UBrett Schenck, osethathe umhlalaphansi, wayengu-meluleki ngezinto zemvelo e-United States. Wayecwaninga ngobudlelwane obukhona phakathi kwezitshalo, izilwane nendawo eziphila kuyo. Kungani ekholelwa kuMdali? I-Phaphama! yambuza ngesayensi nokholo lwakhe.

Wakhula kanjani?

Ubaba wayengunjiniyela wemishini. Wayehlale ekhuluma nami ngendlela evusa ugqozi ngezibalo nangesayensi. Lapho ngisewumfana, zazingihlaba umxhwele izitshalo nezilwane ezisemifudlaneni nasemachibini aseduze kwasekhaya eNew Paris, e-Ohio, e-U.S.A. Ngakho lapho ngiya eYunivesithi yasePurdue, ngakhetha ukufunda ngemvelo.

Ingabe wawuyithanda inkolo?

Yebo, ngangiyithanda. Ubaba wangikhuthaza ukuba ngifunde ngenkolo yethu yaseLuthela. Ngafunda ulimi lwesiKoine, okuyisiGreki (esivamile), okungolunye lwezilimi okwakubhalwe ngazo iBhayibheli ekuqaleni. Ngaqala ukulihlonipha ngokujulile iBhayibheli.

Wawuyibheka kanjani imfundiso yokuziphendukela kwemvelo?

Isonto lami laliyamukela. Engangisebenza nabo beyikholelwa. Ngakho angikaze ngiyingabaze. Kodwa futhi ngangikholelwa kuNkulunkulu. Nganginombono ofiphele wokuthi lezi zinkolelo ezimbili ziyahambisana. Nakuba ngangilihlonipha iBhayibheli, ngangingacabangi ukuthi livela kuNkulunkulu.

Yini eyashintsha umbono wakho ngeBhayibheli?

Mina nomkami uDebbie, savakashelwa oFakazi BakaJehova ababili, uSteve noSandy. Basibonisa ukuthi nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, kodwa linembile lapho likhuluma ngesayensi. Ngokwesibonelo, lithi ngoNkulunkulu: “Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwesiyingi somhlaba.” (Isaya 40:22) Liphinde lithi: ‘Ulengisa umhlaba phezu kweze.’ (Jobe 26:7) Ngaleso sikhathi, ngangisebenzisa izithombe ezithwetshulwe ngesiphuphutheki ukuze ngicwaninge ngesimiso semvelo, ngakho le miBhalo yangihlaba umxhwele. Yalotshwa kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba kube khona owathwebula izithombe  zesiyingi somhlaba esilenga ezeni. Njengoba mina nomkami sasifunda iBhayibheli noSteve noSandy, ngafunda ngeziprofetho ezase zigcwalisekile, iseluleko esiwusizo nezincazelo ezangigculisa. Kancane kancane, ngaqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.

Wawushintsha nini umbono wakho ngemvelaphi yokuphila?

Ngelinye ilanga, uSteve wangibonisa amazwi eBhayibheli acacile: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi.” (Genesise 2:7) Umuntu wokuqala unomlando wokuphila olotshiwe. Lokhu kwaphakamisa umbuzo: Ingabe iBhayibheli liyavumelana namaqiniso esayensi? USteve wangikhuthaza ukuba ngicwaninge ngalokhu, ngakho ngenza kanjalo.

Yini owayithola ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo?

Kuningi. Okunye kwako, ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo izama ukuchaza imvelaphi yezinto eziphilayo. Izinto eziphilayo zinezitho ezisebenza kahle, njengenhliziyo, amaphaphu namehlo. Kanti, nasezintweni ezincane kakhulu, sibona ‘imishini’ eklanywe ngendlela emangalisayo phakathi emangqamuzaneni. Ivelaphi leyo miklamo? Izazi zokuziphendukela kwemvelo zithi imiklamo emihle iyazenzekela ngenxa yokuthi izinto eziphilayo ezinayo ziphila kangcono kuleyo ndawo. Kodwa lowo mbono awuwuphenduli umbuzo othi: Ivelaphi le miklamo? Ngathola ukuthi ososayensi abaningi abakholelwa ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo iyawuphendula lowo mbuzo. Uprofesa wesayensi yokucwaninga ngezilwane wavuma kimi ngasese ukuthi ayikho imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ayikholelwayo. Kodwa, akazange ayiveze obala imibono yakhe ngoba wayesaba ukulahlekelwa umsebenzi.

Ingabe ulwazi lwakho ngemvelo luyaluqinisa ukholo lwakho?

Yebo, luyaluqinisa. Umsebenzi wami wawuhilela ukucwaninga ngendlela izinto eziphilayo ezincike ngayo kwezinye. Emhlabeni, zonke izinto eziphilayo zincike kwenye into ukuze ziphile. Ngokwesibonelo, cabanga ngezimbali nezinyosi. Umbala, iphunga, umpe nendlela izimbali ezibukeka ngayo, kuklanywe ngendlela ekhanga izinyosi nokuba impova inamathele kuzo. Izinyosi zidalelwe ukumunca umpe futhi zithwale impova ziyisusa kwenye imbali ziyiyise kwesinye isitshalo ukuze sithele. Kusobala ukuthi izimbali nezinyosi zidalwe ngendlela yokuba zisekelane.

‘Indlela izinto eziphilayo ezikwazi ngayo ukuzivuselela emhlabeni ingenza ngiqiniseke ukuthi ukuphila kwadalwa uNkulunkulu’

Emvelweni, sibubona ngezinga elikhulu kakhulu ubudlelwane obuphakathi kwezinto eziphilayo. Imvelo yakhiwa cishe izinkulungwane zezinhlobonhlobo zezilwane, izitshalo, amagciwane nesikhunta. Zonke izilwane zincike ezitshalweni ukuze zithole ukudla nomoya-mpilo, kanti nezitshalo eziningi ezinezimbali zincike ezilwaneni. Nakuba izimiso zemvelo ziyinkimbinkimbi kakhulu futhi izinto eziphilayo ezitholakala kuzo zintekenteke, zingakwazi ukuqhubeka ziphila izinkulungwane zeminyaka. Ngisho nangemva kokulinyazwa ukungcola, lapho kungasekho lokho kungcola, lesi simiso semvelo esiyinkimbinkimbi sivuseleleka ngokushesha. Lapho ngicabanga ngendlela isimiso sezinto eziphilayo esikwazi ukuzivuselela ngayo emhlabeni, ngiyaqiniseka ukuthi ukuphila kwadalwa uNkulunkulu.

Kungani waba omunye woFakazi BakaJehova?

Ngangikhathazeke kakhulu ngendlela abantu abayonakalisa ngayo imvelo. Ngangazi ukuthi nakuba isimiso semvelo sikwazi ukuzivuselela, lokho akusho ukuthi asicekeleki phansi. Ngathola koFakazi BakaJehova ukuthi ngokwemiBhalo, uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Lawo mazwi asho lukhulu kimi. Njengoba ngangiqhubeka ngitadisha iBhayibheli, kancane kancane ngaqaphela ukuthi ithemba esilinikwa iBhayibheli liqinisekile.

Ngiyakuthanda ukuxoxa nabanye ngezinkolelo zami, futhi kunososayensi abathile esengiye ngabafundela iBhayibheli. Ngasheshe ngathatha umhlalaphansi ngineminyaka engu-55 ukuze ngichithe isikhathi esiningi ngisiza abantu baqonde uMdali wokuphila nenjongo yakhe ngomhlaba wethu omangalisayo.