Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  Novemba 2012

Khuluma Kahle Nezingane Zakho

Khuluma Kahle Nezingane Zakho

Zama ukuyinaka ingane yakho lapho isikulungele ukukhuluma

“Ngiye ngafunda ukulalela, ukulalela, ukulalela. Akukhathaliseki ukuthi ngikhathele kangakanani.”—UMIRANDA WASENINGIZIMU AFRIKA.

Inselele.

UCristina uthi, “Inselele engibhekene nayo akukhona nje ukuchitha isikhathi nendodakazi yami, kodwa ukuba ngiyinake futhi ngiyisekele nangokomzwelo naphezu kwayo yonke eminye imisebenzi enginayo nokukhathala.”

Ukusikisela.

Gcina imizila yokukhulumisana ivulekile. U-Elizabeth, ongumama wezingane ezinhlanu, uthi, “Ngizama ukubeka isibonelo, okwenza izingane zingivulele isifuba. Ngizikhuthaza nokuba zikhulumisane futhi zingalokothi ziye kolala zithukuthelelene. Ngaphezu kwalokho, ziyazi ukuthi angiyibekezeleli ‘indaba yokuqudulelana’—ukungakhulumisani.”

Ungazizibi izingane. ULyanne uyabhala, “Ngesikhathi indodana yami isencane, yayikhuluma into engapheli okwakwenza ngiyizibe ezikhathini eziningi. Kodwa lapho isiyibhobhodleyana, yayeka ukukhuluma nami futhi ngaqaphela ukuthi ngangenze iphutha elikhulu. Ngasebenza kanzima—empeleni ngizikhandla—ukuze ngivule umzila wokukhulumisana. Ngakhuluma nomdala othile ebandleni ngale ndaba. Wangeluleka ukuba ngehlise umoya futhi ngiqale ukuxoxa nayo kancane kancane. Ngasithatha iseluleko sakhe, futhi kancane kancane isimo sathuthuka.”

Yiba nesineke. UmShumayeli 3:7 uthi, kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” UDulce, ongumama wezingane ezintathu, uthi, “Lapho izingane zami zizizwa zingathandi ukuxoxa, ngangiziqinisekisa ngokuthi zingaxoxa nami noma nini uma sezithanda ukwenza kanjalo.” Yebo, kunokuphoqelela ingxoxo, yikhuthaze ngobungane nangesineke. Lena inkambo etuswa iBhayibheli. “Imicabango yomuntu injengamanzi asemthonjeni ojulile, kodwa umuntu onokuqonda angayikhipha.”—IzAga 20:5, Good News Translation.

‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) ULizaan, ocashunwe esihlokweni esandulele, uthi, “Kwadingeka ngifunde ukuzibamba uma izingane zami zingitshela ngenkinga ethile. Kwadingeka ngifunde nokuba ngingajahi ukunikeza iseluleko kodwa ngikhulume ngomoya omnene lapho ngisingatha izinto ezicasulayo.” ULeasa, umama wabafana ababili, uyabhala: “Bengingesona isilaleli esihle ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi, izinkinga zamadodana ami zazibonakala ziwubala kimi, ngakho kwadingeka ngifunde ukuba nokuqondisisa kakhudlwana.”

“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe  nomusa.” (Kolose 4:6) ULyanne uthi, “Ukuze ngigcine imizila yokukhulumisana ivulekile, kuye kwadingeka ngizikhandle ukuze ngihlale ngizolile ngangokunokwenzeka, ngisho nalapho kuvela izinkinga ezinkulu.”

Uma uhluleka ukwenza umzamo wokuhlala uzolile, ungase ucasuke bese uyathetha, okungenza isimo sibe sibi nakakhulu! (Efesu 4:31) Ngokwesibonelo, ukuthethisa ingane kungase kuvale imizila yokukhulumisana futhi kuyenze ingezwa nakakhulu. UHeidi, onendodakazi eyevile eshumini nambili, uthi, “Ingane injengesilwanyana sasolwandle esisegobolondweni. Uma ukhuluma nayo ngomusa nangothando, izokhululeka. Uma uyithethisa futhi uyilulaza, umzila wokukhulumisana uyavaleka ‘njengegobolondo.’ Ukuze ngizikhumbuze lokhu, nginesithombe segobolondo lasolwandle elivulekile esiqandisini.”

Zazi izingane zakho. UYasmin, oke wacashunwa ngaphambili, uthi, “Amadodana ami amabili awafani nhlobo. Enye ikhuluma njalo; enye iyazithulela. Le ethulayo, ngifunde ukuthi kungcono ukuba ngingavele ngiyiqonde lapho kunokuthile engifuna ukukukhuluma nayo. Kunalokho, ngikhuluma nayo uma kunokuthile esikwenzayo, njengalapho sidlala umdlalo othile noma isakhuluma ngento eyithandayo. Esimweni esinjalo, ngokuhlakanipha ngivele ngiyibuze ukuthi izizwa kanjani ngalokho engisuke ngifuna ukukhuluma nayo ngakho.”

Kuthiwani uma umfana ezizwa engakhululekile ukukhuluma nonina ngezinto ezithile eziphathelene naye, njengoba kwakunjalo ngendodana kaMisao eyayisiyibhobhodleyana. Yathi, “Ukuthi nje wena awungiqondi.” UMisao wacela usizo kumzalwane ovuthiwe nonokwethenjelwa ebandleni lakubo. Uthi, “Useye waba umeluleki wendodana yami futhi manje nayo isinenhliziyo ezolile.”

Ungayiphambanisi indima yokuba umzali neyokuba umngane. U-Iwona, umama onezingane ezimbili, uthi, “Indodakazi yami eyevile eshumini nambili ngangiyithululela isifuba. Nakuba ngangazi ukuthi kwakungafanele ngenze kanjalo, ngawela kulolo gibe futhi kwadingeka ngililungise iphutha lami.” Nakuba ufuna ukuba nobuhlobo obufudumele nengane yakho, khumbula ukuthi ungumzali, umuntu onegunya phezu kwayo. Uma ulondoloza isithunzi sakho futhi ubonisa ukuvuthwa nokungaguquguquki, wenza kube lula ngengane ukuba ikuhloniphe futhi ilalele lo myalo weBhayibheli: “Bantwana, lalelani abazali benu.”—Efesu 6:1, 2.

‘Bathande abantwana bakho.’ (Thithu 2:4) Izingane zidinga uthando njengoba nje zidinga ukudla nokokuphuza! Ngakho, hlale uziqinisekisa ukuthi uyazithanda—ngezwi nangesenzo! Nazo ngokufanayo, ngeke zigcine nje ngokuzizwa zilondekile kodwa futhi ziyozimisela nakakhulu ukuxoxa nawe futhi zikulalele.