Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  November 2015

 INGABE KWAKLANYWA?

Ikhono Lokubala Lezitshalo

Ikhono Lokubala Lezitshalo

IZITSHALO zisebenzisa inqubo eyinkimbinkimbi yokudonsa amandla elanga okuthiwa i-photosynthesis ukuze zikhiqize ukudla. Ucwaningo olwenziwe kwezinye izinhlobo zezitshalo lwembule ukuthi kunenye inqubo emangalisayo eziyenzayo—zibala izinga elifanele okumelwe zimunce ngalo ukudla ngobusuku.

Cabanga ngalokhu: Emini, izitshalo ziguqula isikhutha esisemoyeni sibe isitashi noshukela. Ebusuku, izinhlobo eziningi zazo zisebenzisa isitashi ezisigcine emini, kanjalo zigweme indlala futhi zilondoloze amandla azo okukhiqiza nokukhula. Ngaphezu kwalokho, lokhu zikwenza ngesivinini esifanele—azisheshi futhi azenzi kancane kakhulu—ukuze zibe sezisebenzise amaphesenti angaba ngu-95 entathakusa, okuyisikhathi eziqala ngaso ukwenza ukudla okwengeziwe.

Lokhu kwaziswa kwakusekelwe ocwaningweni olwenziwa esitshalweni sohlobo lwesinaphi esaziwa ngokuthi i-Arabidopsis thaliana. Abacwaningi bathole ukuthi lesi sitshalo ngobuhlakani sihlukanisa ukudla kwaso ngobude bobusuku, kungakhathaliseki ukuthi kusele amahora angu-8, angu-12, noma angu-16 ngaphambi kokusa. Ngokusobala, lesi sitshalo sihlukanisa isitashi esinaso ngobude besikhathi esisasele ngaphambi kokuba kuqale intathakusa, ngaleyo ndlela sibala isivinini esifanele okumelwe sisebenzise ngaso ukudla.

Izitshalo zazi kanjani ukuthi kusele isitashi esingakanani? Zisikala kanjani isikhathi? Iyiphi inqubo ezisiza zikwazi ukwenza izibalo? Ucwaningo olwengeziwe lungasiza kule mibuzo.

Ucabangani? Ingabe ikhono lokubala lezitshalo laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?