Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  January 2014

 INGXOXO NOTHILE | UFENG-LING YANG

Isazi Sezinto Ezincane Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Isazi Sezinto Ezincane Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

UFeng-Ling Yang ungumsizi ongumakadebona kwezokucwaninga esikhungweni esiyinhloko sokucwaninga eTaipei, eTaiwan. Umsebenzi wakhe uye wanyatheliswa emaphephabhukwini esayensi. Wayekholelwa emfundisweni yokuziphendukela kwemvelo. Kodwa kamuva wawushintsha umbono wakhe. I-Phaphama! yambuza ngesayensi nangokholo lwakhe.

Ake usitshele ngendlela owakhula ngayo.

Abazali bami babempofu kakhulu, futhi umama wayengafundile. Sasifuye izingulube, silima nemifino endaweni ethandwa yizikhukhula eseduze nedolobha laseTaipei. Abazali bami bangifundisa ukubaluleka kokusebenza kanzima kanye nokusiza abanye abantu.

Nanisonta yini kini?

Umndeni wakithi wawusenkolweni yobuTao. Sasenza imihlatshelo “kuNkulunkulu waseZulwini,” kodwa sasingazi lutho ngaye. Ngangivame ukuzibuza ukuthi: ‘Kungani abantu behlupheka? Kungani abantu bengogombela kwesabo?’ Ngafunda izincwadi ezaziphathelene nobuTao nobuBuddha nezikhuluma ngomlando waseMpumalanga nowaseNyakatho. Ngaze ngavakashela ngisho nasemasontweni ambalwa. Kodwa angizange ngizithole izimpendulo zemibuzo yami.

Kungani wafunda isayensi?

Ngangizithanda izibalo kanti yayingihlaba umxhwele nemithetho yemvelo neyamakhemikhali elawula ukwakheka kwezinto. Yonke into, kusukela endaweni yonke edaliwe kuya ezintweni ezincane kakhulu, inomklamo olawulwa yimithetho ethile. Ngangifuna ukuqonda leyo mithetho.

Yini eyakwenza wakholelwa ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo iyiqiniso?

Yilokho kuphela engangikufundisiwe. Kusukela ngiqala esikoleni samabanga aphakeme kwaze kwaba senyuvesi, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo kwakuyiyona ncazelo kuphela engangiyinikezwa. Ngenxa yokuthi ngangicwaninga ngesayensi yezinto eziphilayo, kwalindeleka ukuba ngiyamukele le nkolelo.

Ngenxa yokuthi ngangicwaninga ngesayensi yezinto eziphilayo, kwalindeleka ukuba ngamukele inkolelo yokuziphendukela kwemvelo

Yini eyakwenza waqala ukufunda iBhayibheli?

Ngo-1996 ngahamba ngayohlala eJalimane ukuze ngifunde ngigogode  njengoba ngase nginazo kakade iziqu eziphakeme. Ngonyaka olandelayo ngahlangana nowesifazane okuthiwa uSimone. WayenguFakazi KaJehova futhi wacela ukungibonisa izimpendulo zemibuzo yami eBhayibhelini. Lapho engitshela ukuthi iBhayibheli lichaza injongo yokuphila, ngakhexa. Ngaqala ukuvuka njalo ekuseni uma kugamanxa ihora lesine ukuze ngifunde iBhayibheli ihora elilodwa. Ngemva kwalokho ngangibe sengihambahamba ngaphandle ukuze ngizindle. Ngonyaka owalandela, ngalifunda ngaliqeda lonke iBhayibheli. Kwangihlaba umxhwele ukunemba kweziprofetho zalo. Ngaya ngokuya ngikholelwa ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu.

Wawucabangani ngemvelaphi yezinto eziphilayo?

Ngingathi, kwathi lapho ngiqala ukucabangisisa ngale ndaba ekupheleni kwawo-1990, izazi zesayensi yamangqamuzana zase ziqala ukuqaphela ukuthi ukwakheka kwezinto eziphilayo kuyinkimbinkimbi kakhulu kunalokho okwakucatshangwa ngaphambili. Yiqiniso ukuthi kwase kukudala ososayensi bazi ukuthi amaprotheni atholakala emangqamuzaneni aphilayo ayizinhlayiyana zamakhemikhali eziyinkimbinkimbi kakhulu kwezikhona emhlabeni. Kodwa manje base bethola ukuthi konke ukwakheka kwamaprotheni kuhlelwe kanjani ukuze kwakhe imishini ewubunyoninco enezakhi ezinyakazayo. Lo mshini oyingqamuzana ungaba namaprotheni angaphezu kuka-50. Ngisho nengqamuzana elingeyona inkimbinkimbi kangako lidinga imishini ehlukahlukene—ngokwesibonelo, ukuze lenze umzimba ube namandla, likhiqize amanye amangqamuzana futhi lilawule okungenayo nokuphumayo engqamuzaneni.

Wafinyelela siphi isiphetho?

Ngazibuza, ‘Kwenzeka kanjani ukuba le mishini engamaprotheni iklameke ngendlela ewubuchule kanje?’ Ngaleso sikhathi, ukuba yinkimbinkimbi kokwakheka kwengqamuzana okwakusamangaza abaningi kwenza ososayensi abaningi bazibuza umbuzo ofanayo. Uprofesa wesayensi yamakhemikhali wase-United States wabhala incwadi eqokomisa ukuthi izakhi eziyizinhlayiyana ezisemangqamuzaneni aphilayo ziyinkimbinkimbi kakhulu kangangokuba akunakwenzeka ukuthi zazivelela. Ngavumelana naye. Ngaba nomuzwa wokuthi ukuphila kumelwe ukuba kwadalwa.

Ngazibuza, ‘Kwenzeka kanjani ukuba le mishini engamaprotheni iklameke ngendlela ewubuchule kanje?’

Yini eyakwenza wanquma ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova?

Kwangihlaba umxhwele ukuthi nakuba uSimone ayenezinkinga zempilo, wayehamba amakhilomitha angaba ngu-56 isonto ngalinye ezongifundisa iBhayibheli. Ngezwa nokuthi ngesikhathi sokubusa kwamaNazi eJalimane, abanye oFakazi bavalelwa emakamu okuhlushwa ngenxa yokungathathi hlangothi kwabo kwezombusazwe. Okwangihlaba umxhwele kakhulu isibindi sabo. Uthando loFakazi ngoNkulunkulu lwangenza ngafuna ukufana nabo.

Kuye kwakuzuzisa yini ukukholelwa kuNkulunkulu?

Engisebenza nabo bathi manje sengingumuntu ojabulile. Ngangizenyeza ngokukhulela emphakathini ontulayo, ngakho angikaze ngitshele muntu ukuthi ngakhulela kuphi futhi angikaze ngikhulume ngabazali bami. Kodwa ngafunda eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uvela kusiphi isigaba sezenhlalo. Eqinisweni, uJesu wakhulela emndenini okungenzeka wawumpofu ngendlela efanayo nowakithi. Manje sengiyabanakekela abazali bami futhi ngiyakujabulela ukubethula kubangane bami.