Kulokhu okulandelayo, yikuphi ocabanga ukuthi kunomthelela omkhulu enjabulweni yakho?

  • izimo zakho

  • ufuzo

  • indlela obheka ngayo izinto

ABANYE bangakhetha “izimo,” mhlawumbe bathi, “Bengingajabula . . .

  • “ukube nje benginemali eningi”

  • “ukube nje ngaba semshadweni ojabulisayo”

  • “ukube nje benginempilo engcono”

Kodwa iqiniso liwukuthi, indlela obheka ngayo izinto iyona enomthelela omkhulu kunezimo zakho nezakhi zofuzo uma kuziwa enjabulweni. Futhi lezo izindaba ezinhle. Kungani? Ngoba ngokungafani nezimo zakho noma izakhi zakho zofuzo—okuyizinto onegunya elincane noma ongenalo nhlobo igunya kuzo—ungakwazi ukulawula indlela obheka ngayo izinto.

“UMUTHI OMUHLE”

Isaga seBhayibheli sithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle, kodwa umoya omunyu womisa amathambo.” (IzAga 17:22) Ngamanye amazwi, indlela obheka ngayo izinto iyawenza umehluko! Ingakwenza ufinyelele umgomo othile noma uphonse ithawula, noma ikwenze ube umuntu ongcono ngemva kokubhekana nesenzakalo esibuhlungu noma yenze izinto zibe zimbi kakhulu.

Abanye bangase bawungabaze lowo mbono. Bangase bathi:

  • ‘Kungani kufanele ngiziduduze ngento engekho?’

  • ‘Isimo sami ngeke sishintshwe ukuthi ingakanani imicabango emihle enginayo.’

  • ‘Ngincamela ukubhekana namaqiniso kunokuphupha ngento engekho.’

Leyo micabango ingase izwakale inengqondo. Noma kunjalo, kunezinzuzo ukuba nombono ofanele ngezinto. Ngokwesibonelo, cabanga ngezimo ezilandelayo.

 U-Alex noBrian basebenza ngokuzikhandla emisebenzini yabo ehlukene. Ngemva kokuhlola umsebenzi wabo, umphathi wabo uphawula amaphutha amakhulu emisebenzini yabo.

  • U-Alex: “Ngichithe isikhathi namandla amaningi kulo msebenzi, kodwa akulungi! Angisoze ngaphumelela kulo msebenzi. Ngisho ngingasebenza kanzima kangakanani, akwenzeki ukuthi konke kuhambe kahle. Pho kungani kufanele ngizame?”

  • UBrian: “Umphathi wami uqokomise izinto azithandile emsebenzini wami, kodwa kunamaphutha amakhulu engiwenzile. Ngifunde izifundo ezibalulekile ezizongisiza ukuba ngenze kangcono esikhathini esizayo.”

UCABANGANI?

  • Ezinyangeni eziyisithupha kusukela manje, ubani oyoba isisebenzi esinekhono—u-Alex noma uBrian?

  • Ukube bewungumqashi, ubani phakathi kwalaba ababili, obungathambekela ekumqasheni?

  • Lapho ubhekana nezimo ezidumazayo, ubani phakathi kwalaba ababili owenza njengaye?

U-Andrea noBrittney baneziqubu zomzwangedwa. Ngamunye wabo, unendlela ehlukile yokubhekana nalesi simo.

  • U-Andrea ugxila kakhulu ekuzinakeni yena. Akafuni ukwenzela abanye izinto, ngaphandle uma bezomenzela okuthile kuqala. Uthi, ‘Kungani kufanele ngichithe isikhathi sami ngabantu abangangisizi ngalutho?’

  • UBrittney uyazikhandla ukuze abonise abanye umusa futhi abenzele izinto, kungakhathaliseki ukuthi babukeka bekwazisa lokho noma cha. Uphila ngalokho okubizwa ngokuthi uMthetho weGolide—ukuphatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo. (Luka 6:31) NgokukaBrittney, ukwenza okuhle kukodwa nje kunomvuzo, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayasabela kukho noma cha.

UCABANGANI?

  • Yimuphi phakathi kwalaba besifazane ababili ongathanda abe umngani wakho?

  • Ubani kubo obukeka aneliseke kakhudlwana ngobudlelwane anabo?

  • Uma uba neziqubu zomzwangedwa, ingabe indlela osabela ngayo ifana neka-Andrea noma nekaBrittney?

Mhlawumbe kunabantu obaziyo abafana noBrian noma uBrittney. Mhlawumbe kungenzeka ucabange ukuthi nawe ufana nabo. Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi nawe uyaqaphela ukuthi indlela obheka ngayo izinto ingawenza umehluko ekuphileni kwakho. Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma ufana kakhudlwana no-Alex noma u-Andrea? Cabangela izindlela ezintathu iBhayibheli elingakusiza ngazo ukuba ube nombono ofanele ngezingcindezi zokuphila.

 1 GWEMA IMICABANGO YOKUPHELELWA ITHEMBA

IBHAYIBHELI LITHI: ‘Uma uzibonisa udangele ngosuku losizi, amandla akho ayoba mancane.’—IzAga 24:10.

ELIKUCHAZAYO: Imicabango yokuphelelwa ithemba iyokuthena amandla owadingela ukuthuthukisa isimo sakho noma azokusiza ubhekane naso.

NGOKWESIBONELO: Eseyingane uJuliza wayengajabule neze. Ubaba wakhe wayeyisidakwa futhi umndeni wakubo umpofu. Babehambe behlala. Ekuqaleni, uJuliza wayengenalo ithemba ngobunzima ayebhekene nabo ekuphileni. Kodwa lokho kwashintsha. Yini eyamsiza? Uthi: “Ngisho nangaphambi kokuba abazali bami banqobe ubunzima ababebhekene nabo, iBhayibheli langisiza ngalungisa umbono wami ngezinto. Kuze kube namuhla, okuseBhayibhelini kuyangisiza ngingacindezelwa imicabango yokuphelelwa ithemba. Manje, uma abantu bebonisa izici engingazithandi, ngizama ukuqonda ukuthi kungani benza ngendlela abenza ngayo.”

Njengoba uJuliza azibonela, iBhayibheli liyincwadi yezimiso ezinengqondo. Iseluleko salo singakusiza ukuba ubhekane nezimo ezingezinhle. Ngokwesibonelo, eyabase-Efesu 4:23 ithi: “Kufanele [niqhubeke] nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu.”

Njengoba leli vesi libonisa, ungakwazi ukushintsha indlela obheka ngayo izinto. ‘Ungenziwa musha’ endleleni ocabanga ngayo. Nokho, ukwenza ushintsho olunjalo kudinga umzamo oqhubekayo. Kungakho leli vesi lithi kufanele ‘siqhubeke senziwe basha.’

2 GXILA KOKUHLE

IBHAYIBHELI LITHI: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.”—IzAga 15:15.

ELIKUCHAZAYO: Uma unombono ongemuhle ngayo yonke into, uyozizwa ‘uhluphekile’ futhi zonke izinsuku ziyoba “zimbi,” noma lusizi. Kodwa uma ugxila kokuhle, uyoba “nenhliziyo enhle” futhi uyozizwa ujabule. Isinqumo ngesakho.

NGOKWESIBONELO: Ngemva kokuhlinzwa kaningana ukuze akhishwe isimila ebuchosheni, uYanko wayenobuthaka emzimbeni obabuthinta indlela anyakaza futhi akhulume ngayo. Enomuzwa wokuthi lokhu kwakuzomvimba ekufinyeleleni imigomo yakhe, kwaphela iminyaka uYanko ekhungathekile. Kodwa lokho kwashintsha. Kanjani? Uthi, “Esikhundleni sokugxila ezintweni engilinganiselwe kuzo, ngafunda ukugcwalisa ingqondo yami ngezinto ezikhuthazayo.”

Enye indlela uYanko ayisebenzisayo, ukufunda izingxenye ezithile eBhayibhelini. Uthi, “Lokhu kugcina imicabango yami imihle. Angikayibekeli eceleni ngokuphelele imigomo yami yesikhathi eside, kodwa ngigxile emigomweni emifushane engingakwazi ukuyifinyelela manje. Lapho imicabango ekhungathekisayo ingena isinyelela engqondweni yami, ngikhumbula izizathu eziningi enginazo zokujabula.”

NjengoYanko, ungakwazi ukulwa nemicabango yokuphelelwa ithemba futhi ufake emihle esikhundleni sayo. Uma ubhekene nezimo ezingezinhle—mhlawumbe inkinga yempilo, njengoba kwakunjalo ngoYanko—zibuze: ‘Ingabe akukho ngempela okungasiza kulesi simo? Ingabe sengifike kwangqingetshe, noma ingabe simane nje siyisithiyo?’ Funda ukugwema imicabango engemihle ngokugxila ezintweni ezakhayo.

 3 YENZELA ABANYE IZINTO EZINHLE

IBHAYIBHELI LITHI: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

ELIKUCHAZAYO: Ukupha ngokungenabugovu kwenza ophayo aneliseke. Kungani? Ngoba sidalelwe ukwenza okungaphezu nje kokunakekela izidingo zethu. (Filipi 2:3, 4; 1 Johane 4:11) Ukunambitha injabulo yokupha, kungadlala indima enkulu ekusisizeni ukuba sibhekane nezimo ezingezinhle ekuphileni.

NGOKWESIBONELO: UJosué uhlushwa ukukhubazeka komgogodla okubizwa nge-spina bifida. Uhlale esezinhlungwini. Kodwa uJosué ujabulela ukuphila okunomvuzo ngokusiza abanye. Uthi, “Kunokuba ngithi, ‘Angikwazi ukwenza lokho,’ ngijabulela ukucabanga ngezindlela ezingokoqobo engingasiza ngazo abantu ngezidingo zabo zansuku-zonke. Ngithola izindlela zokwenzela abanye izinto, futhi lokhu kwenza ukuphila kwami kujabulise.”

ONGAKWENZA

Funa amathuba okubonisa ukuzidela. Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukulungiselela umakhelwane ogulayo ukudla? Bakhona asebekhulile obaziyo abadinga usizo ngemisebenzi yasekhaya?

Lungisa indlela obheka ngayo izinto ngendlela obuyokwenza ngayo ukube bewunakekela ingadi. Siphula ukhula olunoshevu oluwukuba nemicabango yokuphelelwa ithemba nengemihle. Tshala imbewu yethemba futhi uvundise ukuphila kwakho ngezenzo ezikhiqiza imizwelo emihle. Uyothola inala yesivuno esingokomzwelo, esiyokwenza ukuphila kwakho kube nemivuzo eyengeziwe. Futhi siyoqinisekisa ukuba yiqiniso kwala mazwi: isimo sengqondo siyawenza umehluko!

Ngenxa yempilo yabo, abanye abantu bafunda ukuthi cha kolunye uhlobo lokudla; ungenza okufanayo nasendleleni engeyinhle obheka ngayo izinto