Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 89

Lalela, Ubusiswe

Lalela, Ubusiswe

(Luka 11:28)

  1. 1. Masilalele uKristu ngezenzo.

    Iz’mfundiso zakhe ziqondile.

    Ukuzazi kuyasijabulisa,

    Siyobusiswa masiz’lalela.

    (CHORUS)

    Lalela, ubusiswe

    Lapho uzwa im’yalo.

    Ngena ekuphumuleni kwakhe,

    Lalela ubusiswe.

  2. 2. Ukulalela kuyasivikela

    Njengendlu eyakhiw’ edwaleni.

    Uma silalela iziqondiso,

    Siyokujabulela uk’phila.

    (CHORUS)

    Lalela, ubusiswe

    Lapho uzwa im’yalo.

    Ngena ekuphumuleni kwakhe,

    Lalela ubusiswe.

  3. 3. Njengomuthi ongasemifuleni

    Othel’ izithelo ngesikhathi,

    Uma silalela uNkulunkulu,

    Siyobusiswa ngokucebile.

    (CHORUS)

    Lalela, ubusiswe

    Lapho uzwa im’yalo.

    Ngena ekuphumuleni kwakhe,

    Lalela ubusiswe.