Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Phaphama!  |  Agasti 2010

Imibuzo Ephakama Njalo

Imibuzo Ephakama Njalo

Kungani abanye abantu bekhuluma kabi ngoFakazi BakaJehova?

Abantu abaningi abalazi ngempela iqiniso. Abanye bangase bangawuthandisisi umsebenzi woFakazi wokushumayela. Kodwa iqiniso liwukuthi oFakazi benza lo msebenzi ngoba bethanda umakhelwane, bazi ukuthi “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13.

Ingabe oFakazi BakaJehova bangamaProthestani, ama-Fundamentalist noma ihlelo?

OFakazi BakaJehova bangamaKristu, kodwa abawona amaProthestani njengoba nje bengewona amaKatolika, ngenxa yesizathu esifanayo—bayaqaphela ukuthi izimfundiso ezithile zalezo zinkolo azisekelwe emiBhalweni. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu—owukwenziwa samuntu kothando—uhlukumeza abantu phakade esihogweni somlilo. Futhi alifundisi ukuthi abantu banomphefumulo ongafi noma ukuthi amaKristu kufanele agxambukele kwezombangazwe.—Hezekeli 18:4; Johane 15:19; 17:14; Roma 6:23. *

I-World Book Encyclopedia ithi: “Ama-Fundamentalist ayinhlangano enkulu yamaProthestani e-United States.” Ezinye izinhlangano zama-Fundamentalist “ziye zamukela izikhundla emphakathini nakwezombangazwe ngenxa yokusebenzisa imibhalo yeBhayibheli njengoba injalo.” Leyo ncazelo ayibafaneli oFakazi BakaJehova. Njengoba sekushiwo, bayazigwema ezombangazwe futhi ababacindezeli abanye ngemibono yabo besebenzisa ezombangazwe noma ezinye izindlela. Kunalokho, baxoxa nabantu, ngokuvamile ubuso nobuso bebeka izizathu nobufakazi obugculisayo, belingisa amaKristu okuqala.—IzEnzo 19:8.

Ihlelo liyiqembu eliqembuka enkolweni ethile noma elizehlukanisayo lakhe inkolo entsha. OFakazi BakaJehova abaqembukanga kwelinye isonto. Abalona ihlelo.

Kwenziwani emihlanganweni yoFakazi?

Imihlangano yabo evulekele wonke umphakathi, empeleni iyizifundo zeBhayibheli ezivumela ukuba izilaleli zihlanganyele ezingxenyeni ezithile. Omunye wemihlangano yabo yamasonto onke, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, usiza amalungu ebandla ukuba athuthukise amakhono okufundisa, ukufunda nokucwaninga. Omunye uyinkulumo yeBhayibheli yemizuzu engu-30 ngesihloko esingase sibathakazelise ngokukhethekile abangebona oFakazi. Ngokuvamile ulandelwa isifundo seBhayibheli kusetshenziswa umagazini INqabayokulinda. Imihlangano iqalwa futhi iphethwe ngengoma nomthandazo,  kanti akucelwa mali noma kudluliswe ipuleti lenkongozelo.—2 Korinte 8:12.

OFakazi BakaJehova bayitholaphi imali?

Umsebenzi wabo usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. OFakazi ababakhokhisi abantu ngokubabhapathiza, ngokubashadisa, ngokubangcwabela noma ngokubenzela ezinye izinkonzo zenkolo. Futhi abakukhiphi okweshumi. Noma ubani ofuna ukwenza umnikelo angenza kanjalo ngokuwufaka ngesizotha ebhokisini lomnikelo eliseHholo LoMbuso. OFakazi BakaJehova bashicilela izincwadi zeBhayibheli abazisebenzisayo, okunciphisa izindleko, futhi amaHholo OMbuso abo amaningi anesizotha kanye nezakhiwo zamagatsha kwakhiwa amavolontiya.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayakuvuma ukwelashwa?

Yebo. Empeleni, bazifunela bona nabathandekayo babo ukunakekelwa okungcono kakhulu abangakuthola. Ngaphezu kwalokho, oFakazi abaningi basebenza emkhakheni wezokwelapha njengabahlengikazi, izisebenzi zosizo oluphuthumayo, odokotela abelaphayo nabahlinzayo. Kodwa, oFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. IBhayibheli lithi, ‘Dedani egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29) Ngokuthakazelisayo, liyanda inani lodokotela elibheka ukwelapha ngaphandle kwegazi “njengendlela engcono kakhulu,” ngoba ngokwenza kanjalo izingozi eziningi zempilo ezihlobene nokusetshenziswa kwemikhiqizo yegazi ziyagwenywa.

^ isig. 5 Umbono weBhayibheli ngalezi zindaba nezinye ezibalulekile ungatholakala encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.