Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda—Efundwayo  |  Agasti 2017

 EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Uzoba Khona Nini Omunye Umhlangano?”

“Uzoba Khona Nini Omunye Umhlangano?”

KUNGASEKUPHELENI kukaNovemba 1932 eMexico City. Kwakusanda kuphela isonto kufakwe amarobhothi kulelo dolobha eliphithizelayo elinabantu abangaphezu kuka-1 000 000. Kodwa manje leyo kwakungaseyona indaba esematheni. Izintatheli zazigxile emhlanganweni ozoba kuleli sonto. Zazihlome ngamakhamera, zilinde esiteshini sesitimela isivakashi esikhethekile, uJoseph F. Rutherford owayengumongameli we-Watch Tower Society. OFakazi bendawo nabo babelindele ukwamukela uMfoweth’ uRutherford, owayeyisivakashi emhlanganweni wabo wezinsuku ezintathu.

Umagazini i-⁠Golden Age wathi: “Akubuzwa ukuthi lo mhlangano uzoba umhlangano obaluleke kakhulu emlandweni ngenxa yokusekela umkhankaso wokufundisa iqiniso eriphabhuliki yaseMexico.” Kodwa yini eyenza lo mhlangano, owawuthanyelwe abantu abangu-150 nje kuphela waba obalulekile?

Ngaphambi kwalowo mhlangano babembalwa ababesabela esigijimini soMbuso eMexico. Kusukela ngo-1919, yayiba khona imihlangano emincane kodwa eminyakeni eyalandela inani lamabandla lehla. Ukuvulwa kwehhovisi legatsha ngo-1929 eMexico kwanika abantu ithemba. Nokho, kwaba nezinkinga. Lapho kuphuma isiqondiso sokuba siyeke ukuhlanganisa amabhizinisi ezentengiselwano nokushumayela, elinye i-⁠colporteur layeka ukuhlanganyela lazakhela iqembu lalo lokufunda iBhayibheli. Phakathi naleso sikhathi, owengamele igatsha waziphatha ngendlela engqubuzana nemiBhalo, kwadingeka kumiswe omunye. OFakazi bendawo eMexico babedinga ukukhuthazwa.

Ngesikhathi evakashile, uMfoweth’uRutherford wabeka izinkulumo ezimbili ezikhuthazayo emhlanganweni nezingu-5 emsakazweni. Kwakuqala ngqa ukuthi iziteshi zomsakazo zisakaze izindaba ezinhle ezweni lonke. Ngemva komhlangano, umbonisi wegatsha owayesanda kumiswa wahlela umsebenzi futhi oFakazi abashisekayo bawusekela ngomfutho benesibusiso sikaJehova.

Umhlangano wango-1941, edolobheni laseMexico

Ngonyaka owalandela kwaba nemihlangano emikhulu emibili edolobheni laseVeracruz nasedolobheni laseMexico. Ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla ensimini, abantu abaningi baqala ukwamukela isigijimi. Ngo-1931 kwakunabamemezeli abangu-82. Ngemva kweminyaka eyishumi babephindeke izikhathi eziyishumi! Ngo-1941 abangu-1 000 baba khona eMhlanganweni edolobheni laseMexico.

“BAGCWELE IMIGWAQO”

Ngo-1943 oFakazi babesebenzisa izingqwembe ukuze bamemele abantu eMhlanganweni onesihloko esithi: “Isizwe Esikhululekile” owawuzoba semadolobheni aseMexico angu-12.  * Babefaka izingqwembe  ezimbili bezigaxe emahlombe, olunye lube ngaphambili olunye ngemuva, le indlela yokukhankasa ebilokhu isetshenziswa oFakazi kusukela ngo-1936.

Isiqephu sikamagazini wango-1944 sibonisa izingqwembe ezimbili zomkhankaso owawusedolobheni laseMexico

Mayelana nokuphumelela komkhankaso woFakazi wezingqwembe edolobheni laseMexico, umagazini i-⁠La Nación wathi: “Ngosuku lokuqala [lomhlangano, oFakazi] bacelwa ukuba bameme abanye abantu abaningi. Ngakusasa, abantu bagcwala baze baphelelwa indawo.” Umphumela walo mkhankaso wacasula abaholi beSonto lamaKatolika futhi baqala umkhankaso ngokumelene noFakazi. Naphezu kokuphikiswa, abafowethu nodadewethu abanesibindi baqhubeka nokukhankasa emigwaqweni. I-⁠La Nación yaphinde yathi: “Bonke abantu bababona . . . amadoda nabesifazane befake ‘izingqwembe.’” Lesi sihloko sasinesithombe sabafowethu besemigwaqweni yasedolobheni laseMexico. Ngaphansi kwaleso sithombe kwakunombhalo othi: “Bagcwele imigwaqo.”

“IMIBHEDE IFUDUMELE FUTHI ITHAMBILE”

Ngaleyo minyaka oFakazi abaningi kwakudingeka badele lukhulu ukuze bakwazi ukuya emihlanganweni embalwa eMexico. Abantu abaningi babevela ezindaweni ezazingenazo izitimela noma imigwaqo. Elinye ibandla labhala: “Ukuphela kwento ekhona i-⁠telegraph.” Ngakho abantu kwakudingeka bagibele iminyuzi noma bahambe ngezinyawo izinsuku eziningi ukuze nje bafike esiteshini sesitimela esasizobabeka emhlanganweni.

OFakazi abaningi babehlupheka ngakho kwakunzima ngisho nokuthola imali yokuya nje emhlanganweni. Lapho befika, abaningi babehlala emizini yoFakazi bendawo, ababebamukela ngezandla ezimhlophe. Abanye babelala emaHholo OMbuso. Ngesinye isikhathi, abantu abangu-90 ababeye emhlanganweni balala ehhovisini legatsha, balala phezu ‘kwamabhokisi ezincwadi angu-20.’ INcwadi Yonyaka yathi lezi zivakashi ezazisayo zathi le “mibhede ifudumele futhi ithambile kunokulala phansi kusimende.”

Akubuzwa ukuthi ukuya emhlanganweni wobuKristu kwakubaluleke kunazo zonke izinto abazidela lab’ oFakazi. Namuhla, inani labamemezeli eMexico liyakhuphuka liphokophele ku-1 000 000, lowo moya wokwazisa usekhona nanamuhla. * Umbiko wegatsha waseMexico wango-1949 wathi ngabafowethu: “Izikhathi ezinzima ababhekene nazo aziwuqedi umfutho wabo ngezinto zikaNkulunkulu ngoba bahlale bexoxa ngalokho abakuzwe emhlanganweni futhi umbuzo abafowethu abazibuza wona ukuthi, Uzoba khona nini omunye umhlangano?” Lowo mbiko uveza lokho okusenzeka ngisho nanamuhla.​​—⁠Okuvela ezinqolobaneni zethu eMelika Ephakathi.

^ isig. 9 INcwadi Yonyaka Ka-1944 yathi, lo mhlangano “wenza oFakazi bakaJehova baziwa eMexico.”

^ isig. 14 EMexico bangu-2 262 646 abantu ababa khona eSikhumbuzweni ngo-2016.