UProfesa uStephen Taylor uyafundisa futhi enze nocwaningo e-University of Technology eSydney, e-Australia. Ucwaninga ngezimakethe zezimali nezindlela zokuzilawula ngokuphumelelayo. I-Phaphama! yambuza ngokuthi ucwaningo lwakhe luzithonye kanjani izinkolelo zakhe.

Ake usitshele ngemvelaphi yakho.

Ngakhuliswa abazali abasontayo ababeqotho futhi besebenza kanzima. Bangikhuthaza ukuba ngithole imfundo enhle, ngakho ngafunda ngezohwebo eNyuvesi yaseNew South Wales. Ngathola ukuthi ngiyakuthanda ukucwaninga, ngakho nganquma ukugxila emkhakheni wokufundisa.

Yimuphi umkhakha wokucwaninga owagxila kuwo?

Ngangifuna ngokukhethekile ukuqonda indlela izimakethe zamasheya ezisebenza ngayo. Izimakethe zamasheya zivumela abantu ukuba bakwazi ukuthenga nokudayisa amasheya ezinkampanini, ezibe sezisebenzisa leyo mali ukuze ziqhube amabhizinisi azo. Phakathi kokunye, ngicwaninga ngezinto eziba nomthelela ekutheni amasheya enkampani abiza kangakanani.

Ungasinikeza yini isibonelo?

Izinkampani kulindeleke ukuba ziyibike njalo inzuzo eziyenzayo. Abatshali-zimali bahlola lo mbiko lapho bezama ukuqonda isimo sezimali senkampani ethile. Kodwa ezinye izindlela ezisetshenziswayo ukubika inzuzo akunamthetho oziqondisayo. Abahlaziyi bangase babheke lokhu njengentuba evumela izinkampani ukuba zifihle imali ezinayo nenzuzo eziyenzayo. Abatshali-zimali bangaluthola kanjani ulwazi olunembile noluphelele? Yimaphi amaqiniso izishaya-mthetho okudingeka zibe nawo ukuze ziqiniseke ukuthi izimakethe zezimali zisebenza ngobulungisa? Okwamanje, mina nozakwethu sizama ukuthola izimpendulo zaleyo mibuzo.

 Wakhulela kuyiphi inkolo?

Ngangivame ukuya eSontweni laseHabe kanye nabazali bami, kodwa ngayeka ukusonta lapho sengisesigabeni sobusha. Ngangikholelwa kuMdali futhi ngilihlonipha iBhayibheli, kodwa nganginomuzwa wokuthi inkolo yayingenakukwazi ukuxazulula izinkinga zokuphila. Kimi, amaqembu enkolo ayezifanela nje namaqembu kaqedisizungu. Ngesikhathi ngiseYurophu, ngavakashela amaSonto ambalwa amakhulu futhi ngangizibuza ukuthi kungani enengcebo engaka kuyilapho umhlaba ugcwele ubumpofu. Ngakuthola kunzima ukukwamukela lokhu futhi ngaqala ukungayinambithisisi inkolo.

Yini eyashintsha umbono wakho?

Umkami, uJennifer, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova nokuya emihlanganweni yabo, ngakho ngabona kungcono ukuthi nami ngihambe naye futhi ngibone ukuthi kwenzekani. Ngokushesha ngathola ukuthi ngangingazi lutho ngeBhayibheli. Ngashaqeka ngalokho! Ngakho ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi.

Indlela yoFakazi yokutadisha yangihlaba umxhwele kakhulu. Baphakamisa imibuzo, baqoqe ubufakazi bese bebuhlaziya, ngemva kwalokho bafinyelele iziphetho ezinengqondo—izindlela engangizisebenzisa nami ocwaningweni lwami lwezemfundo! Ngo-1999, ngemva kweminyaka embalwa uJennifer ebhapathiziwe, nami ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

Ingabe ulwazi lwakho kwezomnotho luye lwakuqinisa ukulethemba kwakho iBhayibheli?

Yebo kunjalo. Ngokwesibonelo, uMthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli asendulo wawusingatha izinkinga zomnotho ezisekhona nanamuhla. UMthetho wawuthi ama-Israyeli kufanele ashiyele abampofu ingxenye ethile yesivuno (okuwuhlobo oluthile lwentela nomshwalense), aboleke abampofu ngaphandle kwenzalo (isiqinisekiso sokuthola into ngesikweletu) nokuba abuyisele indawo eyifa kubanikazi bayo njalo emva kweminyaka engu-50 (ukuvikelwa kwamalungelo omhlaba). (Levitikusi 19:9, 10; 25:10, 35-37; Duteronomi 24:19-21) Lokhu kanye namanye amalungiselelo ezomnotho kwasiza abantu ngezindlela ezintathu ezibalulekile: (1) Ayebasekela lapho benezinkinga zomnotho, (2) ayebasiza basimame ngemva kokuntula isikhathi eside, (3) avala negebe phakathi kwabampofu nabacebile—futhi konke lokhu kwenzeka eminyakeni engaphezu kuka-3 000 ngaphambi kokusungulwa kwesayensi yezomnotho!

IBhayibheli libuye liqokomise izimo zengqondo nokuziphatha okuthuthukisa ukulondeka kwezomnotho. Ngokwesibonelo, lifundisa abantu ukuba babe qotho, bathembeke, bazwelane nabanye futhi baphane. (Duteronomi 15:7-11; 25:15; IHubo 15) Ngokuthakazelisayo, ngemva kokuwohloka komnotho komhlaba wonke muva nje, ezinye izikole ezifundisa ngezamabhizinisi nezinhlangano zezohwebo zaqala ukukhuthaza abasebenza ngezamabhizinisi nezezimali ukuba bazimisele ukubambelela ezimisweni ezithile zokuziphatha. Ngokombono wami, izimiso zeBhayibheli zokuziphatha zizedlula kude izimiso zezamabhizinisi.

Ukholo lwakho lukuthonye kanjani ukuphila kwakho?

Ukutadisha iBhayibheli kwaba “ukubekela ikusasa” okungcono kakhulu kwengake ngakwenza

UJennifer ungitshela ukuthi sengicabangela kakhudlwana manje! Esikhathini esidlule, ngangithambekele ekufuneni ukuba izinto zingabi nasici futhi ngangingakwazi ukuzivumelanisa nezimo. Mhlawumbe yingakho ngangiphumelela kangaka ezindabeni zezimali! Ukuphila ngezimiso zeBhayibheli kungisize ngempela ukuba ngilinganisele kakhudlwana. Manje sengijabule kakhudlwana futhi nomndeni wami uyajabula. Sijabulela nokuhlanganyela nabanye ukuhlakanipha kweBhayibheli okusebenzisekayo. Ukutadisha iBhayibheli kwaba “ukubekela ikusasa” okungcono kakhulu kwengake ngakwenza.