Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  Meyi 2014

Ukuhlakanipha Kuyamemeza—Ingabe Uyakuzwa?

Ukuhlakanipha Kuyamemeza—Ingabe Uyakuzwa?

“Ukuhlakanipha akuqhubeki yini kumemeza, nokuqonda akuqhubeki yini kuzwakalisa izwi lako? Kumi esiqongweni sezindawo eziphakeme, ngasendleleni, empambanweni yemigwaqo. Kuqhubeka kumemeza kakhulu. . . . ekungeneni kweminyango.”IZAGA 8:1-3.

UKUHLAKANIPHA kuyigugu kakhulu. Ngaphandle kwako, besiyokwenza amaphutha njalo nje. Kodwa ukuhlakanipha kwangempela kungatholakalaphi? Umlobi wencwadi yezAga wayecabanga ngokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa koMdali wethu. Ngaphezu kwalokho, cishe sonke isintu singakuthola ukuhlakanipha kwaKhe ngosizo lwencwadi ekhetheke kakhulu, iBhayibheli. Cabanga ngalokhu okulandelayo:

  • I-World Book Encyclopedia ithi: “IBhayibheli liyincwadi esakazwe kakhulu kunazo zonke emlandweni. Liye lahunyushwa ngokuphindaphindiwe futhi nangezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi.” Manje, iBhayibheli litholakala liphelele noma liyingxenye ngezilimi ezingaba ngu-2 600, okulenza litholakale kubantu abangaphezu kwamaphesenti angu-90 esintwini sisonke.

  • Ukuhlakanipha “kuqhubeka kumemeza” nangendlela engokoqobo ngokwengeziwe. KuMathewu 24:14 siyafunda: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela [kwezwe elikhona manje] kuyofika.”

Lezo “zindaba ezinhle” ziwukuhlakanipha kwangempela ngoba zibhekisela kokuyilona khambi likaNkulunkulu elihlakaniphile lezinkinga zesintu—uMbuso waKhe. Lowo Mbuso uwuhulumeni kaNkulunkulu ozobusa phezu kwawo wonke umhlaba—izwe elilodwa ngaphansi kukahulumeni owodwa. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Yingakho uJesu athandaza wathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”Mathewu 6:9, 10.

OFakazi BakaJehova bakubheka njengelungelo ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu emazweni angu-239! Yebo, ukuhlakanipha—ukuhlakanipha kukaNkulunkulu—ngempela “kuyamemeza” ngisho “nasekungeneni kweminyango.” Ingabe uyakuzwa?