Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 8

UJehova Uyisiphephelo Sethu

UJehova Uyisiphephelo Sethu

(IHubo 91)

  1. 1. UJehov’ uyinqaba,

    Sithembela kuye.

    Umthunzi kaSomandla,

    Masihlale kuwo.

    Uyosivikela njalo,

    Uma sithembela kuye.

    UJehov’ is’vikelo,

    Uthembekil’ ulungile.

  2. 2. Nom’ eceleni kwakho

    Kuw’ i’nkulungwane,

    Uma uqotho njalo,

    Wohlal’ uphephile.

    Awuy’kwesaba noma-ke

    Kusondel’ ingozi kuwe.

    Woy’buka nje ngamehlo,

    Uyophepha phansi kwakhe.

  3. 3. UJah uyos’vikela

    Ez’ngibeni zonke.

    Ngisho nasebusuku

    Nasemin’ imbala.

    Awuy’kuba nasizathu,

    Sokwesaba noma yini.

    UJehov’ is’vikelo,

    Uyohlal’ esiqondisa.