ISILWANYANA esihlala olwandle endaweni engajulile sinohlobo lomzimba oluqinile nolumangalisayo engxenyeni engaphezulu. Le ngxenye engaphezulu igcwele ama-lens amancanyana enza umzimba oqinile walesi silwane ube yiso elibona nxazonke.

Amaqhutshana angenambala asemzimbeni asebenza njengama-lens amancanyana ezinga eliphakeme

Cabanga ngalokhu: Lapho ososayensi behlola umzimba we-brittle star, babona “umklamo ongavamile wamaqhutshana athothene, angenambala, ngalinye lawo lilincane kunonwele lomuntu,” kusho umagazini i-Natural History. La maqhutshana angenambala, ayi-calcium carbonate, kwatholakala ukuthi angama-lens amancanyana ezinga eliphakeme angenisa ukukhanya kulokho okubonakala kuyizinzwa zokubona. Ngaphezu kwalokho, la ma-lens akheke ngendlela ewenza akwazi ukuveza isithombe esifanele.

Ngokusho komthaki wemithi uJoanna Aizenberg, umzimba we-brittle star oqinile nonenjongo ekabili, “ubonisa isimiso esibalulekile: ezintweni eziphilayo, izinto zivamile ukufeza imisebenzi ehlukahlukene.”

Bebheka indlela i-brittle star eyakheke ngayo, abacwaningi baye basungula indlela elula nengabizi kakhulu yokwakha ama-lens amaningi asebenza kanyekanye enziwe nge-calcium carbonate. La ma-lens angasetshenziswa ezintweni eziningi ezihlanganisa ezokuxhumana, lapho esetshenziselwa khona ukudlulisela ukwaziswa ngezintambo.

Ucabangani? Ingabe umzimba “oyiso” we-brittle star waba khona ngokuziphendukela kwemvelo noma ingabe waklanywa?