Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  April 2015

 AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela EHonduras

Ukuvakashela EHonduras

NGESPANISHI, elithi Honduras lisho “Ukujula,” okuyigama okungenzeka lasetshenziswa nguChristopher Columbus echaza amanzi asoGwini Lwe-Atlantic kuleli zwe. Abanye bathi iHonduras yalithola kanjalo leli gama.

Abantu baseHonduras bakwazisa kakhulu ukuba qotho nokubambisana emndenini. Ngokwesibonelo, izinqumo ezinkulu—njengeziphathelene nezindleko zasekhaya noma ukufundisa abantwana—zivame ukwenziwa yibo bobabili indoda nomkayo.

Iningi labantu baseHonduras lingama-mestizo, inhlanganisela yabantu baseYurophu nabomdabu. Bakhona nabomdabu abasasele abanye babo ababizwa ngamaChortí. Kanti abanye bomdabu baseHonduras, njengamaGarifuna okhokho babo babedabuka kwezinye izindawo.

Umculi ongumGarifuna ushaya isigubhu

AmaGarifuna ayinzalo yabase-Afrika namaNdiya angamaCarib ayehlala esiqhingini i-St. Vincent. Cishe  amaGarifuna afika ngonyaka ka-1797 e-Islas de la Bahía (eziqhingini zaseBay). Kamuva, ahlala oGwini lwe-Caribbean olusezwekazini eliseMelika Ephakathi. Kusukela lapho amaGarifuna agcina esesakazekela kuzo zonke izingxenye eziseNkabeni naseNyakatho yezwe laseMelika.

AmaGarifuna ayayithanda imidanso yaseshashalazini ehambisana nesigqi sezigubhu ezenziwe ngokhuni. Indlela yomdabu yokuphila kwawo ihlanganisa ukuvunula ngezimpahla ezigqamile, ukuxoxa izinganekwane nokudla okufana nokubizwa nge-ereba (ikhekhe elikhulu, eliyisicaba elenziwe ngezimpande zomdumbula).

Kunamabandla angaba ngu-400 oFakazi BakaJehova eHonduras. Imihlangano iqhutshwa ngeSpanishi nangesiGarifuna, ngoLimi Lwezandla LwaseHonduras, ngesiMiskito, ngesiNgisi, nangesiShayina okuthiwa isiMandarin.

Ikhekhe elikhulu, eliyisicaba, okuthiwa i-Ereba, elenziwe ngomdumbula