Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE KWAKLANYWA?

Umsebenzi Wamadevu Ekati

Umsebenzi Wamadevu Ekati

AMAKATI afuywayo avame ukuhamba ebusuku. Kubonakala sengathi amadevu awasiza ukuba ezwe izinto eziseduze nokuba abambe izilwane azizingelayo, ikakhulukazi uma sekuhwalele.

Cabanga ngalokhu: Amadevu ekati anamathele ezicutshini ezinezinzwa eziningi. Lezi zinzwa zizwela ngokushesha ngisho nasekushayweni umoya ongatheni. Ngenxa yalokho, amakati angezwa izinto eziseduze ngaphandle kokuba aze azibone—ngokungangabazeki, lokho kuyawasiza ebusuku.

Ngakho, njengoba amadevu ekati eshesha ukuzwela uma kunento eseduze, liwasebenzisela ukuthola ukuma nokunyakaza kwento noma kwesilwane elisizingelayo. Ikati, liphinde lisebenzise amadevu ukuze likale ukuvuleka kwento, ngaphambi kokuba lingene kuyo. I-Encyclopædia Britannica iyavuma ukuthi “umsebenzi wamadevu ekati awukaqondwa ngokuphelele; nokho, kuyaziwa ukuthi uma engasikwa, ikati lingakhubazeka okwesikhashana.”

Ososayensi baklama amarobhothi anemishini esebenza njengamadevu ekati ukuze ahambe ngaphandle kokushayiseka ezintweni. Le mishini ebizwa ngama-e-whiskers, “ingasetshenziswa kabanzi emkhakheni wezamarobhothi, emishinini yobuchwepheshe esetshenziswa abantu, nasemikhakheni yesayensi yezinto eziphilayo,” kusho u-Ali Javey ongusosayensi eNyuvesi yaseCalifornia, eBerkeley.

Ucabangani? Ingabe indlela amadevu ekati asebenza ngayo yaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe yaklanywa?