Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 78

“Ukufundisa IZwi LikaNkulunkulu”

“Ukufundisa IZwi LikaNkulunkulu”

(IzEnzo 18:11)

  1. 1. Kunenjabulo kwabafundis’,

    IZwi likaJah,

    Izinzuzo ezingeqhathaniswe

    Nalutho.

    Silingisa iNdodana,

    Ngok’fundisa kwayo.

    Njengoba s’bafundisa,

    Basondela kuJehova.

  2. 2. Njengabafundisi beZwi

    S’hlala siqaphile;

    ’Ze ukukhanya kukaJah

    Bakubone kithi.

    Simba sijule eZwini,

    Ngoba licebile.

    Ukuze sabelane nabanye,

    Sizuze nathi.

  3. 3. UJah uyasihlomisa,

    Ngokokufundisa.

    Uma s’nxusa ngomthandazo

    Siyaz’ uyosizwa.

    Siyakuthand’ okuseZwin’

    Kuyiqiniso nje.

    Uma s’thanda abafundi

    Ba fund’ ukus’lingisa.