Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 83

“Endlini Ngendlu”

“Endlini Ngendlu”

(IzEnzo 20:20)

  1. 1. Ezindlini, emakhaya,

    Sisakaza izwi.

    Emizini, edolobhen’,

    Kondliwa izimvu.

    Kushunyayelw’ izindaba,

    Zok’busa koMbuso

    Zishunyayelw’ emhlabeni

    Yintsha nabadala.

  2. 2. Ezindlini, emakhaya,

    Sileth’ insindiso.

    Iza kwabazikhethela

    Igama likaJah.

    Bangalibiza kanjani

    Uma bengalazi?

    Ngakho ezindlini zabo,

    Siyal’memezela.

  3. 3. Masishumayele njalo

    I’ndaba zoMbuso.

    Mabazikhethele bona,

    Ukuzamukela.

    Sibatshela ngoJehova,

    Neqiniso lakhe.

    Ngokushumayela kwethu,

    Sithola izimvu.