Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INqabayokulinda—Efundwayo  |  January 2016

Umoya Ufakazelana Nomoya Wethu

Umoya Ufakazelana Nomoya Wethu

“Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.”ROMA 8:16.

IZINGOMA: 109, 108

1-3. Yiziphi izenzakalo ezenza iPhentekoste laba usuku olukhethekile, futhi lezo zenzakalo zakugcwalisa kanjani lokho okwakubikezelwe yimiBhalo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

KWAKUYISONTO ekuseni eJerusalema. Kwakuwusuku olukhethekile nolujabulisayo. Abantu babegubha iPhentekoste, okwakuwumkhosi ongcwele owawuba sekuqaleni kokuvunwa kukakolweni. Ngalolo suku ekuseni ethempelini, umpristi ophakeme wanikela imihlatshelo yansuku zonke. Ngemva kwalokho, cishe ngehora lesishiyagalolunye, wanikela izinkwa ezimbili ezinemvubelo ezenziwe ngesivuno sokuqala sikakolo, noma ulibo lwesivuno. Umpristi ophakeme wazulisa izinkwa ukuze azinikele kuJehova. Leli kwakuyiPhentekoste lonyaka ka-33.Levitikusi 23:15-20.

2 Kwase kungamakhulu eminyaka, unyaka ngamunye umpristi ophakeme enikela lo mnikelo wokuzuliswa. Lo mnikelo wawuhlobene nento ebaluleke kakhulu eyenzeka ngePhentekoste lonyaka ka-33. Futhi le nto yenzeka kubafundi bakaJesu abangu-120 ababethandaza ndawonye ekamelweni eliphezulu eJerusalema. (IzEnzo 1:13-15) Eminyakeni engu-800  eyandulele, umprofethi uJoweli wayelobile ngalesi senzakalo. (Joweli 2:28-32; IzEnzo 2:16-21) Yini le ebaluleke kangaka eyenzeka?

3 Funda izEnzo 2:2-4. NgePhentekoste lonyaka ka-33, uNkulunkulu wathululela umoya wakhe ongcwele kulawo maKristu, futhi agcotshwa. (IzEnzo 1:8) Isixuku sabe sesibuthanela kubafundi futhi baqala ukukhuluma ngezinto ezinhle kakhulu ababesanda kuzibona nababezizwile. Umphostoli uPetru wachaza ukuthi yini eyayisanda kwenzeka nokuthi kungani yayibalulekile. Wabe esetshela isixuku: “Phendukani, yilowo nalowo kini abhapathizwe egameni likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa kwezono zenu, khona-ke nizokwamukela isipho sesihle somoya ongcwele.” Ngalolo suku, kwabhapathizwa abantu abangaba ngu-3 000 futhi nabo bamukela umoya ongcwele.IzEnzo 2:37, 38, 41.

4. (a) Kungani kufanele sibe nesifiso sokwazi ngalokho okwenzeka ngePhentekoste? (b) Yisiphi esinye isenzakalo okungenzeka senzeka ngosuku olufanayo eminyakeni eminingi ngaphambili? (Bheka umbhalo osekugcineni.)

4 Yini eyayifanekiselwa umpristi ophakeme nomnikelo ayewunikela njalo ngePhentekoste? Umpristi ophakeme wayefanekisela uJesu. Izinkwa zazifanekisela abafundi bakaJesu abagcotshiwe. Labo bafundi bakhethwe phakathi kwabantu abanesono futhi babizwa ngokuthi “ulibo.” (Jakobe 1:18) UNkulunkulu wamukele laba njengamadodana akhe futhi ubakhethile ukuba babuse njengamakhosi kanye noJesu ezulwini njengebayingxenye yoMbuso kaNkulunkulu. (1 Petru 2:9) UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze abusise bonke abantu abalalelayo. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi ikhaya lethu liyoba sezulwini noJesu noma epharadesi emhlabeni, iPhentekoste lonyaka ka-33 libaluleke kakhulu kithi. [1] —Bheka umbhalo osekugcineni.

KWENZEKANI LAPHO UMUNTU EGCOTSHWA?

5. Sazi kanjani ukuthi abagcotshiwe abagcotshwa ngendlela efana ncamashi?

5 Abafundi ababesekamelweni eliphezulu babengasoze balulibala lolo suku. Ngamunye wabo wayenokuthile okwakubukeka njengelangabi ekhanda lakhe. UJehova wabanika ikhono lokukhuluma ezinye izilimi. Babengangabazi nhlobo ukuthi babegcotshwe ngomoya ongcwele. (IzEnzo 2:6-12) Kodwa lezi zinto ezimangalisayo azenzeki kuwo wonke amaKristu lapho egcotshwa. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alisho ukuthi kunokuthile okubukeka njengelangabi okwahlala emakhanda ezinkulungwane zabantu ababeseJerusalema abagcotshwa kamuva ngalolo suku. Bagcotshwa lapho bebhapathizwa. (IzEnzo 2:38) Kanti futhi, akuwona wonke amaKristu agcotshwa ngesikhathi abhapathizwa ngaso. AmaSamariya agcotshwa esikhathini esithile ngemva kokubhapathizwa. (IzEnzo 8:14-17) Kanti esimweni esingavamile, uKorneliyu nabendlu yakhe bagcotshwa ngaphambi kokuba babhapathizwe.IzEnzo 10:44-48.

6. Yini etholwa yibo bonke abagcotshiwe, futhi lokhu kubathinta kanjani?

6 Ngokusobala, amaKristu abona ngezindlela ezingefani ukuthi agcotshiwe. Kungenzeka ukuthi amanye avele abona zisuka nje ukuthi uJehova uwagcobile. Amanye aqaphela ngemva kwesikhathi esithile. Kodwa umphostoli uPawulu wachaza ukuthi kwenzekani komunye  nomunye wawo. Wathi: “Ngemva kokuba senikholiwe, nabekwa uphawu ngomoya ongcwele othenjisiwe, oluphawu olunikezwa kusengaphambili lwefa lethu.” (Efesu 1:13, 14) Ngakho uJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze akwenze kuwacacele ngokuphelele la maKristu ukuthi uwakhethile ukuba aye ezulwini. Ngale ndlela, umoya ongcwele ‘uluphawu olunikezwa kusengaphambili,’ noma isiqinisekiso sokuthi esikhathini esizayo azophila phakade ezulwini hhayi emhlabeni.Funda eyesi-2 Korinte 1:21, 22; 5:5.

UmKristu ngamunye ogcotshiwe akumelwe avumele lutho lumyekise ukukhonza uJehova

7. Yini umKristu ngamunye ogcotshiwe okumelwe ayenze ukuze athole umvuzo wakhe wasezulwini?

7 Lapho umKristu egcotshwa, ingabe lokho kusho ukuthi nakanjani uyowuthola umvuzo wakhe? Cha. Uyaqiniseka ukuthi umenyiwe ukuba aye ezulwini. Kodwa uyothola lowo mvuzo kuphela uma ehlala ethembekile kuJehova. UPetru wakuchaza ngale ndlela: “Ngenxa yalesi sizathu, bazalwane, yenzani nangokwengeziwe konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngoba uma niqhubeka nenza lezi zinto anisoze nahluleka nanini. Kanjalo, niyophiwa ngokucebile ukungena embusweni waphakade weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:10, 11) Ngakho umKristu ngamunye ogcotshiwe akumelwe avumele lutho lumyekise ukukhonza uJehova. Nakuba emenyiwe noma ebiziwe ukuba aye ezulwini, uma engahlali ethembekile, ngeke awuthole umvuzo wakhe.Hebheru 3:1; IsAmbulo 2:10.

UMUNTU WAZI KANJANI?

8, 9. (a) Kungani kunzima kubantu abaningi ukuqonda ukuthi kwenzekani lapho umuntu egcotshwa? (b) Umuntu wazi kanjani ukuthi umenyiwe ukuba aye ezulwini?

8 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi namuhla zingakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kwenzekani kumuntu lapho uNkulunkulu emgcoba. Lokhu kuyaqondakala, ngoba zona ngokwazo zisuke zingagcotshiwe. UNkulunkulu wadala abantu ukuze baphile phakade emhlabeni, hhayi ezulwini. (Genesise 1:28; IHubo 37:29) Kodwa uJehova ukhethe abathile ukuba babe amakhosi nabapristi ezulwini. Ngakho lapho ebagcoba, amathemba abo nendlela abacabanga ngayo kuyashintsha, okwenza balangazelele ukuyophila ezulwini.Funda eyabase-Efesu 1:18.

9 Kodwa umuntu wazi kanjani ukuthi umenyiwe ukuba aye ezulwini? Phawula lokho uPawulu akusho kubafowethu abagcotshiwe baseRoma, “ababizelwe ukuba babe ngabangcwele.” Wabatshela: “Anamukelanga umoya wobugqila obangela ukwesaba futhi, kodwa namukela umoya wokutholwa njengamadodana, umoya esikhamuluka ngawo sithi: ‘Abha, Baba!’ Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 1:7; 8:15, 16) Ngomoya wakhe ongcwele, uNkulunkulu ukwenza kumcacele umuntu ukuthi  umenyiwe ukuba ayobusa njengenkosi ezulwini noJesu.1 Thesalonika 2:12.

10. Eyoku-1 Johane 2:27 isho ukuthini lapho ithi umKristu ogcotshiwe akadingi muntu ukuba amfundise?

10 Labo abathola lesi simemo kuNkulunkulu abadingi muntu ukuba abatshele ukuthi bagcotshiwe. UJehova ubenza bazizwe beqiniseka. Umphostoli uJohane utshela amaKristu agcotshiwe: “Nina ninokugcotshwa okuvela kongcwele; nonke ninolwazi.” Ubuye athi: “Kepha nina, ukugcotshwa enakwamukela kuye kuhlala kini, futhi anidingi muntu ukuba anifundise; kodwa, njengoba ukugcotshwa okuvela kuye kunifundisa zonke izinto, futhi kuyiqiniso kungewona amanga, njengoba nje kunifundisile, hlalani nimunye naye.” (1 Johane 2:20, 27) AmaKristu agcotshiwe kudingeka afundiswe uJehova njengawo wonke umuntu. Kodwa awadingi muntu ukuba awaqinisekise ukuthi agcotshiwe. UJehova usebenzise amandla amakhulu kunawo wonke, umoya wakhe ongcwele, ukuze kuwacacele ngokugcwele ukuthi agcotshiwe!

“APHINDE AZALWE”

11, 12. Yini umKristu ogcotshiwe angase azibuze yona, kodwa yini angayingabazi neze?

11 Lapho amaKristu egcotshwa ngomoya ongcwele, ashintsha kakhulu. Empeleni, uJesu wathi “aphinde azalwe.” (Johane 3:3, 5) Wabe esechaza: “Ungamangali ngokuthi ngithe, kumelwe niphinde nizalwe. Umoya uvunguza lapho uthanda khona, uwuzwe nomsindo wawo, kodwa awazi ukuthi uvelaphi nokuthi uyaphi. Kunjalo nangawo wonke umuntu ozelwe ngumoya.” (Johane 3:7, 8) Ngokusobala, akunakwanzeka ukuchazela umuntu ongagcotshiwe ukuthi kunjani ukugcotshwa. [2]—Bheka umbhalo osekugcineni.

Umuntu ogcotshiwe akangabazi nhlobo ukuthi uJehova umkhethile

12 Umuntu ogcotshiwe angase azibuze, ‘Kungani uJehova ekhethe mina, akangakhetha omunye umuntu?’ Angase azibuze ngisho nokuthi uwufanelekela ngempela yini lo msebenzi. Kodwa akangabazi nhlobo ukuthi uJehova umkhethile. Kunalokho, ujabula kakhulu futhi uchichima ukubonga ngalesi sipho. Abagcotshiwe bazizwa ngendlela uPetru ayezizwa ngayo lapho ethi: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha ethembeni eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, efeni elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni. Ligcinelwe nina ezulwini.” (1 Petru 1:3, 4) Lapho abagcotshiwe befunda la mazwi, abathandabuzi ukuthi uYise usuke ekhuluma nabo uqobo.

13. Indlela umuntu acabanga ngayo ishintsha kanjani lapho egcotshwa ngomoya ongcwele, futhi yini ebangela lolu shintsho?

13 Ngaphambi kokuba uJehova ameme la maKristu ukuba aye ezulwini, ayenethemba lokuphila phakade emhlabeni. Ayelangazelela isikhathi lapho uJehova ezokwenza khona umhlaba ube yipharadesi futhi asuse bonke ububi. Kungenzeka ayezicabanga amukela amalungu emindeni yawo noma abangane ababeye  bafa. Futhi ayelangazelela ukwakha imizi nokuhlala kuyo noma ukutshala izihlahla nokudla izithelo zazo. (Isaya 65:21-23) Kungani aqala ukucabanga ngendlela ehlukile? Ingabe ashintsha ngoba ezizwa ecindezelekile noma ngoba ehlupheka kakhulu? Ingabe amane anquma ukuthi kuzoba yisicefe ukuphila phakade emhlabeni nokuthi ngeke ajabule ngokuba lapha? Noma ayefuna ukwazi ukuthi kunjani ukuphila ezulwini? Cha. Kunalokho, uNkulunkulu nguye owawanqumela. Lapho ewamema, wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze ashintshe indlela acabanga ngayo nomvuzo alangazelela ukuwothola.

14. Abagcotshiwe bazizwa kanjani ngokuphila kwabo kwala emhlabeni?

14 Ngakho, ingabe lokhu kusho ukuthi abagcotshiwe bafuna ukufa? UPawulu wachaza indlela abagcotshiwe abazizwa ngayo. Wafanisa umzimba wabo wenyama ‘netende’ futhi wathi: “Eqinisweni, thina esikuleli tende siyabubula, njengoba sisindwa; ngenxa yokuthi esikufunayo akukhona ukulikhumula, kodwa ukugqoka lelo elinye, ukuze lokho okufayo kugwinywe ukuphila.” (2 Korinte 5:4) La maKristu awafuni ukufa. Ayakujabulela ukuphila futhi afuna ukusebenzisa usuku ngalunye ekhonza uJehova ekanye nemindeni yawo nabangane. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi enzani, ayakukhumbula lokho uNkulunkulu awathembise kona ngekusasa.1 Korinte 15:53; 2 Petru 1:4; 1 Johane 3:2, 3; IsAmbulo 20:6.

INGABE UJEHOVA UKUMEMILE NAWE

15. Yini engebona ubufakazi bokuthi umuntu ugcotshwe ngomoya ongcwele?

15 Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ingabe uJehova ukumemile yini nawe ukuba uye ezulwini. Uma ucabanga ukuthi kungenzeka ukuthi ukumemile, cabanga ngale mibuzo ebalulekile: Ingabe unomuzwa wokuthi ushiseka ngokukhethekile emsebenzini wokushumayela? Ingabe ukujabulela ngempela ukutadisha iBhayibheli nokufunda ‘ngezinto ezijulile zikaNkulunkulu’? (1 Korinte 2:10) Ingabe ubona sengathi uJehova ukunike imiphumela emihle kakhulu emsebenzini wakho wokushumayela? Ingabe ufuna ukwenza lokho uJehova akufunayo ukwedlula noma yini enye? Unalo yini uthando olujulile ngabanye futhi uzizwa unesibopho esikhulu sokubasiza bakhonze uJehova? Ingabe bukhona ubufakazi obubonile bokuthi uJehova ukusize ngezindlela eziningi ezingokoqobo ekuphileni kwakho? Uma uphendula ngokuthi yebo kuyo yonke le mibuzo, ingabe lokho kusho ukuthi umenyiwe ukuba uye ezulwini? Cha, akusho lokho. Ngani? Ngoba zonke izinceku zikaNkulunkulu zingazizwa ngale ndlela, kungakhathaliseki ukuthi zigcotshiwe yini noma cha. Futhi ngomoya wakhe ongcwele, uJehova anganika noma iyiphi inceku yakhe amandla afanayo, kungakhathaliseki ukuthi umvuzo wayo uyoba yini. Eqinisweni, uma kuwukuthi uyazibuza ukuthi ingabe uzoya yini ezulwini, kusho ukuthi awumenyiwe. Labo abakhethwe uJehova abazibuzi ngalokhu! Bayazi!

16. Sazi kanjani ukuthi akubona bonke abathole umoya kaNkulunkulu abamenyelwe ukuya ezulwini?

16 EBhayibhelini, kunezibonelo eziningi zabathembekile abathola umoya  ongcwele kaJehova kodwa abangayanga ezulwini. Esinye isibonelo uJohane umBhapathizi. UJesu wathi akekho umuntu owayemkhulu kunoJohane, kodwa wabe esethi uJohane wayengeke abuse njengenkosi ezulwini. (Mathewu 11:10, 11) UDavide naye wayeqondiswa umoya ongcwele. (1 Samuweli 16:13) Umoya ongcwele wamsiza waqonda izinto ezijulile ngoJehova futhi wamqondisa nokuba alobe izingxenye ezithile zeBhayibheli. (Marku 12:36) Noma kunjalo, umphostoli uPetru wathi uDavide “akazange anyukele emazulwini.” (IzEnzo 2:34) UJehova wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze anike laba amandla okwenza izinto ezimangalisayo, kodwa akawusebenziselanga ukubamema ukuba bayophila ezulwini. Ingabe lokho kusho ukuthi babengathembekile ngokwanele noma babengakufanelekeli ukuyobusa ezulwini? Cha. Kumane nje kusho ukuthi uJehova uzobabuyisela ekuphileni ePharadesi emhlabeni.Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

17, 18. (a) Yimuphi umvuzo izinceku zikaNkulunkulu eziningi eziwulangazelelayo namuhla? (b) Yimiphi imibuzo esizoyiphendula esihlokweni esilandelayo?

17 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi namuhla ngeke ziye ezulwini. Njengo-Abrahama, uDavide, uJohane umBhapathizi nabanye besilisa nabesifazane abaningi bezikhathi zeBhayibheli, zilangazelela ukuphila emhlabeni lapho uhulumeni kaNkulunkulu uyobe uzibusa khona. (Hebheru 11:10) Kuzoba nabangu-144 000 abazobusa noJesu ezulwini. Kodwa iBhayibheli likhuluma ‘ngabaseleyo’ babagcotshiwe abasuke besesemhlabeni esikhathini sokuphela. (IsAmbulo 12:17) Ngakho iningi labangu-144 000 selafa futhi selisezulwini.

18 Kodwa uma umuntu ethi ugcotshiwe, kufanele basabele kanjani labo abanethemba lokuphila emhlabeni? Uma othile ebandleni lenu eqala ukudla isinkwa nokuphuza iwayini eSikhumbuzweni, kufanele umphathe kanjani? Futhi kuthiwani uma isibalo salabo abathi bagcotshiwe silokhu senyuka? Ingabe kufanele ukhathazeke yini ngalokho? Le mibuzo sizoyiphundula esihlokweni esilandelayo.

^ [1] (isigaba 4) UMkhosi WePhentekoste cishe wawugujwa ngesikhathi sonyaka esifanayo naleso uMose anikezwa ngaso uMthetho eSinayi. (Eksodusi 19:) Ngakho kungenzeka uMose waletha isizwe sakwa-Israyeli esivumelwaneni soMthetho ngosuku lonyaka olufanayo nalolo uJesu aletha ngalo abagcotshiwe esivumelwaneni esisha.

^ [2] (isigaba 11) Ukuze uthole incazelo ebanzi ngokuthi kusho ukuthini ukuphinde uzalwe, bheka INqabayokulinda, ka-April 1, 2009, amakhasi 3-11.