Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

‘Culela UJehova Ngenjabulo’

 INGOMA 87

Wozani! Niqabuleke

Khetha Uhlobo Lomculo
Wozani! Niqabuleke
UKUBUKEKA
Amagama
Isithombe

(Hebheru 10:24, 25)

  1. 1. Siphila ezweni elidukile;

    Aliyaz’ indlela kaJah.

    Siding’ isiqondiso saphezulu;

    Asinakuziqondisa.

    Imihlangano ikhanyis’ ithemba;

    Iyasakha okholweni.

    Sithola amazwi akhuthazayo,

    Siqine sibe namandla.

    Ngeke sikuyeke ukuhlangana;

    Sifun’ ukwenza okuhle.

    Siqondiswa ngezindlela ezinhle;

    Sivuselelwe uthando.

  2. 2. UJah uyazaz’ izidingo zethu;

    Kufanele simlalele

    Ukuba nesikhathi sok’hlangana,

    Kusho ukwethemba iZwi.

    Abazalwane bayasifundisa

    Ngemisebenzi yokholo.

    Ngokusekela kothando kwabanye,

    Sizizwa silondekile.

    Njengoba siqhubekela phambili

    Siyothola abangane.

    Sizofundiswa ukuhlakanipha

    Okuvela kuJehova.