Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 69

Phambili, Nina Zikhonzi ZoMbuso!

Phambili, Nina Zikhonzi ZoMbuso!

(2 Thimothewu 4:5)

  1. 1. Phambili ek’shumayeleni

    Kuyo yonke indawo.

    Nibonis’ uthando kubantu,

    Nisize abamnene.

    Inkonzo yethu iyigugu;

    Siyifeza ngenjabulo.

    Qhubekani nishumayela;

    Nifakaze ngoJehova.

    (CHORUS)

    Phambili,

    shumayelani ngoMbuso ngesibindi.

    Phambili,

    ngokwethembeka njalo kuNkulunkulu.

  2. 2. Izikhonzi ziyaqhubeka

    Zibheke emvuzweni.

    Silandel’ uKristu eduze

    Ngenhliziyo emsulwa.

    Izindab’ ezinhle zoMbuso

    Kumelwe bazizwe bonke.

    UJehov’ usipha amandla;

    Masiqunge isibindi!

    (CHORUS)

    Phambili,

    shumayelani ngoMbuso ngesibindi.

    Phambili,

    ngokwethembeka njalo kuNkulunkulu.