanda okungokomoya ePhilippines. Lapho ngifika okokuqala eBethel ngisemusha ngingakashadi, kwakunabamemezeli abangaba ngu-10 000. Manje kunabamemezeli abangaphezu kuka-200 000 kulo lonke elasePhilippines futhi kunamakhulu abantu abakhonza eBethel besekela umsebenzi obalulekile wokushumayela.

Njengoba umsebenzi ukhula, izakhiwo zaseBethel ziye zaba zincane kakhulu. INdikimba Ebusayo yacela ukuba sifune indawo esingakha kuyo isakhiwo esikhudlwana. Mina nomzalwane owayengamele umnyango wokunyathelisa sangena indlu nendlu komakhelwane abakhelene negatsha sibuza ukuthi akekho yini ofisa ukudayisa isakhiwo sakhe. Asitholanga noyedwa, omunye waze wathi: “Thina njengabomdabu baseShayina, asidayisi. Siyathenga.”

Ngitolika inkulumo kaMfoweth’ u-Albert Schroeder

Nokho, ngolunye usuku kungalindelekile, kunomuntu owathi udayisa indawo yakhe ngoba uthuthela e-United States. Lokho kwaholela ekwenzekeni kwezinto ezasishiya sibambe ongezansi. Omunye umakhelwane wanquma ukudayisa wakhuthaza nabanye ukuba badayise. Sagcina sesithenge nendawo yalo muntu owayethe “amaShayina awadayisi.” Kungakabiphi isakhiwo segatsha saphindeka kathathu. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu wayefuna lokho kwenzeke.

Ngo-1950, ngangiyilungu laseBethel elincane kunawo wonke ngeminyaka. Manje mina nomkami sibadala kunabo bonke. Angizisoli nakancane ngokulandela iNkosi nomaphi lapho yayingiqondisa khona. Abazali bami bangixosha emzini wabo, kodwa uJehova uye wanginika umndeni omkhulu engikhonza kanye nawo. Ngiqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova usinika konke esikudingayo, kungakhathaliseki ukuthi sithola isabelo esinjani. Mina noNora sibonga kakhulu ngomusa uJehova aye wasibonisa wona, futhi sikhuthaza nabanye ukuba bamvivinye.​—Mal. 3:10.

UJesu wake wamema uMathewu Levi, umthelisi, wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” Wasabela kanjani? “Eshiya konke ngemuva wasukuma wamlandela.” (Luka 5:27, 28) Nami ngiye ngathola amathuba afanayo futhi ngikhuthaza abanye ukuba benze okufanayo ukuze bathole izibusiso eziningi.

Ngijabulela ukuhlanganyela ekwandeni esikubona ePhilippines

^ isig. 6 Inyatheliswe oFakazi BakaJehova, kodwa ayisanyatheliswa manje.