UKUBUKEKA
Amagama
Isithombe

(Isaya 6:8)

  1. 1. Abantu balihlazile,

    Igama likaJehova.

    Abanye bath’ ubuthaka.

    Isiwula sith’ “Akekho!”.

    Uban’ oyohlanz’ iGama?

    Ubani oyobatshela?

    (CHORUS 1)

    “Ngila Nkosi! Thuma mina.

    Ngiyoxwayisa abanye.

    Kuyilungelo kimina Nkos’!

    Ngilapha! Thuma mina.”

  2. 2. Abantu bath’ uyephuza;

    Abamazi uJehova.

    Bakhulekel’ izithombe;

    Baze bakhonz’ uKhesari.

    Uban’ oyobaxwayisa

    Ngempi yeNkos’ yokugcina?

     (CHORUS 2)

    “Ngila Nkosi! Thuma mina.

    Ngobaxwayisa nges’bindi.

    Kuyilungelo kimina Nkos’!

    Ngilapha! Thuma mina.”

  3. 3. Abamnene bayakhala

    Ngenxa yokwanda kwababi.

    Ngobuqotho bayafuna

    Ukuthola iqiniso.

    Uban’ oyobaduduza,

    Basizwe bathol’ uk’lunga?

    (CHORUS 3)

    “Ngila Nkosi! Thuma mina.

    Ngofundisa abamnene.

    Kuyilungelo kimina Nkos’!

    Ngilapha! Thuma mina.”