UKUBUKEKA
Amagama
Isithombe

(IHubo 25:4)

  1. 1. Sihlangene ndawonye Nkulunkulu,

    Njengoba nje usimemile.

    IZwi lakho Jehova liyis’bani,

    Umthombo wemfund’ ephakeme.

    (CHORUS)

    Ngifundise izindlela zakho;

    Ngenze ngizw’ umthetho wakho Nkosi;

    Ngihambe ezindleleni zakho;

    Ngijabulele umthetho wakho.

  2. 2. Ukuhlakanipha kwakho kukhulu,

    Nezinqumo zakho Jehova.

    IZwi lakho lis’shiya sikhexile;

    Amazwi akh’ akhona njalo.

    (CHORUS)

    Ngifundise izindlela zakho;

    Ngenze ngizw’ umthetho wakho Nkosi;

    Ngihambe ezindleleni zakho;

    Ngijabulele umthetho wakho.