Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 9

UJehova UyiNkosi Yethu!

UJehova UyiNkosi Yethu!

(IHubo 97:1)

  1. 1. Dumisan’ uJehova bantu,

    Amazulu asho uk’lunga kwakhe.

    Mas’hubele uJah futhi simdumise

    Ngezenzo zakhe ezinkulu.

    (CHORUS)

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

  2. 2. Memezelan’ udumo lwakhe;

    Ngoba uJehova uyasindisa.

    Ngoba uyiNkosi; ufanel’ udumo.

    Masikhothame phambi kwakhe.

    (CHORUS)

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

  3. 3. Useyabusa ngokulunga.

    Es’hlalweni ubeke iNdodana.

    Bonke onkulunkulu mabahlazeke,

    Udumo lungolwaKhe yedwa.

    (CHORUS)

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

    Amazul’ ename, ujabul’ umhlaba,

    Ngob’ uJehova uyiNkosi!

(Bheka neyoku-1 IziKr. 16:9; IHu. 68:20; 97:6, 7.)