Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

I-Gulf Of Mexico

Ngemva kwenhlekelele eyenzeka ngo-April 2010 esikhungweni sokumba uwoyela, kwacishe kwaphela izinyanga ezintathu amathantala kawoyela negesi kuchithekela olwandle. Ucwaningo olwenziwa iqembu elithile labacwaningi lwembula ukuthi ngemva kwezinyanga ezimbili nesigamu lokhu kwenzekile, amanye ala makhemikhali ayengasekho—baphetha ngokuthi ayedliwe amagciwane adla i-methane. Nokho, ezinye izazi ziyaphika. Zikholelwa ukuthi uwoyela omningi uye wazika olwandle.

ERussia

Ngokwenhlolo-vo ethile, amaphesenti angu-59 abantu baseRussia abaneminyaka engu-18 kuya kwengu-35 akholelwa ukuthi “ukuze uphumelele ekuphileni, ngezinye izikhathi kudingeka uzephule izimiso nezindinganiso zokuziphatha,” kubika iphephandaba i-Rossiiskaya Gazeta.

EPeru

Ezinye zezikhwebu zombila ezindala kakhulu ezike zatholakala (njengalesi esiboniswe ngenhla) zibonisa ukuthi izakhamuzi zasenyakatho yePeru zazenza ama-popcorn nofulawa wombila cishe eminyakeni engu-3 000 edlule.

E-Italy

Umbhishobhi wamaKatolika wase-Adria-Rovigo, uLucio Soravito De Franceschi, ukholelwa ukuthi isigijimi senkolo kufanele siyiswe “ngokoqobo kubantu” lapho behlala khona. Uthi, “Indlela esifeza ngayo umsebenzi wethu wobufundisi kufanele ingabe isaba ukushaya izinsimbi emasontweni kodwa ibe ukungqongqoza emizini yabantu.”

ENingizimu Afrika

Lapho ludayiswa ngokungemthetho uphondo lukabhejane ukuze kwenziwe ngalo imithi yokwelapha, seluye lwenyuka lwaba amaRandi angu-540 000 ikhilogremu. Ngo-2011, eNingizimu Afrika kuphela, abazingeli abazingela ngokungemthetho babulala obhejane abangu-448. EYurophu izigelekeqe ziye zagqekeza emiNyuziyamu nasezindaweni zendali zifuna lezi zimpondo. Ngisho nobhejane abasema-zoo eYurophu babonakala besengozini.