UKUBUKEKA
Amagama
Isithombe

(IHubo 127:1)

  1. 1. Jah, namuhla lusuku.

    Sifisa ukukubonga.

    Siswele amazwi,

    ngelungelo nangothando!

    Lo msebenzi omkhulu

    Uwubusise ngempela.

    Sikwazile ukwakha lendlu

    Ngomusa wakho.

    (CHORUS)

    Kube ilungelo Jehova,

    uk’kwakhela le ndlu yakho.

    Sengathi s’ngakukhonza zonke izinsuku,

    Sikunikeze udumo.

  2. 2. Sithokoza kakhulu,

    Sizakhele abangane!

    Ngeke silukhohlwe lol’ suku

    Ngeke nanini!

    Sisebenzé ngok’zwana,

    Ngenxa yomoya wakho Nkos’.

    Sadumisa igama lakho.

    Yeka umvuzo!

    (CHORUS)

    Kube ilungelo Jehova,

    uk’kwakhela le ndlu yakho.

    Sengathi s’ngakukhonza zonke izinsuku,

    Sikunikeze udumo.