Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  September 2014

 INGABE ZAKLANYWA?

Izinzwa Zentethe Ezisabela Ngokushesha

Izinzwa Zentethe Ezisabela Ngokushesha

IZINTETHE zifuduka njengesikhonyane “esibalelwa ezigidini ezingu-80 ikhilomitha-skwele ngalinye.” Noma kunjalo, azishayisani. Zenza ngani?

Cabanga ngalokhu: Ngemva kweso ngalinye lentethe kunenzwa esabela ngokushesha uma kunento enyakazayo okuthiwa yi-lobula giant movement detector (LGMD). Lapho kubonakala sengathi izintethe zizoshayisana nakanjani, lezi zinzwa zithumela imiyalezo ezimpikweni nasemilenzeni, okwenza intethe ithathe isinyathelo esisheshayo. Empeleni, indlela eshesha ngayo iphindwe izikhathi ezinhlanu uma iqhathaniswa nokucwayiza kweso.

Bekhuthazwa indlela amehlo nezinzwa zentethe okusebenza ngayo, ososayensi baye basungula isimiso se-computer esenza irobhothi elihambayo likwazi ukubona nokugwema izinto ebelizoshayisana nazo, ngaphandle kokusebenzisa izinto zokuzwa eziyinkimbinkimbi ezisebenzisa amaza omsindo namaza e-infrared. Abacwaningi basebenzisa lobu buchwepheshe ezimotweni, okuzenza zibe nesimiso sokuxwayisa esisheshayo nesinembile esinganciphisa ukushayisana kwezimoto. Uprofesa uShigang Yue waseNyuvesi yaseLincoln e-United Kingdom, uthi, “Kuningi esingakufunda esinambuzaneni esivamile njengentethe.”

Ucabangani? Ingabe izinzwa zentethe ezisabela ngokushesha zaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe zaklanywa?