Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  February 2015

Ukuhlakanipha Okuyisivikelo

Ukuhlakanipha Okuyisivikelo

‘Isihlengo somphefumulo womuntu yingcebo yakhe, kodwa abampofu abasongelwa nokusongelwa.’IZAGA 13:8.

NAKUBA ukuceba kungase kube nezinzuzo ezithile, ingcebo ingaletha izinkinga ikakhulukazi kulezi zikhathi zethu ezibucayi. (2 Thimothewu 3:1-5) Kwezinye izindawo, izicebi kuhlanganise nezivakashi ezibuka amazwe ezibonakala zicebile, baye baba izisulu zamasela nabathumbi abazifunela imali.

Ngokuphathelene nelinye izwe elisathuthuka, izindaba zabika ukuthi: “Ukubanjwa inkunzi ngobudlova, ukukhwabanisa nokuthunjwa kuye kwenza abacebile nabampofu baba izitha. Izitolo zokudlela zinonogada abahlomile; imizi yabadla izambane likapondo ibiyelwe ngothango olunezingcingo ezihlabayo, inamalambu kagesi akhanya kakhulu, amakhamera kanye nonogada.” Maningi namanye amazwe anesimo esifanayo.

Nokho, iBhayibheli lithi, ‘abampofu abasongelwa nokusongelwa.’ Ungazuza kanjani kulokho kuhlakanipha okuyigugu? Uma uhlala endaweni eyaziwa ngobugebengu nobudlova noma uma kufanele uye endaweni enjalo, ungalokothi uzidonsele amehlo abantu ngokuzenza ubonakale ucebile. Cabanga kahle ngalokho okugqokayo nokuphathayo, ikakhulukazi uma izinto onazo zingase zidonse amehlo. IzAga 22:3 zithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”

Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kubonisa ukuthi uMdali wethu usikhathalela kangakanani. Ufuna siphephe. UmShumayeli 7:12 uthi lokho “kuhlakanipha kuyisivikelo” ngoba “kuyabalonda abaninikho.