Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 7

UJehova Ungamandla Ethu

UJehova Ungamandla Ethu

(Isaya 12:2)

  1. 1. Jehova Nkosi ungamandl’ ethu,

    Msindisi wethu s’jabula ngawe.

    SingoFakazi bez’ndaba zakho,

    Noma bezizwa noma bez’nqaba.

    (CHORUS)

    Jehova, Dwala, namandla ethu,

    Siyok’dumisa Baba wethu.

    Jehova Nkosi unguSomandla,

    Uyisiphephelo; UyiNqaba.

  2. 2. Thin’ esik’khonzayo s’yajabula;

    Amehl’ ethu abon’ iqiniso.

    NgemiBhalo sizw’ im’yalo yakho;

    Sizikhethela uMbuso wakho.

    (CHORUS)

    Jehova, Dwala, namandla ethu,

    Siyok’dumisa Baba wethu.

    Jehova Nkosi unguSomandla,

    Uyisiphephelo; UyiNqaba.

  3. 3. Ngenjabulo senz’ intando yakho.

    Sathan’ yahlupha sithemba wena.

    Nom’ es’bulala sisize Nkosi

    Silwele njalo ub’Khosi bakho.

    (CHORUS)

    Jehova, Dwala, namandla ethu,

    Siyok’dumisa Baba wethu.

    Jehova Nkosi unguSomandla,

    Uyisiphephelo; UyiNqaba.

(Bheka neyesi-2 Sam. 22:3; IHu. 18:2; Isaya 43:12.)