Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Ngomusa Ongafanelwe Nakhululwa

Ngomusa Ongafanelwe Nakhululwa

Isono akumelwe sibe yinkosi phezu kwenu, njengoba . . . ningaphansi komusa ongafanelwe.”—ROMA 6:14.

IZINGOMA: 2, 61

1, 2. Kungani oFakazi BakaJehova benesithakazelo kweyabaseRoma 5:12?

AKE sithi ufuna ukubhala uhlu lwamavesi eBhayibheli oFakazi BakaJehova abawazi kahle nabawasebenzisa njalo. Ingabe eyabaseRoma 5:12 ingaba sekuqaleni ohlwini lwakho? Cabanga ngezikhathi oke wabhekisela kuzo kula mazwi athi: “Kungakho, njengoba nje ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”

2 Lelo vesi lisetshenziswa kaningi encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Njengoba ufunda le ncwadi nezingane zakho noma nabanye, cishe uyofunda eyabaseRoma 5:12 lapho nixoxa ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba, isihlengo nangesimo sabafile—izahluko  3,5, no-6. Kodwa uvamile yini ukucabanga ngeyabaseRoma 5:12 mayelana nokuma kwakho phambi kukaJehova, izenzo zakho namathemba esikhathi esizayo?

3. Yiliphi iqiniso mayelana nesono okufanele sibhekane nalo?

3 Sonke kumelwe sibhekane neqiniso lokuthi siyizoni. Usuku nosuku senza amaphutha. Nokho, siqinisekiswa ngokuthi uNkulunkulu uyakhumbula ukuthi senziwe ngothuli futhi ukulungele ukusibonisa umusa. (IHu. 103:13, 14) Emthandazweni oyisibonelo uJesu wacela uNkulunkulu: “Usithethelele izono zethu.”  (Luka 11: 2-4) Ngakho, asikho isizathu sokugxila emaphutheni uNkulunkulu awathethelele. Noma kunjalo, singazuza ngokucabanga ngendlela angasithethelela ngayo nasithethelela ngayo ngokwedlule.

SITHETHELELWE NGOMUSA ONGAFANELWE

4, 5. (a) Yini esisiza siqonde lokho okushiwo eyabaseRoma 5:12? (b)  Uyini ‘umusa ongafanelwe’ okukhulunywa ngawo kweyabaseRoma 3:24?

4 Sithola ukwaziswa okubalulekile encwadini yabaseRoma ikakhulukazi esahlukweni 6. Lokhu kuzosisiza siqonde indlela uJehova angasithethelela ngayo. Esahlukweni 3, siyafunda: “Bonke bonile. . . , futhi kunjengesipho sesihle ukuthi ngomusa wakhe ongafanelwe kuthiwa balungile ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu.” (Roma 3: 23, 24) UPawulu wayesho ukuthini ngamazwi athi ‘umusa ongafanelwe’? Wasebenzisa igama lesiGreki, ngokwencwadi ethile, elinomqondo “wokwenzelwa into ethile mahhala, ngaphandle kwenkokhiso.”

5 Isazi uJohn Parkhurst saphawula: “Lapho kukhulunywa ngoNkulunkulu noma ngoKristu, [lelo gama lesiGreki] livame ikakhulukazi ukubhekisela emseni wabo ongafanelwe noma emseni wabo wokukhulula nokusindisa isintu.” Yingakho indlela yokuhumusha ethi ‘umusa ongafanelwe’ ifaneleka eNguqulweni Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Kodwa uNkulunkulu wawubonisa kanjani lo musa ongafanelwe? Uhlangana kanjani nethemba lakho nobuhlobo bakho naye? Ake sibone.

6. Abantu bangazuza ngezinga elingakanani emseni kaNkulunkulu ongafanelwe?

6 Isono nokufa ‘kwangena ezweni’ ngenxa ‘yomuntu oyedwa,’ u-Adamu. Ngakho, “ngesiphambeko salo muntu oyedwa ukufa kwabusa njengenkosi.” UPawulu wanezela ukuthi “insada yomusa ongafanelwe [kaNkulunkulu]” yaba khona “ngomuntu oyedwa, uJesu Kristu.” (Roma 5: 12, 15, 17) Lowo musa ongafanelwe uye waletha imiphumela emihle kuso sonke isintu. “Ngokulalela komuntu oyedwa [uJesu] abaningi bayoba ngabalungileyo.” Empeleni, umusa ongafanelwe kaNkulunkulu ungaholela ‘ekuphileni okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.’—Roma 5:19, 21.

7. Kungani ilungiselelo likaNkulunkulu lesihlengo libonisa umusa futhi lingasifanele?

7 UJehova wayengaphoqelekile ukuthumela iNdodana yakhe ukuba ize emhlabeni ukuze ibe isihlengo. Ngaphezu kwalokho, abantu abangaphelele nabayizoni babengakufanelekeli lokho uNkulunkulu noJesu abakwenza ngokulungiselela isihlengo esenza sikwazi ukuthethelelwa. Ngakho ukuthethelelwa kwethu nokunikezwa ithemba lokuphila okuphakade esikhathini esizayo kuwumusa ongafanelwe ngempela. Kufanele sisazise kakhulu isipho somusa ongafanelwe kaNkulunkulu futhi sisivumele sithinte ukuphila kwethu kwansuku zonke.

UKWAZISA NGOMUSA KANKULUNKULU ONGAFANELWE

8. Yimuphi umbono oyiphutha okungenzeka abanye abantu banawo ngezono zabo?

8 Njengoba siyinzalo ka-Adamu engaphelele, sithambekele ekwenzeni amaphutha, ukwenza izinto ezimbi nokona. Noma kunjalo, kungaba yiphutha elikhulu ukuwusebenzisa kabi umusa ongafanelwe kaNkulunkulu sithi: ‘Ngisho noma ngingenza into engalungile—into uNkulunkulu ayibheka njengesono—akudingeki ngikhathazeke ngayo. UJehova uzongithethelela.’ Ngokudabukisayo, amanye amaKristu ayezizwa ngaleyo ndlela ngisho nangesikhathi abanye babaphostoli besaphila. (Funda uJude 4.) Thina kungenzeka asisoze sayisho into enjalo; nokho singase sithonyeke futhi kancane kancane siqale ukucabanga ngaleyo ndlela.

9, 10. UPawulu kanye nabanye bakhululwa kanjani esonweni nasekufeni?

9 UPawulu wagcizelela ukuthi kumelwe  siwugweme ngokuphelele umbono othi: “UNkulunkulu uyaziqonda izimo zami. Uzowathethelela amaphutha ami.” Kungani? Ngoba njengoba uPawulu abhala, amaKristu aye ‘afa ngokuqondene nesono.’ (Funda eyabaseRoma 6:1, 2.) Kwakungashiwo kanjani ukuthi ‘afile ngokuqondene nesono’ kuyilapho ayesaphila emhlabeni?

10 UNkulunkulu wasebenzisa isihlengo kuPawulu nakwabanye ababephila ngaleso sikhathi. Ngenxa yalokho, uJehova wathethelela izono zabo, wabagcoba ngomoya ongcwele wabe esebabiza ukuba babe amadodana akhe angokomoya. Base benethemba lokuphila ezulwini. Uma bezibonakalise bethembekile babeyohlala futhi babuse noKristu ezulwini. Kodwa uPawulu wayengakhuluma ngabo ‘njengabafile ngokuqondene nesono’ ngesikhathi besaphila futhi bekhonza uNkulunkulu emhlabeni. Wasebenzisa isibonelo sikaJesu, owafa njengomuntu wabe esevuselwa ezulwini njengesidalwa somoya esingenakufa. Ukufa kwakungasabusi njengenkosi phezu kukaJesu. Kuyefana nangamaKristu agcotshiwe, ayengase azibheke ‘njengafileyo ngokuqondene nesono kodwa njengaphilayo ngokuqondene noNkulunkulu ngoKristu Jesu.’ (Roma 6: 9, 11) Indlela yawo yokuphila yayingasafani neyangaphambili. Ayengasawathobeli amathonya noma izifiso zawo zesono. Ayefile endleleni yawo yokuphila yangaphambili.

11. Thina esinethemba lokuphila phakade ePharadesi siye ‘safa ngokuqondene nesono’ ngamuphi umqondo?

11 Kuthiwani ngathi? Ngaphambi kokuba sibe amaKristu, sasona kaningi, mhlawumbe singaqapheli ukuthi izenzo zethu azilungile noma zimbi kangakanani emehlweni kaNkulunkulu. ‘Sasinjengezigqila zokungcola nokungabi namthetho.’ Kungashiwo ukuthi ‘sasiyizigqila zesono.’ (Roma 6: 19, 20) Sabe sesifunda amaqiniso eBhayibheli, senza izinguquko ekuphileni kwethu, sazinikezela kuNkulunkulu futhi sabhapathizwa. Kusukela lapho, bekulokhu kuyisifiso sethu ‘ukuzilalela ngokusuka enhliziyweni’ izimfundiso kanye nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngisho noma kungenzeka asikaze sikusho ngale ndlela, ‘sakhululwa esonweni’ futhi ‘saba yizigqila zokulunga.’ (Roma 6: 17, 18) Ngakho, kungashiwo nangathi ukuthi siye ‘safa ngokuqondene nesono.’

12. Ngamunye wethu kufanele enze siphi isinqumo?

12 Cabanga ngamazwi kaPawulu: “Ningasivumeli isono ukuba siqhubeke sibusa njengenkosi emizimbeni yenu efayo ukuba nilalele izifiso zayo.” (Roma 6:12) ‘Singavumela isono ukuba siqhubeke sibusa’ ngokwenza noma yini imizimba yethu engaphelele esishukumisela ukuba siyenze. Ngenxa yokuthi singakwazi ‘ukuvumela’ isono ukuba sibuse noma senqabe ukusivumela ukuba sibuse, umbuzo uwukuthi, Yini esiyifuna ngempela ezinhliziyweni zethu? Zibuze: ‘Ngezinye izikhathi, ingabe ngivumela umzimba wami ongaphelele noma ingqondo ukuba kungiholele endaweni engafanele bese ngiya khona? Noma ingabe ngifile ngokuqondene nesono? Ingabe ngiyaphila ngokuqondene noNkulunkulu ngoKristu Jesu? Kuya ngokuthi siwazisa kangakanani umusa ongafanelwe uNkulunkulu aye wasibonisa wona ngokusithethelela.

IMPI ONGAYINQOBA

13. Yibuphi ubufakazi obusiqinisekisa ngokuthi singakwazi ukulahla isono?

13 Abantu bakaJehova baye basilahla “isithelo [ababenaso]” ngaphambi kokuba bazi, bathande futhi bakhonze uNkulunkulu. Ukuphila kwabo kwakudala kungenzeka kwakuhlanganisa ‘izinto abanamahloni ngazo manje’ futhi ezazingabenza bafanelwe ukufa. (Roma 6: 21) Babe sebeshintsha. Lokho kwenzeka nakumaKristu amaningi aseKorinte uPawulu awabhalela. Amanye  ayekhonza izithombe, ephinga, engongqingili, amasela, izidakwa futhi enza nezinto ezihlobene nalezo. Nokho, ‘agezwa ahlanzeka’ futhi ‘angcweliswa.’ (1 Kor. 6: 9-11) Cishe kwakunjalo nangabanye ababesebandleni laseRoma. UPawulu waphefumulelwa ukuba ababhalele: “Ningaqhubeki ninikela izitho zenu esonweni njengezikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni kuNkulunkulu njengabaphilayo bevela kwabafileyo, namalungu enu kuNkulunkulu njengezikhali zokulunga.” (Roma 6:13) UPawulu wayeqiniseka ngokuthi babengahlala behlanzekile ngokomoya futhi baqhubeke bezuza emseni kaNkulunkulu ongafanelwe.

14, 15. Yini okufanele sizibuze yona mayelana ‘nokulalela ngokusuka enhliziyweni’?

14 Kunjalo nanamuhla. Abanye abafowethu nodadewethu kungenzeka babefana nalabo baseKorinte. Kodwa nabo baye bashintsha. Bashiya inkambo yabo yesono futhi ‘bagezwa bahlanzeka.’ Uma kunjalo nangawe, kunjani ukuma kwakho noNkulunkulu manje? Manje, ngenxa yokuthi umusa ongafanelwe kaNkulunkulu usuyatholakala futhi wenza sithethelelwe, uzimisele yini ukungaqhubeki ‘unikela izitho zakho esonweni’? Ingabe kunalokho ‘uyozinikela kuNkulunkulu njengophilayo ovela kwabafileyo’?

15 Ukuze senze lokho, ngokuqinisekile kumelwe sigweme ukukhetha ukwenza izono ezinkulu, lezo abanye eKorinte ababezenzile. Lokho kubalulekile uma sithi siye samukela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu futhi sithi ‘isono asiyona inkosi phezu kwethu.’ Nokho, ingabe sizimisele ‘ukulalela ngokusuka enhliziyweni’ ngokwenza konke okusemandleni ethu ukuze sigweme izono abanye abazibheka njengezincane?—Roma 6:14, 17.

16. Sazi kanjani ukuthi ukuba umKristu kuhilela okungaphezu ukuyeka izono ezinkulu?

16 Cabanga ngomphostoli uPawulu. Singaqiniseka ngokuthi wayengazenzi izono ezimbi kakhulu ezivezwe kweyoku-1 Korinte 6: 9-11. Noma kunjalo, wavuma ukuthi unesono. Wabhala: “Ngingowenyama, ngithengiswe ngaphansi kwesono. Ngoba lokho engikwenzayo angikwazi. Ngoba lokho engikufisayo angikwenzi; kodwa lokho engikuzondayo yikho engikwenzayo.” (Roma 7: 14, 15) Lokhu kubonisa ukuthi kunezinye izinto uPawulu ayezibheka njengezono futhi wayelwa ngokumelene nalezo zinto ezingalungile. (Funda eyabaseRoma 7: 21- 23.) Kwangathi nathi singenza kanjalo njengoba silwela ‘ukulalela ngokusuka enhliziyweni.’

17. Kungani ufuna ukwethembeka?

17 Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yokwethembeka. Ukwethembeka kuyimfanelo eyisisekelo kumaKristu. (Funda izAga 14:5; eyabase-Efesu 4:25.) USathane ‘unguyise wamanga.’ U-Ananiya nomkakhe bafa ngenxa yokuqamba amanga. Asifuni ukulingisa abantu abanjalo—siyakugwema ukuqamba amanga. (Joh. 8:44; IzE. 5:1-11) Nokho, ingabe yilokho nje okushiwo ukwethembeka? Empeleni, ukwethembeka kwethu kufanele kubonise ukwazisa kwethu okujulile ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.

18, 19. Kukanjani ukwethembeka kungasho nje ukungawaqambi amanga?

18 Ukuqamba amanga ukukhuluma into engelona iqiniso. Nokho, uJehova ufuna abantu bakhe benze okungaphezu kokuzama ukuwangaqambi amanga aluhlaza cwe. Wanxusa ama-Israyeli asendulo: “Kufanele nibe ngcwele, ngoba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.” Wabe esebanikeza izibonelo zokubangcwele. Ngokwengxenye, uNkulunkulu wathi: “Ningebi, ningakhohlisi, ningasebenzelani ngokungathembeki nabahlobo benu.” (Lev. 19:2, 11) Ngokudabukisayo, umuntu oqikelelayo ukuba angawaqambi amanga angase azibone esekhohlisa futhi asebenzelane nabanye ngokungathembeki.

Ingabe sizimisele ukugwema ukuqamba amanga nokukhohlisa? (Bheka isigaba 19)

 19 Ngokwesibonelo, indoda itshela umqashi wayo noma omunye esebenza naye ukuthi ngosuku olulandelayo ngeke ikwazi ukuza emsebenzini noma ukuthi kumelwe isheshe ihambe ngoba kumelwe ‘ibonane nodokotela.’ Empeleni, ‘ukubonana kwayo’ nodokotela kumane kuwukudlula ekhemisi noma ukuya ehhovisi likadokotela ukuze iyokhokha isikweletu. Isizathu sayo sangempela sokungayi emsebenzini siwukuba ikwazi ukulungiselela uhambo lwayo noma ukuze ikwazi ukuya ebhishi nomndeni wayo. Le ndoda iqinisile yona ngokuthi ithi ‘izobonana nodokotela,’ kodwa ungasho yini ukuthi ithembekile? Noma ingabe ibikhohlisa? Mhlawumbe zikhona izenzakalo ezifanayo ozaziyo lapho umuntu ekhohlisa abanye ngamabomu. Mhlawumbe lokhu kwenziwa ukuze kugwenywe isijeziso noma ukuzuza ngomsebenzi wabanye. Ngisho noma ngabe akukhulunywanga amanga, kuthiwani ngesiqondiso sikaNkulunkulu: “Ningakhohlisi”? Cabanga nangeyabaseRoma 6:19, ethi: “Nikelani izitho zenu njengezigqila zokulunga ninombono wobungcwele.”

20, 21. Umusa ongafanelwe kaNkulunkulu kufanele usishukumisele ukuba senzeni?

20 Iphuzu liwukuthi ukwazisa kwethu ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu kuhilela okungaphezu kokugwema ukuphinga, ukudakwa, noma ezinye izono ezazenziwa amanye amaKristu eKorinte. Ukwamukela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu akusho ukugwema ukuziphatha okubi ngokobulili kuphela kodwa kusho nokumelana nanoma yikuphi ukuthambekela kokuzilibazisa ngezokuzijabulisa ezingcolile. Ukunikela ngezitho zethu njengezigqila zokulunga ngeke kugcine ngokusenza ukuba sigweme ukudakwa kodwa kuyosishukumisela nokuba sigweme ukuphuza size sicishe sidakwe. Kungase kudinge umzamo omkhulu ukuze silwisane nemikhuba engalungile enjalo; noma kunjalo, lena yimpi esingayinqoba.

21 Umgomo wethu kufanele ube ukugwema izono ezinkulu kanye namaphutha acashile. Ngeke sikwazi ukukwenza lokho ngokuphelele. Noma kunjalo, kufanele siphishekele ukwenza kanjalo, njengoba kwenza uPawulu. Wanxusa abafowabo: “Ningasivumeli isono ukuba siqhubeke sibusa njengenkosi emizimbeni yenu efayo ukuba nilalele izifiso zayo.” (Roma 6:12; 7:18-20) Njengoba silwisana nesono ngazo zonke izindlela, sibonisa ukwazisa kwangempela ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu ngoKristu.

22. Yimuphi umvuzo olindele labo ababonisa ukwazisa ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu?

22 Ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu, izono zethu ziye zathethelelwa futhi zingaqhubeka nokuthethelelwa. Ngokwazisa, masenze umzamo wokunqoba noma yikuphi ukuthambekela kokwenza lokho abanye abangase bakubheke njengezono ezincane. UPawulu wagcizelela umvuzo osilindele: “Manje, ngenxa yokuthi nakhululwa esonweni kodwa naba yizigqila zikaNkulunkulu, nivuna isithelo senu esiwubungcwele, futhi ekugcineni ukuphila okuphakade.”—Roma 6:22.